Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zalemibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 22. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. UNkulunkulu wayidala ngani indawo yonke ebonakalayo? (Genesise 1:2)
2. Ngezinkanyiso emkhathini wezulu, uJehova wenza isisekelo sani? (Bheka uGenesise 1:14.)
3. Yini izinceku zikaSaneheribi ezazinethemba lokuyifeza ngokumemeza amaJuda ayesogangeni lwaseJerusalema ngolimi lwawo? (2 IziKronike 32:18)
4. Yiliphi ithuluzi lokulima elalisetshenziswa endulo lapho kuhlakulwa? (Isaya 7:25)
5. Sasibizwa ngokuthini isikhwama esingcwele esifekethisiwe, esasine-Urimi neThumimi, esasifakwa umpristi ophakeme esifubeni lapho engena eNdaweni Engcwele? (Eksodusi 28:29, 30)
6. Ngokomthetho kaNkulunkulu, kufuneka okungenani ofakazi abangaki ukuze kuqiniswe indaba? (Heberu 10:28)
7. Kwakungubani igama leqhawe lakwa-Israyeli elabulala uLahimi, umfowabo kaGoliyati? (1 IziKronike 20:5)
8. Kwakungubani umpristi ophakeme owayala ukuba kubulawe iNdlovukazi embi u-Athaliya? (2 AmaKhosi 11:15, 16)
9. IBhayibheli lithi yini umuntu angayenza ‘ebusweni’ bukaJehova lapho eshweleza? (Eksodusi 32:11, NW)
10. Iyiphi indodana kaJakobe enegama elisho ukuthi “Inhlanhla,” ngokusekelwe ekubabazeni kukaLeya ngesikhathi sokuzalwa kwayo? (Genesise 30:11)
11. Iyiphi intaba uSolomoni akha kuyo ithempeli likaJehova? (2 IziKronike 3:1)
12. Sisho ukuthini isiqu sikaJesu esithi “Kristu”? (IzEnzo 4:26)
13. UJesu wathi kumelwe kwenziweni ukuze ‘kungenwe ngomnyango owumngcingo’? (Luka 13:24)
14. Sethiwa liphi igama isidalwa sokugcina sikaNkulunkulu emhlabeni okulandiswa ngaso eBhayibhelini? (Genesise 3:20)
15. Ekuqaleni, uNkulunkulu wazithola zinjani izinhliziyo zesintu? (Genesise 8:21)
16. Indodakazi yayiphi inkosi yakwaMidiyani eyabulawa uFinehasi, okwaqeda isishayo sikaNkulunkulu kwa-Israyeli? (Numeri 25:15)
17. Yini eyasetshenziswa umkaDavide uMikhali ukuze aphambe izithunywa ezazithunywe uSawule ukuba zibulale uDavide? (1 Samuweli 19:11-16)
18. Ingelosi yesikhombisa yasithululela phezu kwani isitsha sayo solaka lukaNkulunkulu? (IsAmbulo 16:17)
19. Yiliphi igama elisetshenziswa eBhayibhelini ukuze kubhekiselwe kubantu abangebona abozalo lakwa-Israyeli? (Ezra 10:2)
20. Yimuphi umzukulwane wakwaJuda, owayengenamadodana, owanikela ngendodakazi yakhe encekwini yakhe uJariha ukuze kuqhubeke uhlu lozalo lwakhe? (1 IziKronike 2:34, 35)
21. Yini eyashukumisa u-Uza ukuba abambe umphongolo wesivumelwano lapho uthuthwa? (1 IziKronike 13:9, 10)
22. Yikuphi okuwukuphela kokulandisa kweBhayibheli okukhuluma ngokuthunywa komprofethi ukuba amemezele isigijimi sokubhujiswa komuzi ongewona owakwa-Israyeli?
23. Yini uNkulunkulu angeke ayenze? (Heberu 6:18)
24. Lapho uJehova enikeza isibusiso, yini angayenezeli kuso? (IzAga 10:22)
25. Yiziphi izinto uDavide azithatha ngasekhanda likaSawule lapho elele, ukuze abonise ukuthi wayengeke amlimaze? (1 Samuweli 26:12)
26. Yini uJesu ayenza ukuze agweme ukukhandwa ngamatshe? (Johane 8:59)
Izimpendulo Zalemibuzo
1. Amandla akhe asebenzayo
2. Ikhalenda
3. Ukuwethusa nokuwesabisa
4. Igeja
5. Isihlangu sesifuba
6. Ababili
7. U-Elihanani
8. UJehoyada
9. Ukubuthambisa
10. UGadi
11. Intaba yaseMoriya
12. Ogcotshiweyo
13. “Zikhandleni ngamandla”
14. U-Eva
15. ‘Zimbi kwasebusheni’
16. USuri
17. Itherafi nesicamelo soboya bezimbuzi
18. Emoyeni
19. Abezizwe
20. USheshani
21. Izinkabi zashelela
22. Incwadi kaJona
23. Ukuqamba amanga
24. Usizi
25. Umkhonto nesigubhu samanzi
26. Wacasha