Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 7/22 k. 24
  • Okwenza UNkulunkulu Akuzonde Ukunyundela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenza UNkulunkulu Akuzonde Ukunyundela
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukudalula Izindaba Eziyimfihlo
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Isayensi Iyavumelana NeBhayibheli?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Isayensi—Ukufuna Kwesintu Iqiniso Okuqhubekayo
    I-Phaphama!—1993
  • Isayensi—Ukufuna Kwesintu Iqiniso Okuqhubekayo
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 7/22 k. 24

Okwenza UNkulunkulu Akuzonde Ukunyundela

UKUNYUNDELA kubhekisela ekuhlambalazeni, ukungcolisa idumela elihle lomuntu. Nakuba ukuhleba kungase kungalimazi kangako ngezinye izikhathi (nakuba kungase kube ukunyundela noma kuholele kukho), ngaso sonke isikhathi ukunyundela kuyonakalisa futhi kubangela ukulimala nokungezwani. Kungenzeka kube nezisusa ezimbi noma kungabi njalo.

Kunoma ikuphi, umnyundeli uzibeka esimweni esibi phambi kukaNkulunkulu, ngoba ‘ukubanga ukuxabana phakathi kwabazalwane’ kuphakathi kwezinto uNkulunkulu azizondayo. (IzAga 6:16-19) Igama lesiGreki elithi “umnyundeli” noma “ummangaleli” lisetshenziswa naseBhayibhelini njengesiqu sikaSathane “uDeveli,” umnyundeli omkhulu kaNkulunkulu. (Johane 8:44) Lokhu kubonisa ukuthi ubani owumthombo walokho kusola okuhlambalazayo.

Ukunyundela kuyabakhubekisa abanye, ikakhulukazi lowo onyundelwayo. Umthetho uNkulunkulu awunikeza ama-Israyeli wayala: “Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho.”—Levitikusi 19:16.

Ukuthi ukunyundela kuyinto engathi sína kangakanani kugcizelelwa ukuthi kwezinye izimo ukumangalelwa ngamanga kungase kuholele ekubulaweni komuntu. Ezikhathini eziningi ofakazi bamanga baye baba nesandla ekubulaweni kwabantu abangenacala.—Mathewu 26:59, 60.

Ukudalula Izindaba Eziyimfihlo

Ngezinye izikhathi kuba nezindaba eziyimfihlo, kodwa umnyundeli uyakujabulela ukuzidalula kwabanye abangenalo ilungelo lokuzazi. (IzAga 11:13) Umnyundeli uyakujabulela ukudalula izinto ezibangela isasasa. Lowo olalela umnyundeli naye unephutha futhi uzigwaza ngowakhe. (Izaga 20:19) Umuntu angase afulathele abangane bakhe ngenxa yenkulumo ehlambalazayo yomnyundeli, futhi kungase kwakheke ubutha nokwahlukana.—IzAga 16:28.

ImiBhalo ibikezela ukuthi ukuba khona kwabanyundeli okuphawulekayo kwakuyoba olunye lwezimpawu ‘zezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-3) Uma kunabantu abanjalo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi abesilisa noma abesifazane, kufanele basolwe futhi baqondiswe yilabo abanomthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu.—3 Johane 9, 10.

Ukunyundela, kubangela ukuxabana, ngaleyo ndlela kuholele ‘emisebenzini yenyama’ (enjengenzondo, ukuxabana nokwahlukana) eyovimbela umnyundeli nabanye abaholela ekwenzeni ububi ukuba bazuze uMbuso kaNkulunkulu.—Galathiya 5:19-21.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela