Ukubukeza Komkhaya
Siyini Isinqumo Esihle?
Funda uGenesise 39:1-23. Manje bheka lesi sithombe, bese ubhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi.
1. Ungubani lona wesifazane olapha?
․․․․․
2. Ingubani le ndoda?
․․․․․
3. Yisiphi isinqumo le ndoda eyasenza?
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani le ndoda yenza leso sinqumo? Ingabe yahlupheka ngenxa yaso? Ucabanga ukuthi yenza isinqumo esifanele, futhi uma kunjalo, kungani? Kunini lapho ungase uhlupheke khona ngokuthi uthathe isinqumo sokwenza okulungile?
YINI OYAZIYO NGENKOSI USAWULE?
4. Iziphi izici zomzimba eziphawulekayo uSawule ayenazo?
UMKHONDO: Funda u-1 Samuweli 9:1, 2.
․․․․․
5. Kungani uJehova amala uSawule?
UMKHONDO: Funda u-1 Samuweli 13:13, 14.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Yini ebalulekile kuNkulunkulu kunokubukeka kwangaphandle komuntu?
UMKHONDO: Funda u-1 Samuweli 16:6, 7.
Ukwazi lelo qiniso kungakusiza kanjani ukuba ube nombono ofanele ngendlela okubukeka ngayo?
UMKHONDO: Funda u-1 Thimothewu 4:8.
IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IMBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 4 Ngokuphathelene nokusebenza, iBhayibheli likhuthazani? UmShumayeli 3:․․․
IKHASI 7 Yini okufanele siyisebenzele? Johane 6:․․․
IKHASI 10 UNkulunkulu umise usuku lokwenzani? IzEnzo 17:․․․
IKHASI 28 Uma umbhangqwana ushada, uba yini? Genesise 2:․․․
● Izimpendulo zisekhasini 14
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. UmkaPotifari.
2. UJosefa.
3. Ukungalali nomkaPotifari.
4. USawulu wayemude futhi ebukeka kahle.
5. USawulu akazange amlalele uNkulunkulu.