Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 1
  • UNkulunkulu Wenza Izinto

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Wenza Izinto
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indlela Isimiso Sethu Sonozungezilanga Esiyingqayizivele Esaba Khona Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Waqala Nini UNkulunkulu Ukudala Indawo Yonke?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ilanga Lethu Eliyingqayizivele
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 1
Ekuqaleni iplanethi uMhlaba yayimbozwe ulwandle, amatshe kanye nezintaba-mlilo

INdaba 1

UNkulunkulu Wenza Izinto

ZONKE izinto ezinhle esinazo zivela kuNkulunkulu. Wenza ilanga ukuba lisikhanyisele emini, inyanga nezinkanyezi ukuba kusikhanyisele ebusuku. UNkulunkulu wasenzela nomhlaba ukuba sihlale kuwo.

Kodwa ilanga, inyanga, izinkanyezi nomhlaba akuzona izinto azenza kuqala. Uyazi ukuthi waqala ngani? Okokuqala wenza abantu abanjengaye. Asibaboni labo bantu, njengoba noNkulunkulu singamboni. EBhayibhelini laba bantu kuthiwa izingelosi. UNkulunkulu wenza izingelosi ukuba zihlale naye ezulwini.

Ingelosi yokuqala uNkulunkulu ayenza yayikhethekile. YayiyiNdodana kaNkulunkulu yokuqala, futhi yasebenza noYise. Yasiza uNkulunkulu ukuba enze zonke ezinye izinto. Yasiza uNkulunkulu ukuba enze ilanga, inyanga, izinkanyezi nomhlaba wethu.

Wawunjani umhlaba ngaleso sikhathi? Ekuqaleni akekho owayengahlala emhlabeni. Kwakukhona ulwandle olukhulu lwamanzi ezweni lonke. Kodwa uNkulunkulu wayefuna kuhlale abantu emhlabeni. Ngakho-ke waqala ukusilungiselela izinto. Wenzani?

Okokuqala umhlaba wawudinga ukukhanya. Ngakho-ke uNkulunkulu wenza ukuba ukukhanya kwelanga kukhanye emhlabeni. Wakwenza ngendlela yokuba kube nesikhathi sasebusuku nesasemini. Kamuva uNkulunkulu waveza izwe ngaphansi kwamanzi olwandle.

Okokuqala kwakungekho lutho ezweni. Kwakufana nesithombe osibona lapha. Kungekho zimbali noma imithi noma izilwane. Kungekho neyodwa inhlanzi olwandle. UNkulunkulu wayenomsebenzi owe-ngeziwe ekwenzeni umhlaba ube muhle ukuze izilwane nabantu bahlale kuwo.

Jeremiya 10:12; Kolose 1:15-17; Genesise 1:1-10.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela