Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zalemibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhla oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 25. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Iyiphi inhlonhlo esogwini olusempumalanga yeKrethe uPawulu adlula kuyo ngomkhumbi lapho eya eRoma kuyoqulwa icala lakhe? (IzEnzo 27:7)
2. Wayenzani uMose lapho etholwa indodakazi kaFaro okwenza ukuba imhawukele? (Eksodusi 2:6)
3. Bangaki uJesu athi babeyothola indlela eholela ekuphileni? (Mathewu 7:14)
4. Wawenzani umoya osebenzayo kaNkulunkulu ngemva kokudalwa komhlaba? (Genesise 1:2)
5. Ngemva kokugcoba izinyawo zikaJesu ngamafutha anamakha abizayo, uMariya wenzani ngezinwele zakhe? (Johane 12:3)
6. ImiBhalo YesiHeberu iwabiza ngokuthini amadoda ngokuphathelene nabafazi bawo? (Esteri 1:20, NW)
7. Siyini isilinganiso esikhulu samaHeberu sesisindo nemali? (2 AmaKhosi 23:33)
8. Nakuba yenziwa uMose ukuze abantu bangafi, yini iNkosi uHezekiya eyayibhubhisa ngoba yayikhulekelwa esikhathini sayo? (2 AmaKhosi 18:4)
9. Lalingubani igama lowesifazane waseFilipi owayenobunzima bokuxazulula indaba nodadewabo ongumKristu uSintike? (Filipi 4:2, 3)
10. Yini uMose ayakha, eyalwa uNkulunkulu, ukuze igcine izibhebhe zamatshe oMthetho? (Duteronomi 10:1-5)
11. Yibaphi onkulunkulu ababekhulekelwa ama-Avi, abekwa inkosi yase-Asiriya eSamariya ngemva kokuthumba ama-Israyeli? (2 AmaKhosi 17:31)
12. NgokwemiBhalo, umuntu ‘obingelela’ isihlubuki uba yini? (2 Johane 11)
13. Nakuba uPawulu athi abaseKorinte abakholekile ‘babeyincwadi kaKristu’ elotshwe ezinhliziyweni, yini athi ayizange isetshenziswe? (2 Korinte 3:3)
14. Kungakumuphi umuzi lapho uSamsoni aqale washukunyiswa khona umoya kaNkulunkulu futhi wangcwatshwa khona kamuva? (AbAhluleli 13:25; 16:31)
15. UJesu wayifanisa nani imfundiso yabaFarisi nabaSadusi ngenxa yokuthi yayinethonya elonakalisayo? (Mathewu 16:11, 12)
16. Kungani uJohane akhala lapho ebona umqulu onezimpawu eziyisikhombisa? (IsAmbulo 5:1-4)
17. Yiliphi elinye igama u-Esawu, umfowabo kaJakobe ayiwele naye, ayaziwa ngalo? (Genesise 36:1)
18. Kungani uDavide enza izimpawu zesiphambano zobuntwana phambi kweNkosi u-Akhishi yaseGati futhi wagxiza amathe esilevwini? (1 Samuweli 21:13)
19. Sibizwa ngokuthini isakhamuzi saseGati? (2 Samuweli 15:22)
20. Kungani uDavide abonga uJehova kumaHubo 139:14?
21. Abazali bakaMose bakwazi ukumfihla izinyanga ezingaki ngemva kokuzalwa kwakhe? (Heberu 11:23)
22. UJesu wathi uSathane unguyise wani? (Johane 8:44)
23. Wenzani uHamani ukuze athole usuku olukahle lokubhubhisa amaJuda eMbusweni wasePheresiya? (Esteri 3:7)
24. Yisiphi esinye sezitshalo ezivelele eBhayibhelini esibalwa kanye nesihlahla somnqumo nesomvini? (Johane 1:48)
25. Kukuyiphi indawo lapho indodana kaSawule uJonathani yavuma khona ukuthi uDavide wayezoba inkosi elandelayo kwa-Israyeli? (1 Samuweli 23:16-18)
26. Wayengubani umbusi wasePheresiya owathola incwadi kaKoresi futhi wavuma ukuba ithempeli livuselelwe? (Ezra 6:1-12)
27. Yisiphi isilwane esihlobene nonogwaja (rabbit) kodwa esikhulu kunaye? (Levitikusi 11:6, NW)
Izimpendulo Zemibuzo
1. ISalimone
2. Wayekhala
3. Abambalwa
4. ‘Wawehla-wenyuka phezu kwamanzi’
5. Wesula izinyawo zakhe zoma
6. Abanikazi
7. Italenta
8. Inyoka yethusi
9. U-Evodiya
10. Umphongolo wesivumelwano
11. UNibihazi noTharithaki
12. “Ungumhlanganyeli emisebenzini yakhe emibi”
13. Uyinki
14. I-Eshitawoli
15. Imvubelo
16. “Ngoba akekho owatholakala ekufanelekela ukuwuvula umqulu noma ukubheka ngaphakathi kuwo”
17. U-Edomi
18. Ukuze abonise inkosi ukuthi wayesangene kanjalo akwazi ukubaleka
19. UmGiti
20. Ngoba ‘wayenziwe ngokwesabekayo nangokumangalisayo’
21. Ezintathu
22. Wamanga
23. Wenza iPhure (inkatho)
24. Umkhiwane
25. EHoreshi
26. UDariyu
27. Umvundla (hare)