Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 3/8 kk. 26-27
  • Luyini Ukholo Lweqiniso?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Luyini Ukholo Lweqiniso?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukholo Noma Ukuthatheka?
  • Ukholo Lweqiniso Lubophela Umuntu KuNkulunkulu
  • Bonisa Ukholo Lwakho Ezithembisweni ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Indlela Ukholo Lweqiniso Olungakusiza Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Bonisa Ukholo Olusekelwe Eqinisweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukholo—Imfanelo Esisiza Siqine
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 3/8 kk. 26-27

Umbono WeBhayibheli

Luyini Ukholo Lweqiniso?

“NGAPHANDLE KOKHOLO AKWENZEKI UKUMJABULISA KAHLE NGOBA LOWO OSONDELA KUNKULUNKULU KUMELWE AKHOLELWE UKUTHI UKHONA NOKUTHI UBA UMVUZI WALABO ABAMFUNA NGOBUQOTHO.”—HEBERU 11:6.

LUYINI ukholo? Abanye bachaza ukholo ngokuthi ukukholelwa kuNkulunkulu ngaphandle kobufakazi obuphathekayo bokuthi ukhona. Umlobeli wephephandaba waseMelika uH. L. Mencken wachaza ukholo ngokuthi “inkolelo engenangqondo ekwenzekeni kwento engenakwenzeka.” Ingabe lolu ukholo lweqiniso oluchazwa eBhayibhelini? Kubalulekile ukuqonda ngokucacile ukuthi ukholo luyini ngoba, njengoba kucashunwe ngenhla, ‘ngaphandle kokholo akwenzeki ukujabulisa uNkulunkulu.’

IBhayibheli lithi: “Ukholo luwukuqiniseka ngezinto esizithembayo.” (Heberu 11:1, The New Testament in the Language of Today) Ngakho-ke, ukholo lusekelwe olwazini olunembile, emaqinisweni okungasekelwa kuwo izinqumo eziqondile. Aludingi nje ukukholelwa kuphela kodwa nesizathu sokukholelwa.

Ngokwesibonelo: Mhlawumbe unomngane ongathi ngaye: “Ngiyamethemba lowo muntu. Ngingathembela kuye ukuthi uzokufeza akushoyo. Ngiyazi ukuthi uma nginenkinga, uzongisiza.” Akunakwenzeka ukuba usho kanjalo ngomuntu onosuku olulodwa noma ezimbili umazi, akunjalo? Kuyodingeka kube umuntu oye wakufakazela izikhathi eziningana ukuthi ungathembela kuye. Kufanele kube njalo nangokholo lwenkolo, okufanele lukhiqize ithemba nokuqiniseka okusekelwe ebufakazini obuphathekayo nobunokwethenjelwa.

Ukholo Noma Ukuthatheka?

Okuningi kwalokho okubizwa ngokuthi ukholo namuhla, empeleni kuwukuthatheka—ukuzimisela ukukholelwa izinto ngaphandle kwesisekelo noma isizathu esizwakalayo. Ngokuvamile ukuthatheka kusekelwe emizwelweni eshintshashintshayo noma kuyinkolelo-ze. Lokhu akulona ukholo oluqinile ngoba akunazo izisekelo ezinokwethenjelwa zenkolelo.

Ukuthatheka kungase kubangele umuntu ukuba asheshe afinyelele eziphethweni ezingase zingavumelani neqiniso leBhayibheli. Ngokufanelekile, iBhayibheli lixwayisa ngokholo olungasekelwe ndawo: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” (IzAga 14:15) Umphostoli uPawulu wabhala: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.” (1 Thesalonika 5:21) IBhayibheli alikukhuthazi ukuthatheka. Likhuthaza ukholo olusekelwe ebufakazini.

Ukukwazi ukuhlukanisa ukholo lweqiniso nokuthatheka yindaba engathi sína. Umuntu angayithanda inkolo kodwa angabi nokholo lweqiniso. UPawulu waphawula: “Ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) Kodwa bakhona abanye abantu abanokholo olusekelwe eBhayibhelini, futhi luyakuthonya ukuphila kwabo.

Ukholo Lweqiniso Lubophela Umuntu KuNkulunkulu

Ukholo lungafaniswa neketango elinamahhuku awukuqiniseka nokwethemba okubophela umuntu kuNkulunkulu. Kodwa lolu hlobo lokholo luyinto ehlakulelwayo; aluyona into esizalwa nayo. Ungaluthuthukisa kanjani ukholo lweqiniso? IBhayibheli liyachaza: “Ukholo lulandela into ezwiweyo. Nento ezwiweyo iza ngezwi eliphathelene noKristu.”—Roma 10:17.

Ngakho-ke, kudingeka uzinike isikhathi sokwazi uNkulunkulu nezimfundiso zeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Kudingeka wenze umzamo ukuze uthole lolu lwazi. (IzAga 2:1-9) Kufanele uzikhandle ukuba uthole lokho iBhayibheli elikushoyo ukuze ukholiseke ukuthi linokwethenjelwa.

Nokho, ukholo lweqiniso luhilela okungaphezu nje kokumane ube nolwazi noma ukholelwe ukuthi okuthile kuyiqiniso. Luhilela nenhliziyo—okuyiyo eshukumisayo. AmaRoma 10:10 athi: “Ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo.” Kusho ukuthini lokhu? Njengoba ucabanga ngezinto zokuhlonipha uNkulunkulu, ukhulisa ukwazisa ngazo, uvumela isigijimi seBhayibheli ukuba sizike sijule enhliziyweni yakho. Ukholo luyakhula futhi luqine lapho ushukumiseleka ukuba wenze ngokuvumelana nezithembiso zikaNkulunkulu njengoba ubona ubufakazi besibusiso sakhe.—2 Thesalonika 1:3.

Yeka ukuthi ukholo lweqiniso luyinto eyigugu kanjani ongaba nayo! Siyazuza ngokukwazi ukubhekana nezimo ezinzima siqiniseka ngoNkulunkulu, sithembela ekhonweni lakhe lokuqondisa izinyathelo zethu nasekuzimiseleni kwakhe ukunakekela izidingo zethu. Ngaphezu kwalokho, iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yakhuluma ngenzuzo ehlala isikhathi eside yokholo: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Ukuphila okumi phakade—yeka umvuzo omangalisayo kulabo abanokholo!

Ukholo esithembisweni sikaNkulunkulu sokuvuza izinceku zakhe lwenza umuntu akubheke ngelinye iso ukuphila. AmaHeberu 11:6 athi ukholo lweqiniso luhilela ukukholelwa emandleni kaNkulunkulu okuvuza “labo abamfuna ngobuqotho.” Khona-ke, kusobala ukuthi ukholo lweqiniso alukona ukuthatheka, futhi lungaphezu nje kokumane ukholelwe ukuthi uNkulunkulu ukhona. Luhilela ukwamukela ukuthi uNkulunkulu unamandla okuba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho. Ingabe ufuna ngobuqotho ngempela ukwazi uNkulunkulu? Uma ufuna, khona-ke thola ulwazi olunembile eZwini lakhe, iBhayibheli, futhi ukholo lwakho luyovuzwa.—Kolose 1:9, 10.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

Drawings of Albrecht Dürer/Dover Publications, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela