Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ingxenye 1
  • Ukusuka Endalweni Kuya KuZamcolo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusuka Endalweni Kuya KuZamcolo
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izigidi Zezidalwa Zomoya
    Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Ukuhlubuka Endaweni Yemimoya
    Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • UNkulunkulu Wenza Izinto
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indoda Enesibindi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ingxenye 1

Ingxenye 1

Ukusuka Endalweni Kuya KuZamcolo

Wavelaphi umhlaba nezulu? Ilanga, inyanga nezinkanyezi kanye neziningi izinto ezisemhlabeni, kwaba khona kanjani? IBhayibheli linikeza impendulo yeqiniso uma lithi kwadalwa uNkulunkulu. Ngakho incwadi yethu iqala ngezindaba zeBhayibheli eziphathelene nendalo.

Indalo yokuqala kaNkulunkulu, esifunda ngayo, kwakungabantu bomoya abafana naye. Babeyizingelosi. Kodwa umhlaba wawudalelwe abantu abanjengathi. Ngakho uNkulunkulu wenza indoda nowesifazane u-Adamu no-Eva wababeka ensimini enhle. Kodwa abamlalelanga uNkulunkulu balahlekelwa yilungelo lokuqhubeka bephila.

Sekukonke, kusukela ekudalweni kuka-Adamu kuze kube uZamcolo, kwakuyiminyaka eyi-1 656. Phakathi nalesi sikhathi kwakunabantu abaningi ababi abaphila. Ezulwini, kwakunabantu abayimimoya engabonakali, uSathane nezingelosi zakhe ezimbi. Emhlabeni, kwakukhona uKhayini nabaningi abanye abantu ababi, kuhlanganise namadoda anamandla angavamile. Kodwa futhi kwakunabantu abahle emhlabeni—u-Abela, u-Enoke, noNowa. ENgxenyeni YOKUQALA sizofunda ngabo bonke laba bantu nezenzakalo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela