Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 1/22 k. 3
  • Lapho Uhlaselwa Yinkinga Yempilo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Uhlaselwa Yinkinga Yempilo
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukugula Okungalapheki—Indaba Yomkhaya
    I-Phaphama!—2000
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuhlaselwa Yimizwa Edidayo
    I-Phaphama!—2001
  • Indlela Imikhaya Ebhekana Ngayo Nokugula Okungalapheki
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 1/22 k. 3

Lapho Uhlaselwa Yinkinga Yempilo

“Ngezwa sengathi ngishaywe ngesando ekhanda.”—UJohn, ngemva kokuzwa ukuthi unesifo esikhubazayo.

“Ngangethukile.”—UBeth, ngemva kokuqaphela ububi benkinga yakhe yempilo.

UKUZWA ukuthi unesifo esingalapheki nesibangela ukukhubazeka noma ukuthi amanxeba engozi azokushiya ukhubazeke unomphela kuphakathi kwezinto ezibuhlungu kakhulu ekuphileni. Kungakhathaliseki ukuthi utshelwa ngesifo esikuphethe ngudokotela noma ubhekana nesimo sakho sokukhubazeka egumbini lezimo eziphuthumayo esibhedlela, cishe uyokuthola kunzima ukukukholelwa. Akukho lutho ekuphileni olungakulungiselela ukubhekana nemizwelo enamandla oba nayo lapho uphazanyiswa yisimo sempilo esikhungathekisayo.

Ukuze iqongelele ukwaziswa okungase kube usizo kulabo abaye babhekana nokuwohloka kwesimo sabo sempilo muva nje, i-Phaphama! yakhuluma nedlanzana labantu emazweni ahlukene asebeneminyaka eminingi bebhekene ngokuphumelelayo nesifo esingalapheki esibangela ukukhubazeka. Bacelwa ukuba banikeze umbono wabo emibuzweni enjengokuthi: Wazizwa kanjani? Yini eyakusiza ukuba ubhekane nalesi simo esinzima ukwazi ukululama futhi? Wathatha ziphi izinyathelo zokuqondisa ukuphila kwakho futhi? Ulwazi oluye lwatholakala kulezi zingxoxo kanye neminye imiphumela etholwe abacwaningi abahlola imiphumela yezifo zesikhathi eside kunikezwa ngokwenzuzo yalabo ababhekene nesimo esibucayi sempilo manje.a

[Umbhalo waphansi]

a Nakuba lezi zihloko eziwuchungechunge zihloselwe ngokukhethekile labo abagulayo noma abakhubazekile, uchungechunge oluthi “Ukubhekana Nokugula Okungalapheki Njengomkhaya” (kuyi-Phaphama! ka-May 22, 2000) lwaluqukethe ukwaziswa okuqondiswe ngokukhethekile kulabo abanakekela abagulayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela