Izindawo Zokulondoloza Imvelo Ziphendulwa Izinkundla Zokubulala Izimvemvane
EKUNDIZENI okumangazayo kokufuduka, izimvemvane eziba seCanada nasenyakatho ye-United States ehlobo, ezaziwa ngokuthi ama-monarch zelula amaphiko azo anombala osawolintshi nomnyama futhi zishweze ziphume eCanada, zidabule i-United States, zibuthane ndawonye esifundeni esisodwa entshonalanga yeMexico City. Lapho, ngo-1986, uhulumeni waseMexico wakha izindawo zokulondoloza imvelo ezinhlanu ezintabeni eziphakeme ngamamitha angu-3400 okutshalwe imithi ye-fir kuzo. Ngokwezibalo zango-1994, okungenani izimvemvane eziyizigidi ezingu-60 eziba kulezi zindawo ebusika.
Imithi ye-fir ithandwa kakhulu yilezi zimvemvane ngoba yakha umpheme ocinene ozivikela emvuleni ebandayo naseqhweni. Ukugawulwa kwemithi kwenqatshelwe kulezi zindawo ezinhlanu, kodwa lokho akukuqedi ukugawulwa kwayo okungemthetho. Ososayensi bezimvemvane bakhathazekile ngokuthi “ukugawulwa kwemithi ye-fir kulezi zindawo zokulondoloza imvelo eMexico, naphezu kokwenqatshelwa uHulumeni, kushiya izimvemvane zingavikelekile eziphephweni ezinzima nokubanda. . . . Ukususwa kwemithi nemipheme yayo kwenza kube lula ukuba izimvemvane zichayeke emvuleni naseqhweni.” Ukugawulwa kwemithi kususa umpheme ovikelayo. Kunjengoba isazi sempilo yezilwane e-University of Florida eGainesville, uLincoln Brower, sasho ngokuqondene nesembozo esivikelayo salezi zimvemvane: “Njengoba lamahlathi elokhu egawulwa, nezimbobo ziyanda emiphemeni yawo evikelayo.”
“Isimo sezulu esibi nokugawulwa kwemithi kuyazibulala izimvemvane,” kusho i-New York Times. Yabe isibika ngokuwa kweqhwa ezindaweni zokulondoloza imvelo ngobusuku bango-December 30, 1995. “Abanakekeli bamahlathi kaHulumeni kanye nezazi zezitshalo ezavakashela izingxenye zalezi zindawo zathi kwakunenqwaba yeqhwa nezinkulungwane ngezinkulungwane zalezi zimvemvane ezimbozwe yiqhwa.”
Isithombe esingenhla kuleli khasi siyayiqinisekisa lendaba ebuhlungu.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Jorge Nunez/Sipa Press