Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 4 k. 7
  • Kungani Siye Sanyathelisa INguqulo Yezwe Elisha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Siye Sanyathelisa INguqulo Yezwe Elisha?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingqopha-mlando Kubathandi BeZwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • INququlo Yezwe Elisha Yaziswa Yizigidi Emhlabeni Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • I“New World Translation”
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ingabe INguqulo Yezwe Elisha Inembile?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 4 k. 7

Isifundo 4

Kungani Siye Sanyathelisa INguqulo Yezwe Elisha?

Sekuyiminyaka eminingi oFakazi BakaJehova besebenzisa, benyathelisa futhi besakaza izinguqulo ezihlukahlukene zamaBhayibheli. Kodwa sabona isidingo sokunyathelisa inguqulo entsha eyayizosiza abantu bafunde ‘ulwazi olunembile lweqiniso,’ okuyintando kaNkulunkulu ngabo bonke abantu. (1 Thimothewu 2:3, 4) Ngakho, ngo-1950 saqala ukukhipha izingxenye zeBhayibheli lethu elibhalwe ngolimi lwanamuhla, INguqulo Yezwe Elisha. Leli Bhayibheli liye lahunyushwa ngendlela ethembekile nenembile ngezilimi ezingaphezu kwekhulu.

Kwakudingeka iBhayibheli okulula ukuliqonda. Izilimi ziyashintsha ngokuhamba kwesikhathi futhi izinguqulo eziningi zinamagama angaziwa noma akudala okunzima ukuwaqonda. Ngaphandle kwalokho, kuye kwavubukulwa imibhalo yesandla yeBhayibheli yasendulo enembile nefana neyokuqala, okuye kwaholela ekuqondweni kangcono kwemiBhalo yesiHebheru, yesi-Aramu neyesiGreki.

Kwakudingeka inguqulo enamathela ezwini likaNkulunkulu. Kunokuba abahumushi beBhayibheli benze abakuthandayo ngemibhalo kaNkulunkulu ephefumulelwe, kufanele banamathele embhalweni wokuqala. Kodwa ezinguqulweni eziningi, igama likaNkulunkulu elithi Jehova, lisusiwe emiBhalweni Engcwele.

Kwakudingeka iBhayibheli elidumisa uMlobi walo. (2 Samuweli 23:2) ENguqulweni Yezwe Elisha, igama likaJehova liye labuyiselwa lapho livela khona izikhathi ezingaphezu kuka-7 000 emibhalweni yesandla yeBhayibheli yasendulo, njengoba kuboniswe esithombeni esingezansi. (IHubo 83:18) Ngenxa yokucwaninga ngokucophelela iminyaka eminingi, ukufunda leli Bhayibheli kuyajabulisa ngoba likudlulisa ngendlela ecacile ukucabanga kukaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi unayo INguqulo Yezwe Elisha noma cha, sikukhuthaza ukuba ube nesimiso sokufunda iZwi likaJehova nsuku zonke.—Joshuwa 1:8; IHubo 1:2, 3.

  • Kungani sanquma ukuthi kudingeka inguqulo entsha yeBhayibheli?

  • Umuntu ofuna ukufunda intando kaNkulunkulu yini angayenza nsuku zonke?

THOLA OKWENGEZIWE

Funda iSandulela se-Nguqulo Yezwe Elisha, bese uphendula lo mbuzo: “Yayizizwa inasiphi isibopho ikomiti yabahumushi lapho ihumusha leli Bhayibheli?” Yibe usuqhathanisa indlela okuhunyushwe ngayo la mavesi nezinye izinguqulo okungenzeka unazo: Genesise 25:29; Isaya 14:23; Mathewu 5:3; 11:12; 1 Korinte 10:24, 25; Filipi 1:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela