AmaHubo
Kumqondisi weNehiloti.*
Ihubo likaDavide.
5 O Jehova, lalela amazwi ami; +
Naka ukuquma kwami ngenxa yosizi.
2 Ngizwe lapho ngicela usizo kuwe,
Nkosi yami noNkulunkulu wami, ngoba ngithandaza kuwe.
3 O Jehova, ekuseni uyolizwa izwi lami; +
Ekuseni ngiyokutshela okungikhathazayo + bese ngilindela impendulo.
5 Akukho muntu oziqhayisayo ongama phambi kwakho.
UJehova uyabenyanya abantu abanobudlova nabakhohlisayo. *+
7 Kodwa mina ngizongena endlini yakho + ngenxa yobukhulu bothando lwakho oluqotho; +
Ngizokhothama ngibheke ethempelini lakho elingcwele* ngenhlonipho. +
8 O Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami;
Ngisize ngihambe endleleni yakho ngaphandle kwezithiyo. +
9 Ngoba akukho ezikushoyo okungathenjwa;
Izinhliziyo zazo zigcwele ububi.
Umphimbo wazo uyingcwaba elivulekile;
Zilalisa ulimi. +
10 Kodwa uNkulunkulu uyozilahla ngecala;
Amacebo azo ayozilethela inhlekelele. +
Kwangathi zingaxoshwa ngenxa yezeqo zazo eziningi,
Ngoba zihlubukile kuwe.
11 Kodwa bonke abaphephela kuwe bayojabula; +
Bayohlale behalalisa ngenjabulo.
Uyovimba ukuba kungasondelwa kubo,
Labo abathanda igama lakho bayothokoza ngawe.
12 Ngoba wena Jehova, uyobusisa noma ubani olungile;
Uyombonisa umusa, umvikele njengokungathi ngehawu elikhulu. +