Woza uzokuzwa inkulumo yeningi yamahhala
“Isizathu Sokuba Uqaphele Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo”
INKULUMO engenhla izoqala ukunikezwa eningizimu ye-Afrika ngenyanga ka-November njengenkulumo evelele eMihlanganweni Yesigodi ‘Yabenzi Bezwi LikaNkulunkulu’ YoFakazi BakaJehova engu-44 eyothatha izinsuku ezintathu. Le mihlangano, eyishumi iyoqhutshwa ngesiNgisi, kanti engu-34 iyoqhutshwa ngezinye izilimi ezingu-11. Kuyoxoxwa ngesihloko esingenhla emihlanganweni efanayo engaphezu kwengu-2 000 emazweni angaphezu kwangu-150 emhlabeni wonke.
Ekhulwini lama-20, abantu benza izinto ezimangalisayo futhi akungabazeki ukuthi bayofeza okuningi kakhulu ekhulwini lama-21. Kodwa lokho abaye bakufeza kuyize uma ukuqhathanisa nalokho uNkulunkulu aye wakufeza! Yingakho indoda ehlakaniphile yasendulo yanxusa: “Yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu”!—Jobe 37:14.
Yini okumelwe siyifunde endalweni esizungezile, njengamagagasi olwandle, imvula, iqhwa nomoya? Umthombo walezi zinto kufanele ukuthonye kanjani ukuphila kwethu namuhla? Le mibuzo kanye neminye iyophendulwa kule nkulumo.
Uma ufuna ukuthola indawo yomhlangano eseduze nawe thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.