Imiklamo Yemihlobiso Ephilayo EMontreal
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECANADA
KUSUKELA ngo-June 19 kuya ku-October 9, 2000, idolobha elihle laseMontreal, eCanada, lalinombukiso i-Mosaiculture International Montreal 2000 (MIM 2000), umbukiso wokuqala womhlaba wonke wemiklamo yezimbali. Zisebenzisa isihloko esithi “Iplanethi Iwumklamo Womhlobiso,” izingcweti zobuciko ezivela emazweni angu-14 zacelwa ukuba ziklame futhi zakhe imibukiso yezimbali engaba yikhulu.
Sekungamakhulu eminyaka imiklamo yemihlobiso yezimbali eveza izinhlangothi ezimbili—lapho kusetshenziswa khona izitshalo ukuze kwenziwe isithombe—ihlobise amapaki omphakathi. Kodwa, kule minyaka engu-50 edlule, izazi zezimbali zaseChina, eYurophu nakwezinye izindawo ziye zakha imifanekiso eveza izinhlangothi ezintathu ngokwemboza amafulemu ensimbi ngezitshalo ezikhethwe ngokucophelela. Ngokuhlanganisa lezi zinhlobo ezimbili zemiklamo embukisweni owodwa, abagqugquzeli be-MIM 2000 bavuselela inkulumo ethi “ubuciko bemiklamo yemihlobiso (mosaiculture)”—ekuqaleni eyayisetshenziselwa ukuchaza imihlobiso yezimbali yaseFrance—futhi bayisebenzisa kukho kokubili imifanekiso yezimbali eveza izinhlangothi ezimbili nezintathu. Sekukonke, kwasetshenziswa izitshalo ezingaba yizigidi ezintathu ezikhethwe ngokucophelela kuyi-MIM 2000. Ukuze kuniselwe futhi kulondolozwe le miklamo yemihlobiso ephilayo, kwadingeka amakhono ezazi zezimbali nabanakekeli bezingadi abangu-68.
Imiklamo yemihlobiso yamaShayina yayihlaba umxhwele kakhulu, ngoba abenzi bayo bahlanganisa ingxube yobumba, umquba wamahhashi notshani berayisi efulemini yensimbi yesithombe esiveza izinhlangothi ezintathu. Basebenzisa nezitshalo ezincane ezinezimpande ezincane ezidinga ingcosana yenhlabathi.
Ingcweti ngayinye eyangenela i-MIM 2000 yayinethemba lokuwina kulo mncintiswano. Kodwa izivakashi eziningi zazijatshuliswe nje ukubuka ubunyoninco bomklamo nobuhle bomhlobiso ngamunye. “Lobu ubuciko bangempela,” kusho uLynn Duranceau, umqondisi walo mncintiswano womhlaba wonke. “Kunjengomnyuziyamu omncane. Siyaziqhenya ngempela ngomphumela.”
[Izithombe ekhasini 24, 25]
Ngenhla: Umfanekiso we-“panda,” ovela eChina
Phakathi: Isigodlo sasendulo, esivela eThailand, kanye novemvane, lwaseChina
Ngezansi: Amadada, aseQuebec, eCanada
[Izithombe ekhasini 25]
Ngenhla: Umfanekiso wezimbali womdwebo kaVincent van Gogh, ovela eCanada; ipigogo, laseFrance