Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
INdoda Yeqhwa Yase-Alps Ngisanda kuqeda nje ukufunda esithi “Impicabadala YeNdoda Yeqhwa Yase-Alps.” (May 8, 1995) Kumelwe ngivume ukuthi lapho ngisithola okokuqala, angizange ngempela ngicabange ukuthi ngingayithanda lendaba. Kodwa ngithole lesi sihloko sithakazelisa ngokumangalisayo! Ngiyayazisa indlela esibonise ngayo ukuthi umbono ovamile wabantu “basendulo” awuqondile.
J. S., United States
Isihloko esikhangayo salomagazini sangisiza ukuba ngiwuhambisele indoda engahlangana nayo esitimeleni. Ngaphinde ngahlangana nayo ngesonto elilandelayo, futhi yathi yathola lesi sihloko “singeseqophelo eliphezulu” futhi sithuthukiswe kahle. Yamukela ikhophi yamuva ye-Nqabayokulinda.
G. C., Japan
Ukunqamuka Kokuya Esikhathini Ochungechungeni lwenu oluthi “Ukukuqonda Kangcono Ukunqamuka Kokuya Esikhathini” (February 22, 1995), nakhuluma ngokusebenzisa “amafutha emifino noma ezithelo, uwoyela kavithamini-E, noketshezi lokuthambisa” njengamakhambi okuqeda ukoma kwembotshana yabesifazane. Njengomhlengikazi ongumfundi webanga eliphezulu, ngizizwa ngiphoqelekile ukusho ukuthi izinto zokuthambisa ezenziwe ngamafutha nezithelo zingaba yindawo yokukhulela amagciwane. Ngaleyo ndlela zingcono izinto zokuthambisa ezincibilikayo emanzini.
H. W., United States
Siyakwazisa ukuthola lokhu kwaziswa okubukeziwe.—ED.
Lapho ngineminyaka engu-45 ubudala, ngaqala ukuba nesifuthefuthe. Ngasibekezelela iminyaka ethile ngingasebenzisi mithi. Ngakho-ke ngakhala njengoba ngangizwa ukunakekela kothando okuboniswe esihlokweni senu. Sangisiza ukuba ngikuqonde kangcono ukunqamuka kokuya esikhathini, futhi saphendula eminingi yemibuzo yami.
S. T. B. A., Brazil
Imidlalo Ye-computer Ngajabula kakhulu lapho ngibona isihloko esithi “Ingabe Lomdlalo Ukufanele?” (May 8, 1995) Njengomzali, ngithuswa isimo sengqondo sokuyekelela sabathile abacabanga ukuthi lemidlalo iwukuzijabulisa okungenangozi. Kunemidlalo eminingi efundisayo nengenabudlova.
K. G., United States
Ngingumhlaziyi wezinhlelo ze-computer, futhi muva nje nginikwe ikhophi yomdlalo okuthiwa iDoom II ukuba ngiwuhlaziye. Ngithole ukuthi lomdlalo usebenzisa izimpawu zobudemoni, njengeziphambano eziphendukezelwe nezinkanyezi zomlingo. Ngiyathemba ukuthi abantu bayayiqaphela indlela lemidlalo emibi ngayo.
R. B., United States
Umshado Wentsha Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Sashada Sisebancane—Ingabe Singaphumelela?” (April 22, 1995) Njengababonisi bebandla, sasihlele ukwenza ukuhambela kokwalusa embhangqwaneni osemusha owawunezinkinga zomshado. Yeka ukumangala engaba nakho lapho kufika lomagazini! Wawuyilokho kanye esasikudinga ukuze sisize lowo mbhangqwana osemusha. Sacabangela sonke isihloko kanye nayo yonke imibhalo yeBhayibheli ekhonjiwe.
M. C., Brazil
Ukuhlola Kwangaphansi Kolwandle Sasijabulela kakhulu isihloko esithi “Ukulihlola Ngokuphepha Izwe Elingaphansi Kwamaza.” (May 8, 1995) Sisanda kufika nje ekhaya sivela ohambweni lokuya oLwandle Olubomvu futhi sathola ukuthi iseluleko senu sasiwusizo kakhulu. Asihlolanga nje isiqu solwandle esinobucwazicwazi kuphela kodwa songé nemali eningi!
V. C. no-K. B., Italy
Ngezikhathi ezithile mina nomyeni wami siba nezinkinga ngokuphathelene nemidlalo yesikhathi sokuphumula yabafana bethu ababili. Umyeni wami uthanda ukutshuza, futhi muva nje kuvulwe isikole esisha sokutshuza endaweni yakithi. Ngemva kokufunda isihloko senu, ngiyajabula ukuthi sengingaba nonembeza omuhle lapho beba nengxenye.
C. P., Germany
Ukusinda EbuKhomanisini Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Iminyaka Engaphezu Kwengu-40 Singaphansi Kokuvinjelwa AmaKhomanisi.” (April 22, 1995) Inhliziyo yami yathinteka ngokujulile njengoba ngangisifunda. Sangibonisa indlela uJehova anikeza ngayo ukusekela okudingekayo ngesikhathi esifanele ukuze umuntu akwazi ukugcina ubuqotho.
S. A. A., Ghana