Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 2 k. 4
  • 1 Ukuzinikela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 1 Ukuzinikela
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUSHO UKUTHINI?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • ONGAKWENZA
  • Imfihlo 2: Ukuzibophezela
    I-Phaphama!—2009
  • USIZO LOMKHAYA | UMSHADO
    I-Phaphama!—2015
  • Indlela Ongawuqinisa Ngayo Umshado Wakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukuzibophezela Emshadweni Wakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 2 k. 4
Ihange ligcina isikebhe sizinzile lapho kunezivunguvungu

Ukuzinikela kunjengehange, kugcina umshado uzinzile ngisho nasezikhathini ezinzima

ABASHADILE

1 Ukuzinikela

KUSHO UKUTHINI?

Abantu abazinikele emishadweni yabo bazizwa belondekile ngoba babheka imishado yabo njengesibopho saphakade. Ngamunye wabo akangabazi ukuthi ashade naye uyonamathela kuye, ngisho nasezikhathini ezinzima emshadweni wabo.

Abanye abashadile bazizwa bephoqelekile ukuhlala emishadweni yabo ngoba besaba ukudumaza abangane nemindeni yabo. Nokho, kungcono kakhulu ukuzinikela emshadweni lapho indoda nomkayo bethandana futhi behloniphana.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Indoda akufanele imshiye umkayo.”—1 Korinte 7:11.

“Uma uzinikele emshadweni wakho uyazi ukuthi ngezinye izikhathi oshade naye angase akuphathe kabi. Uyashesha ukuxola nokuxolisa. Izinkinga eziphakamayo uzibheka njengeziphazamiso ezincane, hhayi njengezizathu zokuphuma emshadweni.”—UMicah.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Kulula ngabantu abangazinikele ngokuphelele emshadweni wabo ukuvele bakhethe ukuhlukana lapho kuphakama izinkinga.

“Abantu abaningi bashada bevele benombono wokuthi bangadivosa noma nini uma izinto zingahambi kahle. Abantu abacabanga kanjalo, basuke bengazinikele kwasekuqaleni emshadweni wabo.”—UJean.

ONGAKWENZA

ZIHLOLE

Lapho kuphakama ukungezwani phakathi kwakho noshade naye . . .

  • Ingabe ufikelwa ukuzisola ngokuthi washada naye?

  • Ingabe ufisa sengathi washada nomunye umuntu?

  • Ingabe umesabisa ngamazwi anjengokuthi, “Ngiyaphuma kulo mshado” noma “Ngizothola omunye umuntu ozongithanda”?

Uma uphendule ngoyebo kweminye yale mibuzo, kufanele uzimisele manje ukuqinisa umshado wakho.

XOXA NOSHADE NAYE NGALE MIBUZO

  • Ingabe sisazinikele njengasekuqaleni emshadweni wethu? Uma kungenjalo, yini esishintshile?

  • Yini esingayenza ukuze siqinise umshado wethu?

ZAMA LOKHU

  • Ngezinye izikhathi, bhalela oshade naye umyalezo wothando

  • Bonisa ukuthi uzinikele koshade naye ngokubeka izithombe zakhe ehhovisini lakho

  • Mfonele lapho usemsebenzini, noma lapho ningekho ndawonye

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Mathewu 19:6.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela