Ubusuku Okufanele Bukhunjulwe
Siyakumema—Ngolwesine ngo-April 9, 2009
Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu Kristu wamisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe, esebenzisa iwayini nesinkwa esingenamvubelo njengezifanekiselo. Wayala: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—Luka 22:19.
OFakazi BakaJehova bakumema ngomusa ukuba uhlanganyele nabo ekulaleleni umyalo kaJesu wokukhumbula lesi senzakalo minyaka yonke. Sicela ubuze oFakazi BakaJehova endaweni yakini isikhathi nendawo.