Ungakhohliswa Ukubukeka Kwangaphandle
SASIHLALA endlini ethokomele yomngane othile emahlathini, futhi sasilala endlini engaphansi ethi ayibe semgodini. Ngaleyo ndlela ukuphakama kwamawindi kwakulingana namehlo uma umuntu emile ngaphakathi kanti kwakulingana nomhlabathi uma ungaphandle. Ngosuku lokuqala ekuseni, cishe ngo-6:00 ezimpondweni, ngavuswa umsindo ongajwayelekile wokuqwaqwada okubili, owawuzwakala sengathi uvela ezingxenyeni ezihlukene zendlu. Nginelukuluku lokufuna ukwazi ukuthi kwakwenzekani, ngavuka ngaya ekhishini ukuze ngibone ukuthi isiqandisi noma i-heater yini eyayenza lomsindo. Ngangishaye phansi. Ngisadidekile, khona manjalo ngezwa wona lowo msindo uvela egumbini lokuphumula. Ngababela kulo nginyonyoba, futhi ngamangala lapho ngibona inyoni ebomvu ngaphandle, i-cardinal, iqwaqwada ingilazi yewindi! Yayindiza isuka kwelinye iwindi iye kwelinye izungeza indlu—iya egumbini lokulala, egumbini lokugezela, egumbini le-TV—noma kuphi lapho kukhona iwindi eliphansi. Ngangididekile.
Ngasondela eduze kwewindi nginyonyoba, ngasithola isizathu salendida—kwakune-cardinal yensikazi ngaphandle, ikude ngamasentimitha ambalwa nje, izidlela ngokwaneliseka. Kodwa kungani eyenduna yayihlasela amawindi? Ngokusobala, ngephutha yayicabanga ukuthi isithunzi sayo esisewindini esembangi yayo futhi yayizama ukuyithusa ukuze ibaleke! Yayikhohliswa ukubukeka kwangaphandle.
Kamuva ngathola isiqinisekiso sokuthi lesi kwakuyisisusa sokuziphatha okuxakile kwalenyoni. UJune Osborne, encwadini yakhe i-Cardinal, uthi i-cardinal yenduna “yenza konke okusemandleni ukuze iqiniseke ukuthi umhlaba wayo uphephile kwezinye izinyoni zenduna. . . . Ayigcini nje ngokuxosha labogaxekile, idume ngokuthi . . . ingqubuza isithunzi sayo siqu kuma-hubcap, ezibukweni zezimoto noma emawindini anemifanekiso naseminyango yengilazi esunduzwayo.” Ube esenezela iphuzu esazibonela lona nathi: “Lokhu kungakuphazamisa kakhulu ukuphila okunokuthula komninikhaya.” Lokho sasikubona njalo ekuseni.
Yini engenziwa ukuze kunqandwe lokhu kuziphatha kwalenyoni yenduna? Umlobi u-Osborne uyasikisela: “Ngezinye izikhathi kuba nesidingo sokumboza izindawo ezicwebezelayo ukuze kubuyiselwe uxolo nokuthula . . . , ingasaphathwa eyokusiza lenyoni ukuba ingazilimazi ngokuhlasela lezi zinto okungaba ukuzibulala.—Inikelwe.