Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ezindaweni Ezikude
Njengoba Ilandiswa NguHelen Jones
Ngangihamba emakethe ephithizelayo eBangalore, eNdiya, ekuqaleni kwawo-1970. Ngingazelele kwaqhamuka inyathi yangihlaba ngezimpondo yangilahla phansi. Lapho nje isizonginyathela owesifazane ongumNdiya wangisiza. Ngangifunani eNdiya?
NGAZALWA ngo-1931 futhi ngakhulela edolobheni elihle laseVancouver, eCanada. Abazali bami babenezimiso ezinhle zokuziphatha kodwa bengasonti. Nokho, nganginesifiso esinamandla sezinto ezingokomoya, ngakho lapho ngisemncane ngangiya kuSonto-sikole nasezifundweni zeBhayibheli zasehlobo.
Ngo-1950, lapho ngineminyaka engu-19, ngashada noFrank Schiller, owayenabantwana abane ayebathole emshadweni wakhe wokuqala. Ngemva kweminyaka emibili sathola indodana. Sasifuna ukuba amalungu enkolo ethile, kodwa uFrank wayehlukanisile nomkakhe, ngakho alikho isonto esathintana nalo elalifuna ukusamukela. Kwamcasula lokhu uFrank, ngakho wayengasafuni ukukhuluma ngenkolo.
Ukufunda Amaqiniso EBhayibheli
Ngo-1954 umfowethu ejabule wangitshela ngalokho ayekuboniswe eBhayibhelini othile asebenza naye, owayengomunye woFakazi BakaJehova. Nakuba nganginemibuzo eminingi futhi ngazi ukuthi oFakazi bayiqhubela kuphi imihlangano yabo, angizange ngiye ngenxa yalokho uFrank ayekucabanga ngenkolo. Ngokuhamba kwesikhathi, savakashelwa oFakazi ababili. Ngangifuna ukwazi ukuthi inkolo yabo yayifundisani ngokuphathelene nesehlukaniso, futhi bangiphendula ngeBhayibheli, bangibonisa izizathu ezingokomBhalo zesehlukaniso. (Mathewu 19:3-9) Bangiqinisekisa ngokuthi ngesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke, imibuzo yami yeBhayibheli ingaphendulwa.
Wacasuka kakhulu uFrank, wangafuna lutho oluphathelene noFakazi. Ngo-1955, ngaya eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, futhi lapho ngibuyela ekhaya, ngaqala ukumxoxela ngenjabulo lokho engangikufunde eBhayibhelini. Wamemeza, “Ayikho into enjalo! Uma ungangikhombisa lokho eBhayibhelini, ngizokuya ngisho nasemihlanganweni yenu engasile!”
Ngamnika iBhayibheli, futhi walithatha ngesineke kubonakala ukuthi uyalihlonipha. Safunda imiBhalo engangiyibhale phansi, futhi kuncane kakhulu engakusho, ngavele ngayeka iBhayibheli lazikhulumela. UFrank akazange aphikise futhi wabonakala ecabangisisa bonke lobo busuku.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngamkhumbuza isithembiso sakhe sokuya emihlanganweni. Waphendula emanqikanqika, “Ngizokuya kanye nje ngiyobona ukuthi kwenzekani.” Inkulumo esekelwe eBhayibhelini yayikhuluma ngendlela abafazi okufanele bathobele ngayo abayeni babo. (Efesu 5:22, 23, 33) Lokhu kwaziswa kwamhlaba umxhwele ngempela. Cishe ngesikhathi esifanayo, uFrank waba khona eSifundweni Se-Nqabayokulinda esasisekelwe esihlokweni esithi “Yeneliswa Ngumsebenzi.” Njengoba ayeyindoda ekhuthele, wasijabulela lesi sifundo. Ngemva kwaleso sifundo, akaphindanga waphutha emihlanganweni.
Ngokushesha uFrank wayeseshiseka enkonzweni, futhi mina ngangiqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abathuthuka baze babhapathizwa. Mina noFrank, kanye nomama nomfowethu, sabhapathizwa sibonakalisa ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu ngo-July 1, 1955.
Isifiso Sokwenza Okwengeziwe
Emhlanganweni wethu wesigodi ngo-1957, eSeattle, eWashington, e-U.S.A., kwakunenkulumo eyayikhuluma ngokuyokhonza lapho kunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Ngathandaza: ‘Jehova, ngifuna ukuya lapho. Ngicela usisize siye lapho sidingeka khona.’ Kodwa uFrank wayekhathazekile ngomthwalo wakhe wemfanelo wokondla umkhaya wethu.—1 Thimothewu 5:8.
Ngonyaka olandelayo umkhaya wethu waya emhlanganweni wesigodi eNew York City owawuqhutshwa ngesikhathi esifanayo nowawuseYankee Stadium nasePolo Grounds. Babengaphezu kuka-253 000 enkulumweni yeningi! Kwamshukumisa uFrank lokho akuzwa nakubona. Ngakho lapho siphindela ekhaya, sakhetha ukuba iKenya, e-Afrika, ibe yikhaya lethu elisha, ngenxa yokuthi kwakukhulunywa isiNgisi futhi sasiyokwazi nokutholela abantwana bethu izikole ezinhle.
Ngo-1959, sadayisa indlu yethu, sabopha imithwalo, sanqamula saya eMontreal, eCanada. Ukusuka lapho sahamba ngomkhumbi saya eLondon, eNgilandi, ukusuka eNgilandi sathatha omunye umkhumbi, sahamba sanqamula uLwandle iMedithera noLwandle Olubomvu silibangise e-Indian Ocean. Ekugcineni safika eMombasa, eKenya, ogwini olusempumalanga ye-Afrika. Ngosuku olulandelayo sabamba isitimela esiya eNairobi, inhloko-dolobha yaleli Zwe.
Izibusiso E-Afrika
Ngaleso sikhathi umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehava eKenya wawuvinjelwe, ngakho-ke sashumayela ngokucophelela. Kwakuneminye imibhangqwana eminingana evela kwamanye amazwe eyayihlala eKenya, ngakho thina zifiki savunyelwa ukuba sihlale. Isibalo sabantu ababeba khona emihlanganweni yethu sasigcinwa singaphansi kweshumi. Lokhu kwakusho ukuthi imikhaya yethu, kuhlanganise nezingane, yayiba nengxenye egcwele.
Ngokushesha ngemva kokufika eKenya, sathola indawo yokuhlala noFrank wathola umsebenzi. Owesifazane wokuqala engamthola enkonzweni yendlu ngendlu wamukela isifundo seBhayibheli futhi ngokuhamba kwesikhathi waba yiphayona, njengoba zibizwa kanjalo izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova. Enye intombazane engangifunda nayo engumSikh sasiyibiza ngokuthi uGoody. Yahlala iqinile naphezu kokucindezelwa umkhaya wakubo nomphakathi wamaSikh. Ngemva kokuba uGoody Lull exoshiwe ekhaya, wahamba wayohlala nomkhaya woFakazi, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova, waba yiphayona, futhi ngokuhamba kwesikhathi wathola iziqu esikoleni sezithunywa zevangeli eGileyadi.
Umkhaya wethu wabhekana novivinyo. Indodana yethu endala yagula kakhulu yaphathwa yisifo sokuqaqamba kwamalunga omzimba, futhi uFrank washa kabi ngesikhathi elungisa imoto futhi walahlekelwa umsebenzi. Ngokuhamba kwesikhathi, wathola umsebenzi endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-1 000 eDar es Salaam, inhloko-dolobha yaseTanganyika (manje osekuyiTanzania). Ngakho-ke salayisha izimpahla zethu emotweni sathatha lolo uhambo olude oluya lapho. IDar es Salaam ngaleso sikhathi yayinebandla elincane, elasemukela ngezandla ezimhlophe.
Nakuba ngaleso sikhathi umsebenzi wokushumayela wawuvinjelwe eTanzania, ukuvinjelwa kwakungacindezeli kakhulu. Ngo-1963, savakashelwa uMilton Henschel, ummeleli wendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova e-United States. Phakathi nenye yezinkulumo zakhe eHholo laseKarimjee, elihle kunawo wonke ezweni, indoda esikhulile eyayigqoke njengomuntu ompofu yahlala eceleni kwami. Ngayibingelela futhi ngabambisana nayo iBhayibheli lami neculo. Ekupheleni kwesimiso, ngayimema ukuba iphinde ibuye. Lapho ihamba, oFakazi bendawo beza kimi ngokushesha.
Babuza, “Uyazi ukuthi ubani lo? Umphathi-dolobha waseDar es Salaam!” Ngaphambi kwalokho wayesongele ngokuthi uzowuhlakaza umhlangano wethu. Kubonakala sengathi wayehlele ukusebenzisa indlela ayecabanga ukuthi ngizomphatha ngayo njengebhaxa lokuwuhlakaza. Kodwa wahlatshwa umxhwele umusa nesithakazelo asiboniswa kangangokuthi wavumela ukuba ingxenye esele yesimiso somhlangano iqhubeke ngaphandle kweziphazamiso. Kwakukhona abangu-274, futhi kwabhapathizwa abangu-16!
