AmaHubo
Kumqondisi; ngenothi elithi “Ungabhubhisi.” ElikaDavide. Imiktamu.* Lapho uSawule ethumela amadoda ukuba ayoqapha indlu kaDavide ukuze ambulale. +
2 Ngikhulule kwabenza okubi,
Ungisindise kubantu abanobudlova.*
3 Bangicuthele; +
Jehova, amadoda anamandla ayangihlasela,
Kodwa hhayi ngoba ngivukele noma ngonile. +
4 Nakuba ngingenzanga lutho olubi, bayagijima balungele ukuhlasela.
Vuka lapho ngikubiza ubone.
5 Ngoba wena, Jehova Nkulunkulu wamabutho, unguNkulunkulu ka-Israyeli. +
Vuka ukuze unake zonke izizwe.
Ungabi nasihe kunoma yimaphi amambuka alimazayo. + (Sela)
7 Bheka ukuthi kuphumani emilonyeni yabo;
Izindebe zabo zinjengezinkemba, +
Ngoba bathi: “Ngubani olalele?” +
9 O Mandla ami, ngiyohlale ngikulindile; +
10 UNkulunkulu ongibonisa uthando oluqotho uyongisiza; +
UNkulunkulu uyongenza ngibone lapho izitha zami zinqotshwa. +
11 Ungababulali, ukuze isizwe sami singakhohlwa.
Ngamandla akho benze bazulazule;
Benze banqotshwe, Jehova hawu lethu. +
12 Kwangathi bangabanjwa ukuziqhenya kwabo, +
Ngenxa yesono somlomo wabo, izwi lezindebe zabo,
Nangenxa yokuqalekisa nokukhohlisa kwabo.
13 Baqede ngentukuthelo yakho; +
Baqede, ukuze bangabe besaba khona;
Mabazi ukuthi uNkulunkulu ubusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba. + (Sela)
14 Mababuye kusihlwa;
Mabagwavume njengezinja bajikeleze idolobha. +
15 Mabazulazule befuna ukudla; +
Ungabavumeli ukuba baneliseke noma bathole indawo yokuhlala.
16 Kepha mina, ngizohlabelela ngamandla akho; +
Ekuseni ngizokhuluma ngenjabulo ngothando lwakho oluqotho.