Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 1/8 k. 24
  • Ukumpompela Igazi Nokucindezela Kontanga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukumpompela Igazi Nokucindezela Kontanga
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukumpontshelwa Igazi Ingabe Kuyisihluthulelo Sokusinda?
    I-Phaphama!—1990
  • Ukwelapha Ngokumpompela Igazi—Ingabe Ikusasa Lako Lilondekile?
    I-Phaphama!—2006
  • Ukumpontshelwa Igazi—Kulondeke Kangakanani?
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 1/8 k. 24

Ukumpompela Igazi Nokucindezela Kontanga

Abantu abaningi namuhla, kuhlanganise nabanye odokotela, bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi. Ngaziphi izizathu? Hhayi ngenxa yezizathu ezingokwenkolo, njengoba kwenza oFakazi BakaJehova, kodwa ngenxa yezizathu ezingokwezokwelapha. Kungani kunjalo? Ngenxa yezingozi ezingokwemvelo (ezinjengokuqina kwesibindi, ingculaza, kanye nokucindezeleka kwesimiso sokuzivikela komzimba) lezo ezivame ukuthwalwa igazi lomunye. Nokho, ezimweni eziningi lapho igazi lituswa khona, abangane nezisebenzi zasesibhedlela bathambekele ekucindezeleni isiguli ukuba samukele ukumpontshelwa igazi. Kodwa ngokuvamile kukhona olunye uhlobo lokucindezela olusebenzayo​—⁠ukucindezela kontanga bodokotela abelaphayo.

IJournal of the American Medical Association yabika kweyangoJuly 25, 1990: “Ubufakazi bubonisa ukuthi imikhiqizo yegazi, njengeminye imithombo yokunakekela impilo, ngokuvamile isetshenziswa ngokungafanele . . . Senza ukuzihlolela kodokotela abahlinzayo abangu-122, odokotela abahlinza izinkubela, kanye nezazi zemithi ebulala imizwa basezibhedlela ezintathu ukuze sithole isilinganiso sethonya lezici eziningana ezingokwelapha nezingezona ezokwelapha ekwenzeni isinqumo sokumpompela igazi. Sathola ukushiyeka okusakazekile olwazini lodokotela lwezingozi zokumpompela igazi kanye nezinkomba zakho.”

Kushiwoni “ngezici ezingezona ezokwelapha”? Umbiko uyaphendula ngokwengxenye: “Izinqumo zodokotela zithonywa izisebenzi ezikanye nabo abaxhumene nazo ngokomsebenzi wona noma ngokwezenhlalo. Ithonya lokucindezela kontanga lizwakala kakhulu lapho odokotela abaningana besebenza ndawonye . . . Kulezizimo, ngezinye izikhathi okwenziwayo kungase kushukunyiswe yilokho okulindelwe untanga osesikhundleni esiphezulu noma onethonya, isifiso sokuhambisana nemibono yeqembu, noma isifiso sokugwema ukugxekwa.”

Isihloko sachaza ukuthi “nokho bangu-10% kuphela abaye bampompela igazi ngokungafanele kanye ngenyanga noma ngaphezulu ukuze bajabulise abasebenza naye . . . Izakhamuzi ezingu-61% zabonisa ngokugcwele ukuthi zazimpompele okungenani kanye ngenyanga igazi ezicabanga ukuthi kwakungadingekile ngenxa yokuthi udokotela ongaphezu kwabo wayesikisele ukuba benze kanjalo.” Ngaphandle kwaloluhlobo lokucindezela kontanga abasebenza nabo, isiphi esinye isici esingabangela ukuba udokotela akhiphe isiyalezo sokumpontshelwa igazi?

“Abanye odokotela bangase bathonywe ukuba banikeze ukwelapha okuthile ngenxa yokukhetha ukuba benze amaphutha okwenza ngendlela okuyalezwe ngayo kunamaphutha okungenzi.” Omunye uchwepheshe wezokwelapha “wasikisela ukuthi isiyalezo senkantolo esidala okuthiwa iPrimum non nocere (‘Okokuqala ungenzi ngozi’) ngokuvamile singayekwa kukhethwe umthetho othi ‘Qale wenze okuthile.’ Lokho kuthambekela kokuthatha isinyathelo kungase kube isici esichaza isenzo esingafanelekile sokumpontshelwa igazi.”

Ingabe iziguli ziyazazi izingozi zokumpompela igazi? “Ngokwesilinganiso, odokotela bathi ingxenye yeziguli abayaleza ukuba zimpontshelwe amangqamuzana abomvu egazi zizwakalisa ukukhathazeka ngezingozi zokumpontshelwa igazi.”

Ngokuqinisekile, lokhu kubonisa ukuthi emkhakheni wokumpompela igazi, udokotela ofundile nesiguli esifundile basesimweni esingcono sokugwema izingozi ezingadingekile. UmKristu ofundile unesivikelo esingcono ngisho nangaphezulu​—⁠iseluleko sikaJehova ngokumelene nokusetshenziswa kabi kwegazi.​—⁠Genesise 9:​3, 4; Levitikusi 17:​13-16; IzEnzo 15:​19, 20, 28, 29.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela