Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Abesifazane BaseNdiya Ngasijabulela isihloko esithi “Abesifazane BaseNdiya—Baphokophele Ekhulwini Lama-21.” (July 22, 1995) Belilokhu lingithakazelisa kakhulu elaseNdiya, njengoba linempucuko ehluke ngempela kweyami. Isihloko senu sabonisa ukuthi abesifazane baseNdiya bayothola inkululeko yangempela ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu kuphela. Ngibheke phambili esikhathini lapho bonke abesifazane beyothandwa futhi baziswe ngempela abayeni babo ababahloniphayo.
W. S., British Columbia
Ukulahlwa Umkhaya Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi ngibhala ukuze nginibonge ngesihloko esithi “Umkhaya Owangithanda Ngempela.” (July 22, 1995) Saluqinisa ngempela ukholo lwami. U-Udom Udoh uyisibonelo esihle sentsha kuyo yonke indawo. Wabonisa ngempela ukuthi ungalimelela iqiniso usemncane kakhulu.
A. M., United States
Njengo-Udom, ngemva kokuqala ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, ngabhekana nokuphikiswa. Nami ngaxoshwa ekhaya. Ngemva kokushushiswa kakhulu ngamazwi nangokomzimba, ngahamba. Umdala othile nomkakhe banginakekela ngomusa. Isihloko senu sangiqinisa ngempela. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukuba ingxenye yalomkhaya ohlukile wembulunga yonke!
L. J., United States
Ukuba Umngane KaNkulunkulu Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngingaba Umngane KaNkulunkulu Ngempela?” (July 22, 1995) Sangikhalisa. Ngineminyaka engu-13 ubudala futhi ngiye ngenza izinto ezimbi kakhulu. Abanye babezama ukungikhuthaza, kodwa ngangisakuthola kunzima ukuthandaza kuJehova. Ngangicabanga ukuthi akasangithandi ngenxa yamaphutha ami amaningi. Lesi sihloko sangibonisa ukuthi uNkulunkulu uyathethelela nokuthi ngingathandaza kuye.
J. D., Germany
NjengoDoris, owacashunwa kulesi sihloko, ngangizizwa ngingakufanelekele ukuba umngane kaNkulunkulu. Ngiyambonga uJehova ngokunginikeza lolu sizo. Luye lwangisiza ukuba ngiqonde ukuthi uma ngiphenduka ezenzweni zami ezimbi, uzimisele ukungithethelela futhi abe uMngane wami. Ngithemba ukuthi ngeke niyeke ukunyathelisela intsha lezi zihloko.
B. M. A., Spain
Ukunqamuka Kokuya Esikhathini Siphethe inkampani ethaka imithi yezifo zabesifazane. Sasithola sithakazelisa kakhulu isihloko esikhuluma ngokunqamuka kokuya esikhathini esithi “Ukuzuza Ukuqonda Okungcono” (February 22, 1995), futhi siyajabula ngokuthi nabhala ngalendaba. Nokho, ibhokisi elithi “Kuthiwani Ngokwelapha Kokubuyisela I-estrogen?” lithi “ukunezela i-progesterone ekwelapheni kokubuyisela ama-hormone . . . kuthiya umphumela ozuzisayo we-estrogen esifweni senhliziyo.” Lokhu akulona iqiniso ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi ngama-progestin angokwemvelo.
Dr. T. W. noJ. K., Germany
Siyabonga ngokwaziswa kwamuva. Nakuba imithombo yangesikhathi esidlule yabonisa ukuthi ama-“progestin” angase anciphise amazinga e-HDL, noma i-“cholesterol” “efanele,” kanjalo andise ingozi yesifo senhliziyo, ukucwaninga kwamuva nje kubonisa okuphambene. Ukuhlola kwamuva okwabikwa kuyi-“JAMA” ka-January 18, 1995 kubonisa ukuthi “i-estrogen iyodwa noma lapho ihlanganiswe ne-progestin ithuthukisa [amazinga e-cholesterol ‘efanele’].” Ngokungangabazeki kuyomelwe kwenziwe ukucwaninga okwengeziwe ngaphambi kokuba iqondwe ngokugcwele yonke imiphumela yesikhathi eside yokwelashwa ngama-hormone.—ED.
Ukuziphendukela Kwemvelo Ngisanda kuqeda ukufunda uchungechunge oluthi “Inkolelo-mbono Eyamangalisa Izwe—Liyini Ifa Layo?” (August 8, 1995) Ngasabela kanjani? Ngahlabeka umxhwele kakhulu. Ngabamba ongezansi! Lesi sihloko sabhalwa ukuba sisingathe izindaba ezihlukahlukene, ngokwenaba. Zonke izingcaphuno zembula ukucwaninga okujulile. Ngaphezu kwakho konke, sasikhanyisela ngomphumela wangempela wemfundiso yokuziphendukela kwemvelo engqondweni yomuntu. Bengingazi! Ezweni ziyantuleka izinto ezinhle ezifundwayo, kodwa niye nabhekana nalenselele.
R. H., United States