Okuthile Okudingwa Yintsha Namuhla
Intombazane yaseNew Jersey, e-U.S.A., eneminyaka engu-14 ubudala ithi ekuqaleni kwalonyaka kwadingeka ibhale umbiko mayelana nokuthi “Kungani Abafundi Bekhohlisa Ezivivinyweni.” Ukuze yenze ukucwaninga, yaphatha incwadi yayo ethi Intsha lyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Omunye wabafunda nayo wayithatha waqala ukufunda izihloko zezingxenye zohlu lokuphakathi, njengesithi “Ubulili Nokuziphatha” nesithi “Ukuphola, Uthando, Nabobulili Obuhlukile.” “Ngingayithola lencwadi?” kubuza ofunda nayo.
“Ngachaza ukuthi lena kwakuyikhophi yami,” kusho umfundi, “nokuthi ngizomphathela eyakhe. Lapho ngifika nayo, omunye futhi esifunda naye wayibona lencwadi naye wacela ukuba ngimtholele eyakhe. Ngokushesha ngemva kwalokho ngaphatha amakhophi ayishumi encwadi Intsha lyabuza ngiwaphathela abafundi ababeyifunile.”
Lomfundi oneminyaka engu-14 ubudala unomuzwa wokuthi kubalulekile ukuba nalencwadi. Wathi: “Siyidinga ngempela lencwadi ngoba kunzima kakhulu ukuba ngomusha kulezi zinsuku.”
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela yokuthola ikhophi yencwadi ethi Intsha lyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo noma uma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya ukuze axoxe nawe ngokubaluleka kwemfundo yeBhayibheli, siza ubhalele e-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini eliseduze nawe kulawo asekhasini 5.