Ngesikhathi sisakhonza eTanzania, leli zwe lathola inkululeko. Ngemva kwalokho, kwakuqashwa kakhulu abantu bendawo kunabantu abavela ngaphandle. Izifiki eziningi kwadingeka ziphume ezweni, kodwa ukuphikelela kukaFrank efuna umsebenzi ekugcineni kwaba nemivuzo lapho etshelwa ukuthi kwakudingeka umakhenika onekhono owayezonakekela izitimela zika-diesel. Ngenxa yalokho sahlala eminye iminyaka emine. Lapho imvume kaFrank iphela, sabuyela eCanada, futhi sahlala khona kwaze kwaba yilapho uthunjana wethu esekhulile futhi eseshadile. Sasisazizwa sinamandla futhi sifuna ukwenza okwengeziwe.
Ukuthuthela ENdiya
Ngo-1970, silandela ukusikisela kwehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eBombay (manje eyiMumbai), sathuthela eBangalore, idolobha elalinabantu abangaba yizigidi ezingu-1,6 ngaleso sikhathi. Kulapha-ke lapho ngasinda khona ngokulambisa ngesikhathi inyathi ingihlaba ngezimpondo. Ngaleso sikhathi kwakunebandla lesiNgisi labangu-40 neqembu elingalodwa elikhuluma isiTamil. UFrank wafundela amadoda amaningana athuthuka olwazini lweBhayibheli futhi kamuva aba abadala abangamaKristu. Nami ngafundela imikhaya eyagcina isikhonza uJehova.
Owesifazane othile okuthiwa uGloria wayehlala engxenyeni empofu kakhulu yedolobha. Lapho ngiqala ukumvakashela, wangingenisa endlini. Njengoba kwakungenampahla endlini, sahlala phansi. Ngamshiyela INqabayokulinda, futhi wasika kuyo ingcaphuno yeBhayibheli yesAmbulo 4:11 wayinamathisela odongeni lapho ayeyibona khona nsuku zonke. Yayihlanganisa nala magama: “Uyakufanelekela, Jehova,” ayewathanda kakhulu. Ngemva konyaka wabhapathizwa.
UFrank wacelwa ukuba asebenze unyaka egatsheni laseBombay futhi engamele ukwakhiwa kweHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova lokuqala eNdiya. Leli Hholo LoMhlangano lakhiwa nje ngokunezela isitezi esisodwa phezu kwesakhiwo segatsha esikhona. Ngaleso sikhathi kwakunoFakazi abangaphezudlwana nje kwabangu-3 000 kulo lonke elaseNdiya, bengaphansi kweshumi abakhonza egatsheni. Ngo-1975, lapho sesiphelelwe imali, sadumala lapho sishiya abangane esasesibathanda kangaka.
Ukuphindela E-Afrika
Ngemva kweminyaka eyishumi, uFrank wayesekufanelekela ukuthatha umhlalaphansi. Ngakho savolontiya ukungena ohlelweni lwamazwe ngamazwe lokwakha amahhovisi egatsha. Kwafika incwadi eyayisicela ukuba siye e-Igieduma, eNigeria, njengoba kwakuqhubeka umsebenzi wokwakha khona. Lapho sise-Igieduma, uFrank wafunda iBhayibheli nendoda edolobhaneni eliseduze eyathuthuka futhi kamuva yaba ilungu legatsha laseNigeria loFakazi BakaJehova.
Ngokulandelayo, saya eZaire sayosebenza ekwakhiweni kwegatsha. Ngokushesha ngemva kwalokho, umsebenzi wokushumayela wavalwa futhi saphucwa izincwadi zokuya kwamanye amazwe. UFrank wahlaselwa isifo senhliziyo esemsebenzini kodwa wakwazi ukululama phakathi nesikhathi sokuvinjelwa. Kamuva, kwadingeka ukuba zonke izisebenzi ezakhayo zihambe, ngakho sathunyelwa eLiberia engumakhelwane. Lapho, ehhovisi legatsha laseMonrovia, uFrank wacelwa ukuba alungise umshini ophehla ugesi. Lapho imvume yokuhlala kuleli zwe iphela ngo-1986, saphinde sabuyela eCanada.
Ekugcineni Saya E-Ecuador
Ngemva nje kwalokho, sezwa ukuthi umngane wethu omkhulu u-Andy Kidd wayethuthele e-Ecuador futhi ejabulela umsebenzi wokushumayela khona. U-Andy uyena kuphela owayengumdala ebandleni labo, ngakho wayevame ukusingatha iningi lezinkulumo emihlanganweni. Wasimema, ngakho savakashela igatsha lase-Ecuador ngo-1988 futhi samukelwa ngemfudumalo.
Sathola umuzi onethezekile esasizohlala kuwo; kodwa kwadingeka sifunde iSpanishi, kanti uFrank wayeneminyaka engu-71. Phakathi neminyaka emibili eyalandela, nakuba sasingasazi kahle iSpanishi, sakwazi ukusiza abantu abangu-12 ukuba babhapathizwe. UFrank wacelwa ukuba ayosebenza esakhiweni segatsha lase-Ecuador. Waphinde wafunda iBhayibheli nomyeni womunye woFakazi bokuqala eGuayaquil. Le ndoda, eyayisiphikise iminyaka engu-46, yaba umngane wethu nomfowethu ongokomoya.
Ukulahlekelwa Okukhulu
Sazinza edolobhaneni lase-Ancón, ngasePacific Ocean, lapho safika sasiza khona ekwakheni iHholo LoMbuso elisha. Ngokudabukisayo, ngo-November 4, 1998, ngemva kokunikeza inkulumo yokugcina eMhlanganweni Wenkonzo, uFrank wahlaselwa inhliziyo futhi washona ngalobo busuku. Abafowethu nodadewethu abangokomoya bangisekela kakhulu! Ngakusasa uFrank wangcwatshwa emathuneni angaphesheya komgwaqo uma usuka eHholo LoMbuso. Ngiswele amazwi okuchaza ubuhlungu bokulahlekelwa othandekayo ngokufa.
Kwadingeka ngibuyele eCanada futhi, kulokhu ngingedwa, ngiyonakekela izindaba zomkhaya nezomthetho. Nakuba ngangilusizi, uJehova akazange angikhohlwe. Ngathola incwadi evela egatsheni lase-Ecuador eyayingazisa ukuthi ngingabuya uma ngifisa. Ngakho ngabuyela futhi ngathola indawo encane yokuhlala eduze nehhovisi legatsha. Ukuhlala ngimatasa egatsheni nasenkonzweni kwangisiza ukuba ngibhekane nobuhlungu bokulahlekelwa uFrank, kodwa ngangisazizwa nginesizungu kakhulu.
Ukuqhubekela Phambili Emsebenzini
Ngokuhamba kwesikhathi, ngajwayelana noJunior Jones. Kwadingeka ukuba eze e-Ecuador ezophayona esuka e-United States ngo-1997. Sasinemigomo efanayo futhi sijabulela izinto ezifanayo. Sashada ngo-October 2000. UJunior wayenolwazi kwezokwakha, ngakho sacelwa ukuba siyosebenza siqedele iHholo LoMhlangano laseCuenca, idolobha eliphezulu eziNtabeni zase-Andes. Ngo-April 30, 2006, uGeoffrey Jackson weNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova wafika evela eNew York ezonikeza inkulumo yokunikezela ihholo, futhi kwakukhona abangu-6 554.
Ubani obengacabanga ukuthi ezindaweni eziqhele kangaka—e-Afrika, eNdiya naseNingizimu Melika—umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ubungakhula kahle kangaka? Manje, mina noJunior asikucabangi ukuthatha umhlalaphansi. Iminyaka engaphezu kwengu-50 engiyichithe enkonzweni kaJehova idlule ngokushesha okukhulu kangangokuba kunjengokungathi ngiqale izolo. Futhi ngiyazi ukuthi lapho kufika izwe elisha, isikhathi esiphila kuso manje kuyoba sengathi sidlule ngokushesha.—IsAmbulo 21:3-5; 22:20.
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izindawo Esakhonza Kuzo
CANADA → ENGLAND → KENYA → TANZANIA
CANADA → INDIA
CANADA → NIGERIA → CONGO, DEM. REP. (ZAIRE) → LIBERIA
CANADA → ECUADOR
[Ezinye izindawo]
UNITED STATES OF AMERICA
Isithombe
NginoFrank eNdiya, siya emhlanganweni
[Isithombe ekhasini 15]
Nginomyeni wami uJunior Jones