Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 1/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 1/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukubhuqa Ngasazisa isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Iyini Ingozi Yokubhuqa?” (September 22, 1991) Lokhu kuyinto ebesekuyiminyaka eminingi nginecala layo. Kaningi bekubhekwa njengokuntela, kodwa uma ngibheka emuva ngiyabona futhi ukuthi bekuwuhlobo oluthile lwendlela yokuzivikela, ukusibekela imizwa yokuzinyeza esinesikhathi eside. Nokho, njengoba ngiye ngafunda lesihloko ngihlose ukwehlukana nalomkhuba omubi futhi olimazayo ngezinye izikhathi.

C. T., England

Ukulalela Izixwayiso Zomzimba Ngonyaka odlule ngalaliswa esibhedlela izinyanga ezintathu ngenxa yokuphazamiseka kwesizalo. Eminyakeni eminingi ngangiye ngaba nezimpawu ezixwayisayo, kodwa angizange nginake kangako. Ekugcineni ngaya esibhedlela futhi ngathola ukuthi kwakudingeka ukuhlinzwa okusheshayo. Ukuba ngangifunde isihloko senu esithi “Ukulalela Izixwayiso Zomzimba” (October 8, 1991) emuva ngalesosikhathi, mhlawumbe ngangizoba nesibindi sokuya kudokotela kusenesikhathi.

M. U., Japan

Isipholisa-moya Isihloko esithi “Ingabe Uyasidinga Isipholisa-moya?” (June 22, 1991) sangikhanga, njengoba sekuyiminyaka engaphezu kwengu-35 ngisebenza ukulungisa izipholisa-moya. Emuva ngawo-1950, lapho ngiqala ngifunda umsebenzi wami, kwakudingeka sitadishe indaba yamaBtu izinsuku eziningana. Lendaba niyichaze ngendlela elula kakhulu neqondakalayo esigabeni esisodwa nje! Ngifisa sengathi ngabe nganginaso lesihloko emuva ngalesosikhathi.

A. D., United States

Impikiswano Yegazi Ngisanda kufunda isihloko esikhuluma ngoWyndham Cook, esithi “Namuhla Kusihlwa Uzobe Usufile.” (August 22, 1991) Ayikaze inhliziyo yami ithintwe isihloko njengoba kwenze lesi. Ngithandazela ukuba uJehova abe nabazali bakhe nokuthi sonke silandele isibonelo sokholo oluqinile esibekwe yilensizwa.

J. T., United States

Njengoba nami ngineminyaka engu-15 ubudala, kuyakhuthaza ukwazi ukuthi amaKristu asemasha aye abonisa ukuzinikela okunjalo kuNkulunkulu. Kwangihlengezelisa izinyembezi ukufunda ngokulwa okuhle kokukholwa kukaWyndham Cook. Ngithandazela ukuba uma ngisesimweni esifanayo, ngikwazi ukuzibonakalisa ngithembekile.

D. L., United States

Imfucumfucu Ngiyanibonga ngesihloko senu esithi “Lapho Imfucumfucu Ingalawuleki.” (August 8, 1991) Ngiye ngalwa lempi ingxenye enkulu yeminyaka yami yokuphila engu-44, futhi ngingasebenzisa noma iluphi usizo engingaluthola. Nginibonga kakhulu ngokusikisela kwenu okusebenzayo.

C. R., United States

Umyeni wami wasifunda kuqala lesihloko futhi ngobuciko wabonisa ukuthi ikhaya lethu lalinemfucumfucu! Sasisanda kuqeda ukukhucululisisa indlu, futhi ngacabanga ukuthi ikhaya lethu lalingakaze libukeke kangcono kunalokho. Khona-ke kwafika ithuba lami lokufundisisa lesihloko. Yeka indlela engahleka ngayo lapho ngiqaphela isimo sangempela sekhaya lami! Isihloko senu sangisiza ukuba ngigudluze izintaba zemfucumfucu. Ngiyanibonga.

S. C., United States

Ukungasebenzi Ngifuna ukunibonga ngokusuka enhliziyweni ngochungechunge lwezihloko ezithi “Indlela Yokubhekana Nokulahlekelwa Umsebenzi.” (August 8, 1991) Esikhathini esingangonyaka esidlule umyeni wami walahlekelwa umsebenzi wakhe ngokungazelelwe, futhi akakaphumeleli ekutholeni omunye ofana nawo. Lokhu kuye kwaba inselele yangempela kithi. Ngiyanibonga ngokusinikeza ngaso sonke isikhathi izwi eliduduzayo.

R. S., Brazil

Ukwakha Emhlabeni Wonke Sajabula ngokuthola isihloko esithi “Kumelwe Nikwenze Nakanjani.” (April 22, 1991) Safika esontweni elilodwa nje ngaphambi kokuba mina nomkami sihambe siyokhonza njengezisebenzi zokuzithandela esakhiweni seWatch Tower esakhiwayo eColombia, eNingizimu Melika. Lesihloko sasinika ‘umbono okhethekile wangaphambili’ walokho okwakumelwe sikulindele. Sakwazi futhi ukuhambisa amakhophi amaningi kwabomndeni, ezisebenzini, kubantu abathakazelayo, nasezifundweni zeBhayibheli ngaphambi kokuba sihambe. Sabasiza ukuba bawuqonde kangcono umsebenzi esasinelungelo lokuhlanganyela kuwo.

T. G., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela