Kungani “Kunenkulumo-ze”?
Ngo-1622, uPapa Gregory XV wakha ibandla, noma ikomiti, lokhadinali abangu-13, abashumayeli ababili, nonobhala ukuze liqondise izithunywa zeSonto LamaRoma Katolika. Walibiza ngokuthi iCongregatio de Propaganda Fide—iBandla Lokusakaza Ukholo—noma ngamafuphi iPropaganda (inkulumo-ze). Ngokuhamba kwesikhathi leligama lasho noma yimuphi umzamo wokusakaza imiqondo noma izinkolelo ukuze abantu benziwe amaproselithe.
Namuhla, igama elithi “inkulumo-ze” livame ukuhlanganiswa nokuphendukezelwa kwamaqiniso, ukuthonywa ngokungathembeki kwezingqondo zabantu, ngokwesibonelo esikhathini sempi. Kodwa ezinye iziphathimandla zinomuzwa wokuthi ngisho nokukhangisa okungcono kakhulu kungachazwa kahle njengokuyinkulumo-ze, ikakhulukazi uma kuhilela ukuphoqa. IWorld Book Encyclopedia iyaphawula: “Abafundisi emphakathini ebuswa ngentando yeningi bafundisa abantu indlela yokucabanga, kodwa abenkulumo-ze babatshela okufanele bakucabange.”