AmaHubo
Kumqondisi; ngenothi
“Lenyamazane Yokuntwela Kokusa.”* Ihubo likaDavide.
22 Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni? +
Kungani ungangisindisi,
Ungakuzwa ukukhala kwami ngenxa yosizi? +
2 Nkulunkulu wami, ngilokhu ngikubiza emini, kodwa awuphenduli; +
Nasebusuku angithuli.
8 “Uthembele kuJehova. Makamkhulule!
Makamsindise, ngoba Yena umthanda kakhulu!” +
9 Nguwe owangikhipha esibelethweni, +
Owangenza ngazizwa ngilondekile emabeleni kamama.
10 Selokhu ngazalwa ubulokhu unginakekela;*
UbunguNkulunkulu wami kwasesibelethweni sikamama.
14 Ngithululiwe njengamanzi;
Wonke amathambo ami ahlukene.
15 Amandla ami aphelile, senginjengesitsha sobumba; +
Ulimi lwami lunamathele olwangeni lwami; +
Ungiletha emgodini ukuze ngife. +
16 Ngoba izinja zingizungezile; +
Zingizungeze njengeviyo labenzi bokubi, +
Njengebhubesi, zisezandleni nasezinyaweni zami. +
17 Ngingawabala wonke amathambo ami. +
Izitha ziyangibheka, zingigqolozele.
18 Zihlukaniselana ngezingubo zami,
Zenza inkatho ngezingubo zami. +
19 Kodwa wena, Jehova, ungabi kude. +
Ungamandla ami; shesha ungisize. +
20 Ngisindise* enkembeni,
Ukuphila kwami okuyigugu* ezidladleni zezinja; +
21 Ngisindise emlonyeni webhubesi + nasezimpondweni zezinkunzi zasendle;
Ngiphendule ungisindise.
23 Nina enesaba uJehova, mdumiseni!
Nonke nina nzalo* kaJakobe, mkhazimuliseni! +
Nimesabe nonke nina nzalo* ka-Israyeli.
24 Ngoba akazange akudelele noma akushalazele ukuhlupheka komuntu ocindezelwe; +
Akazange amfihlele ubuso bakhe, +
Wezwa lapho ekhalela usizo kuye. +
25 Ngizokudumisa ebandleni elikhulu; +
Ngizozigcwalisa izifungo zami phambi kwabamesabayo.
Kwangathi bangaphila* kuze kube phakade.
27 Umhlaba wonke uyokhumbula ubuyele kuJehova.
Zonke izizwe ziyokhothama phambi kwakho. +
28 Ngoba ubukhosi bungobukaJehova; +
Ubusa izizwe.
29 Bonke abacebile* bomhlaba bazodla bakhothame phansi;
Bonke abehlela phansi othulini bazoguqa phambi kwakhe;
Akekho kubo ongalonda ukuphila kwakhe.
30 Inzalo* yabo iyomkhonza;
Isizukulwane esizayo siyotshelwa ngoJehova.
31 Bayofika balandise ngokulunga kwakhe.
Bayotshela isizwe esisazozalwa lokho akwenzile.