“Ukufuna Ingcweti Ephambili”
Leso kwakuyisihloko se-Phaphama! kaNovember 8, 1995. Lesi sihloko sahlaba abafundi umxhwele kuwo wonke umhlaba.
U-Amang, eDouala, eCameroon, wabhala: “Lezi zihloko zaba nethonya kimi ngoba ngiyabuthanda ubuciko, ikakhulukazi ukudweba imifanekiso. Manje ngiyaqonda ukuthi kukhona iNgcweti enkulu kunoVan Gogh, uRembrandt, uDa Vinci, nezinye—leyo uJehova uNkulunkulu ngokwakhe.”
ESt. Barthélemy, eFrench West Indies, uFrederick wathi: “Ngayifunda izikhathi ezine, futhi isikhathi ngasinye lapho ngiyifunda ngangigcwala ukubonga nokwazisa ngezinto ezinhle uMdali wethu asinikeze zona.”
E-ltaly, u-Assunta wabhala: “Yangenza ngaba nesifiso sokudweba. Yajulisa ugqozi Iwami ngomhlaba omusha kaNkulunkulu.” Kanti u-lrena wase-Czech Republic, wathi: “Lapho sivakashela imnyuziyamu kudingeka sikhokhe ukuze sibone imisebenzi yobuciko, kanti uMdali wabo bonke ubuhle bemvelo usibukisa bona mahhala, nsuku zonke.” EBrazil u-Aline wabhala: “Nakuba sizithola njalo izihloko ezisisiza ukuba sazise ubuntu bukaJehova, lezi ziye zathinta inhliziyo yami. Ziye zanikeza imininingwane eminingi ngokuphathelene nendalo ekhulisa ukwazisa kwethu ngothando lukaJehova.”
U-Anne phakathi nenkathi ebandayo yasebusika eWisconsin, e-U.S.A., wabhala: “Sangisiza ngempela ukuba ngazise ubuhle bendalo. Ngezinye izikhathi kunzima ukubuthola ebusika. Ngosuku engafunda ngalo lesi sihloko, ngaphumela emnyango ngabona kulele isithwathwa egatsheni, iqabunga elimbozwe yiqhwa, umzila wezilwane eqhweni. Ngiyabonga futhi ngesikhumbuzo sokuthi singayazisa kanjani ‘INgcweti Ephambili.’”
Uma ungathanda ukuthola lomagazini njalo, siza uxhumane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele ekhelini eliseduze kulawo asekhasini 5.