AmaHubo
113 Dumisani uJah!*
Mdumiseni nina zinceku zikaJehova,
Dumisani igama likaJehova.
2 Kwangathi igama likaJehova lingadunyiswa
Kusukela manje kuze kube phakade. +
3 Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo,
Igama likaJehova malidunyiswe. +
6 Uyagoba ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, +
7 Aphakamise ophansi othulini.
Uphakamisa ompofu endundumeni yomlotha *+
8 Ukuze amenze ahlale kanye nezicukuthwane,
Nezicukuthwane zabantu bakhe.
Dumisani uJah!*