Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 12/22 k. 3
  • Ungayitholaphi Imfundo Engcono?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungayitholaphi Imfundo Engcono?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isisekelo Semfundo Engcono Kakhulu
  • Imfundo—Yisebenzisele Ukudumisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingabe IBhayibheli Limelene Nemfundo?
    I-Phaphama!—1998
  • Imfundo—Lokho Ekufunayo, Nalokho Ekunikelayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Imfundo Enenjongo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 12/22 k. 3

Ungayitholaphi Imfundo Engcono?

“Imfundo inika umphefumulo lokho ikhono lokuqopha elingakunikeza itshe lemabula.”—UJoseph Addison, ngo-1711.

INGABE wake wafunda esikoleni? Abantu abaningi bangaphendula ngoyebo—kodwa hhayi bonke. Njengoba singena ekhulwini lama-21, izigidigidi zezingane azitholi mfundo. Sekuyisikhathi eside sikhona lesi simo, kangangokuba namuhla abantu abadala abangaba yizigidi eziyinkulungwane abafundile.

Noma kunjalo, imfundo enhle iyisidingo esiyisisekelo. Kunokuba bayibheke njengokunethezeka okungenakufinyelelwa, abaningi namuhla bayibheka njengelungelo lezingane kanye nabantu abadala. Kodwa imfundo enhle ingatholakala kanjani ngaphandle kwamalungiselelo afanele? Kuthiwani uma kuntuleka izincwadi, bengekho othisha abafanelekayo, futhi zingekho nezikole ezanele?

Yebo, abantu bangayitholaphi imfundo enhle ebakhuthaza ukuba bahlanganyele kokufundwayo, yandise ulwazi lwabo ngezwe elibazungezile futhi ibanikeze izindinganiso ezingokomoya ezingaguqula ukuphila kwabo? Iyiphi imfundo egcizelela izindinganiso ezakhayo zokuziphatha, ebonisa indlela yokufinyelela izinga elihle lokuphila, futhi enikeza ithemba eliqinisekile ngekusasa? Ingabe bonke abantu bangayithola imfundo enjalo?

Isisekelo Semfundo Engcono Kakhulu

Nakuba kubonakala kumangalisa, singaphendula ngoyebo, sithi bonke abantu bangayithola imfundo esezingeni eliphakeme. Lokhu kungenxa yokuthi kunethuluzi lemfundo elinamandla elingaba yisisekelo sale mfundo. Lena “incwadi” yasendulo, etholakala iphelele noma ngokwengxenye, ngezilimi ezingaphezu kuka-2 200 emhlabeni. Cishe wonke umuntu emhlabeni angayithola ngolimi aluqondayo. Iyiphi le ncwadi?

IBhayibheli, incwadi eyaziwa kabanzi ngokuthi incwadi ebaluleke kunazo zonke ezake zalotshwa. Isazi sasekuqaleni kwekhulu lama-20 uWilliam Lyon Phelps sabhala: “Noma ubani olazi kahle iBhayibheli kungashiwo kufanele ukuthi ufundile. Ayikho enye imfundo noma isiko, kungakhathaliseki ukuthi ijule noma ibabazeka kangakanani, engaba . . . sesikhundleni salo ngokufanele.”

IBhayibheli liyiqoqo lezincwadi ezalotshwa phakathi nenkathi ebalelwa eminyakeni engu-1 600. Ekhuluma ngalo mtapo wezincwadi obalulekile, uPhelps wanezela: “Imibono yethu, ukuhlakanipha kwethu, ifilosofi esinayo, izincwadi zethu, ubuciko bethu, nezifiso zethu, kuvela kakhulu eBhayibhelini kunakunoma yiziphi zonke ezinye izincwadi zihlangene. . . . Ngikholelwa ukuthi imfundo yeBhayibheli ngaphandle kweziqu zasekolishi ibaluleké kakhulu kuneziqu zasekolishi ngaphandle kweBhayibheli.”

Namuhla, umphakathi wamaKristu angoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke wenza umsebenzi omkhulu wokufundisa osekelwe eBhayibhelini. Imfundo enjalo idlulela ngalé kwezisekelo zokukwazi ukuzifundela nokubhala. Yenza abantu bakhule engqondweni nasekuziphatheni. Yakha umbono wabantu ngesikhathi esizayo, ibanikeze isisekelo sethemba eliqinile lokuthi okungaphambili kuyoba ngcono kakhulu kunalokho esikushiya ngemuva.

Siza ufunde ngalolu hlelo lwemfundo enikeza ukuphila ngokufunda isihloko esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela