Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/11 kk. 22-31
  • Ukubukeza Komkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza Komkhaya
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
  • Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
  • Abantu Namazwe
  • Izingane Zifuna Izithombe
  • IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Lokho UJoshuwa Akukhumbula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • UJoshuwa Makakusize Ukhonze UJehova Ngesibindi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Joshuwa 1:9—“Qina Ube Nesibindi”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 1/11 kk. 22-31

Ukubukeza Komkhaya

Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?

Funda uJohane 6:5-13. Yini enganembile kulesi sithombe? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi, bese uqedela lesi sithombe ngokufaka umbala.

1. ․․․․․

2. ․․․․․

3. ․․․․․

ENINGAXOXA NGAKHO:

Yini uJesu athi abafundi bayibuthe, futhi ngani? Lokhu kusifundisani ngoJesu? Yini wena ongayenza ukuze ungasaphazi?

OKUNGENZIWA UMKHAYA:

Fundani lokho okulandiswa yiBhayibheli ndawonye. Uma kungenzeka, akube khona ofunda ingxenye yolandisayo, owesibili afunde ingxenye kaJesu, owesithathu afunde ekaFiliphu, bese kuthi owesine afunde eka-Andreya.

Wagcine Bese Uwafunda Kamuva

Wasike, uwasonge bese uwabeka

IKHADI LEBHAYIBHELI 1 UJOSHUWA

IMIBUZO

A. UJoshuwa nebutho lakhe baziwisa kanjani izindonga zaseJeriko?

B. Qedela amazwi kaJoshuwa: “Kodwa mina nendlu yami, . . . ”

C. Yimaphi amanye amagama kaJoshuwa?

[Ishadi]

4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.

Ukudalwa kuka-Adamu Waphila cishe Incwadi yokugcina

ngawo-1500 B.C.E. yeBhayibheli eyalotshwa

[Ibalazwe]

Basuka EGibhithe Baya EZweni Lesithembiso

IGIBHITHE

IZWE LESITHEMBISO

UJOSHUWA

UMLANDO

Wendodana KaNuni. Waba yisikhonzi sikaMose futhi kamuva wamiswa njengomholi ka-Israyeli. (Eksodusi 33:11; Duteronomi 34:9; Joshuwa 1:1, 2) UJoshuwa waholela abantu bakaNkulunkulu eZweni Lesithembiso ngokungesabi. Wazethemba izithembiso zikaJehova, walalela isiqondiso sakhe futhi wamkhonza ngokwethembeka.

IZIMPENDULO

A. Balalela uNkulunkulu ngokuzungeza umuzi.—Joshuwa 6:1-27.

B. “. .  sizomkhonza uJehova.”—Joshuwa 24:15.

C. UHosheya noJehoshuwa.—Numeri 13:8, 16.

Abantu Namazwe

4. Igama lami nginguVictor. Ngineminyaka engu-7, ngihlala eMalawi, e-Afrika. Cishe bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eMalawi? Ingabe bangu-750, 7 500 noma 75 000?

5. Yiliphi ichashaza elibonisa izwe engihlala kulo? Likokolozele, bese ubeka ichashaza lapho wena uhlala khona, futhi ubone ukuthi useduze kangakanani neMalawi.

A

B

C

D

Izingane Zifuna Izithombe

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

● Izimpendulo zemibuzo esekhasini 30 no-31, zisekhasini 22

IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31

1. Kufanele kube umfana omncane ophethe ukudla, hhayi intombazane.

2. Esikhundleni sama-aphula amahlanu, kufanele kube yizinkwa ezinhlanu.

3. Esikhundleni sezikhwebu ezimbili, kufanele kube izinhlanzi ezimbili.

4. 75 000.

5. C.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela