Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 11
  • Uthingo Lokuqala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uthingo Lokuqala
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwasinda Abantu Abangu-8
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Amanzi Abhubhisa Izwe—Ingabe Asazolibhubhisa Futhi?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Indaba KaNowa NoZamcolo—Ingabe Imane Iyinganekwane Nje?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Isixwayiso Esitholakala Kokwenzeka Endulo
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 11
Uthingo lokuqala esibhakabhakeni, umkhumbi kaNowa uhleli endaweni yomile emhlabeni

INdaba 11

Uthingo Lokuqala

UYAYAZI into yokuqala eyenziwa uNowa lapho yena nomkhaya wakhe bephuma emkhunjini? Wenza umnikelo noma isipho kuNkulunkulu. Ungase umbone enza lokhu esithombeni esingezansi. UNowa wanikela ngalesi sipho sezilwane ukuba abonge uNkulunkulu ngokusindisa umkhaya wakhe kuzamcolo omkhulu.

Ucabanga ukuthi uJehova wasijabulela lesi sipho? Yebo, wajabula. Ngakho-ke wathembisa uNowa ukuthi wayengeke aphinde abhubhise umhlaba ngozamcolo.

UNowa nomndeni wakhe benza umnikelo wesipho ukuze babonge uJehova

Ngokushesha umhlaba woma wonke, futhi uNowa nomkhaya wakhe baqala ukuphila okusha ngaphandle komkhumbi. UNkulunkulu wababusisa wathi kubo: ‘Zalani nande, abantu bagcwale emhlabeni wonke.’

Kodwa kamuva, uma abantu bengezwa ngozamcolo omkhulu, babengase besabe ukuthi uzamcolo ofana nalowo wawungafika futhi. Ngakho uNkulunkulu wanikeza isibonakaliso sokukhumbuza abantu ngesithembiso sakhe sokungaphinde akhukhule umhlaba wonke. Uyazi ukuthi wabanikani ukuze abakhumbuze? Kwakuwuthingo.

Uthingo ngokuvamile lubonakala esibhakabhakeni uma kukhanya ilanga ngemva kwemvula. Uthingo lungase lube nemibala eminingi emihle. Wake walubona? Uyalubona lolu olusesithombeni?

UNkulunkulu wathi: ‘Ngiyathembisa ukuthi akusenakuphinde futhi abantu nezilwane kubhujiswe uzamcolo. Ngibeka uthingo lwami emafwini. Futhi uma luvela, ngiyolubona ngisikhumbule lesi sithembiso sami.’

Ngakho-ke uma ubona uthingo, kufanele lukukhumbuzeni? Yebo, isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi akanakuphinde abhubhise izwe ngozamcolo.

Genesise 8:18-22; 9:9-17.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela