Ubungaphendula Kanjani?
Kwenzeka Kuphi?
1. UPawulu wahlangana kuliphi idolobha noThimothewu?
UMKHONDO: Funda izEnzo 16:1-3.
Kokelezela impendulo yakho ebalazweni.
IListra
I-IKoniyu
IDerbe
◼ Wayengowasiphi isizwe uyise kaThimothewu? Unina yena?
․․․․․
◼ Kwakungubani igama likamama kaThimothewu?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 Thimothewu 1:5.
․․․․․
◼ Yini uThimothewu ayifundiswa unina futhi kungani?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 Thimothewu 3:15.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Ungafana kanjani noThimothewu?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 5 Yini okuhle ukuyenza ngengxenye ethile yemali yakho? 1 Korinte 16:․․․
IKHASI 5 Uma uboleka imali, uba yini? IzAga 22:․․․
IKHASI 11 INkosi uJosiya yakuqeda kanjani ukukhulekela kwamanga kwaJuda? 2 IziKronike 34:․․․
UKHASI 19 Kungani kungafanele ukuba uvele wakhe ubungane nanoma ubani? IHubo. 26:․․․
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Yini Oyaziyo Ngabaprofethi?
Funda incwadi kaJona. Bese uphendula imibuzo elandelayo:
2. ․․․․․
UNkulunkulu wamthumela kumuphi umuzi uJona?
3. ․․․․․
Yimuphi umyalezo uJona awudlulisela kubantu bakulowo muzi? Basabela kanjani?
ENINGAXOXA NGAKHO:
Yini eyacasula uJona? Ingabe kwakufanele acasuke? Kungani uphendula kanjalo?
◼ Izimpendulo ekhasini 28
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. EListra e-Asia Minor.
◼ Uyise wayengumGreki, unina engumJuda.
◼ U-Evnike.
◼ “Imibhalo engcwele,” okusho imiBhalo yeBhayibheli yesiHebheru, ngenxa yokuthi wayefuna ukuba abe umkhulekeli kaNkulunkulu weqiniso, uJehova.
2. ENineve.—Jona 1:1, 2.
3. Isahlulelo sikaNkulunkulu kulo muzi. Abantu kuhlanganise nenkosi, baphenduka.—Jona 1:2; 3:2-9.