Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 28. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Ubani isitha sikaJehova esikhulu? (IsAmbulo 20:2)
2. Nakuba elithi “Jehova” liyindlela yokuphimisela yesiZulu eyaziwa kakhulu, iliphi elithandwa izazi eziningi ezingamaHeberu?
3. Yaba yini indodana ka-Abrahama eyizibulo, u-Ishmayeli, ukuze izondle ehlane? (Genesise 21:20)
4. Ubani owehluleka ukuhlonipha uyise kwaphumela ekuqalekisweni kwendodana yakhe? (Genesise 9:22-25)
5. Engafuni ihambe, uSolomoni wathembisa ukuyinika zinto zini zokuhloba intombi yomShulamiti? (IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:11)
6. UMose wayelibuka ekuphi iZwe Lesithembiso, nakuba ayengavunyelwe ukungena kulo? (Duteronomi 3:27)
7. Lalihuqwe ngani ingaphakathi nengaphandle lomkhumbi kaNowa? (Genesise 6:14)
8. UPawulu wathi kufanele senzeni ukuze ‘siwugijime ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu’? (Heberu 12:1)
9. Ubani okulotshwe ngaye ongowokuqala ukuvusa umuntu? (1 AmaKhosi 17:21-23)
10. Kungani uJesu athi, iwayini elisha alifakwa ezingqalathini zewayini ezindala? (Marku 2:22)
11. Yimuphi umlando otholakala kuGenesise isahluko 6 kuya ku-9? (Genesise 6:9)
12. Ngaphandle kwegolide, isiliva nezimpondo zendlovu, yiziphi izinhlobo ezimbili zezilwane uSolomoni ayezilanda kwamanye amazwe kanye ngemva kweminyaka emithathu ohambweni lwemikhumbi yakhe yaseTharishishi? (1 AmaKhosi 10:22)
13. Waba yini umphumela lapho iNkosi uRehobowamu no-Adoramu, owayephezu kwezisebenzi, bengena endaweni yezizwe zasenyakatho ezase zizehlukanisile? (2 IziKronike 10:18)
14. Yini uNkulunkulu athi ‘iyisenabelo sezinyawo’ zakhe? (IzEnzo 7:49)
15. Ubani owaba intandane ngokufa kukanina lapho embeletha, ngemva kokuzwa ukuthi umyeni wakhe ubulewe? (1 Samuweli 4:19-21)
16. Bantulani labo uNkulunkulu ‘abandisela izikhwepha’? (Isaya 40:29)
17. Lapho inikelwa kuNkulunkulu, yini okwakungamelwe ibe nemvubelo noma ‘izinyosi’? (Levitikusi 2:11)
18. Yini uMika aprofetha ukuthi izizwe ngeke zisayifunda? (Mika 4:3)
19. UJesu wathi iZwi likaNkulunkulu liyini? (Johane 17:17)
20. Wayengubani uyise kaJona? (Jona 1:1)
21. INkosi u-Ahashiveroshi yazinikani izifunda zombuso wayo lapho kuyidili lokwenza u-Esteri abe indlovukazi yayo? (Esteri 2:18)
22. Yini eyayenziwa ukuze kuboniswe ukuthi isigqila esingumHeberu sasikhethe ngokuzithandela ukungakhululwa kodwa ukuhlala siyisigqila senkosi yaso? (Eksodusi 21:5, 6)
23. UmSamariya onothando lukamakhelwane wamyisa kuphi umuntu owayelimele ukuze anakekelwe? (Luka 10:34)
Izimpendulo Zemibuzo
1. USathane uDeveli
2. Elithi Yahweh
3. Umphathi womnsalo
4. KukaHamu
5. “Izintambo zobuhlalu begolide, namaqhosha esiliva”
6. Esiqongweni sasePisiga
7. Ngekolitayi
8. “Masilahleni konke okusindayo nesono esisithandela kalula”
9. U-Eliya
10. Izingqalathi zizoqhuma, futhi iwayini lilahleke kanye nezingqalathi
11. Umlando kaNowa
12. Izimfene nezimpikoko
13. U-Adoramu wakhandwa ngamatshe waze wafa, kanti uRehobowamu wasinda
14. Umhlaba
15. U-Ikabodi
16. Izikhwepha
17. Umnikelo wempuphu
18. Impi
19. Liyiqiniso
20. U-Amithayi
21. Ukuphumula
22. Indlebe yaso yayibhotshozwa ngosungulo
23. Endlini yezihambi