Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 11/22 k. 32
  • Okuthile Okudingwa Yintsha Namuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuthile Okudingwa Yintsha Namuhla
  • I-Phaphama!—1996
I-Phaphama!—1996
g96 11/22 k. 32

Okuthile Okudingwa Yintsha Namuhla

Intombazane yaseNew Jersey, e-U.S.A., eneminyaka engu-14 ubudala ithi ekuqaleni kwalonyaka kwadingeka ibhale umbiko mayelana nokuthi “Kungani Abafundi Bekhohlisa Ezivivinyweni.” Ukuze yenze ukucwaninga, yaphatha incwadi yayo ethi Intsha lyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Omunye wabafunda nayo wayithatha waqala ukufunda izihloko zezingxenye zohlu lokuphakathi, njengesithi “Ubulili Nokuziphatha” nesithi “Ukuphola, Uthando, Nabobulili Obuhlukile.” “Ngingayithola lencwadi?” kubuza ofunda nayo.

“Ngachaza ukuthi lena kwakuyikhophi yami,” kusho umfundi, “nokuthi ngizomphathela eyakhe. Lapho ngifika nayo, omunye futhi esifunda naye wayibona lencwadi naye wacela ukuba ngimtholele eyakhe. Ngokushesha ngemva kwalokho ngaphatha amakhophi ayishumi encwadi Intsha lyabuza ngiwaphathela abafundi ababeyifunile.”

Lomfundi oneminyaka engu-14 ubudala unomuzwa wokuthi kubalulekile ukuba nalencwadi. Wathi: “Siyidinga ngempela lencwadi ngoba kunzima kakhulu ukuba ngomusha kulezi zinsuku.”

Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela yokuthola ikhophi yencwadi ethi Intsha lyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo noma uma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya ukuze axoxe nawe ngokubaluleka kwemfundo yeBhayibheli, siza ubhalele e-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini eliseduze nawe kulawo asekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela