“Ngidinga Isikhuthazo Nethemba”
Ingabe uke uzizwe ngaleyo ndlela? Abantu abaningi namuhla bazizwa kanjalo. Owesifazane othile waseFort Smith, e-Arkansas, wabhalela endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, futhi wachaza:
“Incwadi yenu ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ifundisa kakhulu futhi ivusa amadlingozi. Ngayifunda yonke ezinsukwini ezimbalwa nje. Inginikeza ithemba lokuthi ngokushesha kuzofika izwe elisha elithenjisiwe ngaphansi kokubusa kukaJesu Kristu. Ngiyalulangazelela lolo suku.
“Kuze kube yileso sikhathi, ngisabhekene nokuphila kulelizwe, ngilindele ukuba kwenzeke lokho. Kungidumaza kakhulu ukuphila kwalomhlaba, okunesithukuthezi futhi okungathakazelisi. Ngidinga isikhuthazo nethemba. Nathi uma sithanda singathola isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala enhlanganweni yenu. Ningasiza ningazise ukuthi yini edingekayo ukuze ngisithole? Ngicabanga ukuthi lesi sifundo seBhayibheli sasekhaya siyongikhuthaza.”
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela yokuthola ikhophi yencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade noma ungathanda ukuba othile akuqhubele isifundo se-Bhayibheli sasekhaya, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini eliseduze nawe kwasekhasini 5.