Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 134 k. 304-k. 305 isig. 5
  • Ithuna Alinamuntu Ngoba UJesu Uyaphila!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ithuna Alinamuntu Ngoba UJesu Uyaphila!
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uyaphila!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • UJesu Uyaphila!
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Uyaphila
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJesu Uyavuswa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 134 k. 304-k. 305 isig. 5
Abesifazane bayashaqeka lapho bethola ithuna lingenamuntu

ISAHLUKO 134

Ithuna Alinamuntu Ngoba UJesu Uyaphila!

MATHEWU 28:3-15 MARKU 16:5-8 LUKA 24:4-12 JOHANE 20:2-18

  • UJESU UYAVUSWA

  • OKWENZEKA ETHUNENI LIKAJESU

  • UBONAKALA KWABESIFAZANE ABAHLUKAHLUKENE

Kuyabashaqisa abesifazane ukuthola ithuna lingenamuntu! UMariya Magdalena ugijima aye “kuSimoni Petru nakulona omunye umfundi uJesu ayemthanda”—umphostoli uJohane. (Johane 20:2) Noma kunjalo, abanye abesifazane abasethuneni babona ingelosi. Futhi ngaphakathi ethuneni kukhona enye ingelosi, “igqoke ingubo emhlophe.”—Marku 16:5.

Ingelosi eyodwa ithi kubo: “Ningesabi, ngoba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obulawelwe esigxotsheni. Akekho lapha, ngoba uvusiwe, njengoba asho. Wozani nibone indawo abelele kuyo. Hambani masinyane nitshele abafundi bakhe ukuthi uvusiwe kwabafile, usendleleni eya eGalile.” (Mathewu 28:5-7) Ngakho abesifazane bayagijima bayotshela abafundi “bethuthumela futhi beshaqekile ngenxa yokwesaba.”—Marku 16:8.

Manje, uMariya usebatholile oPetru noJohane. Ehefuzela, uthi: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi ukuthi bayibekephi.” (Johane 20:2) UPetru noJohane basuka ngejubane. UJohane ufika kuqala ethuneni ngoba unejubane. Uyalunguza abone amabhandishi kodwa akangeni phakathi.

Lapho uPetru efika, ugulukudela phakathi. Ubona izindwangu zelineni nendwangu ebisonge ikhanda likaJesu. UJohane naye uyangena, bese eyakukholwa lokho okushiwo uMariya. Akekho phakathi kwabo oqondayo ukuthi uvusiwe, nakuba uJesu ake akhuluma ngakho esikhathini esidlule. (Mathewu 16:21) Bedidekile, bayagoduka. Kodwa uMariya, obuyelile ethuneni, uyasala.

Kusenjalo, abanye abesifazane basendleleni bayotshela abafundi ukuthi uJesu uvusiwe. Besagijima beyobatshela, bahlangana noJesu athi kubo: “Sanibona!” Bawela ezinyaweni zakhe ‘bamkhothamele.’ UJesu ube esethi kubo: “Ningesabi! Hambani niyobikela abafowethu ukuze bahambe baye eGalile, bazongibona khona.”—Mathewu 28:9, 10.

Ngesikhathi kuzamazama umhlaba futhi kubonakala izingelosi, amasosha ayesethuneni ‘athuthumela aba njengabantu abafile.’ Ngemva kokuba esephapheme, angena edolobheni ‘abikela abapristi abakhulu konke okwakwenzekile.’ Abapristi babe sebeba nenguyazana nabadala abangamaJuda. Banquma ukufumbathisa amasosha ukuze kufihlwe le ndaba, nokuba athi: “Abafundi bakhe bafike ebusuku bameba sisalele.”—Mathewu 28:4, 11, 13.

Amasosha amaRoma angabulawa uma elala ebe egadile, ngakho abapristi bawathembisa ukuthi: “Uma lokhu [ukuqamba kwabo amanga ngokuthi bebelele] kufika ezindlebeni zombusi, thina sizomchazela, akudingeki nikhathazeke.” (Mathewu 28:14) Amasosha athatha isifumbathiso bese enza njengoba abapristi besho. Ngakho indaba engamanga yokuthi isidumbu sikaJesu sintshontshiwe isakazeka kuwo wonke amaJuda.

UMariya Magdalena usasethuneni uyakhala. Ulunguza phakathi ethuneni abone izingelosi ezimbili zigqoke okumhlophe! Enye ihleli ngasekhanda lapho obekulele khona umzimba kaJesu kanti enye ihleli ngasezinyaweni. Ziyambuza: “Sifazane, ukhalelani?” UMariya uyaphendula: “Bayithathile iNkosi yami, angazi ukuthi bayibekephi.” Lapho ephenduka, uMariya ubona umuntu othile. Uphinda umbuzo obuzwe yizingelosi bese eyenezela: “Ufuna bani?” Ecabanga ukuthi ukhuluma nomuntu osebenza engadini, uthi: “Mnumzane, uma umthathile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngizomthatha.”—Johane 20:13-15.

Empeleni, uMariya ukhuluma noJesu ovusiwe, kodwa okwamanje akaboni ukuthi ukhuluma naye. Nokho, lapho ethi, “Mariya!” uyezwa ukuthi uJesu, ngenxa yokuthi wayejwayele ukumbiza kanjalo. UMariya umemeza ngenjabulo athi: “Raboni!” (okusho ukuthi “Mfundisi!”). Kodwa esaba ukuthi usezonyukela ezulwini, uyambamba. Ngenxa yalokho, uJesu uyamncenga: “Yeka ukunamathela kimi, ngoba angikanyukeli kuBaba. Kodwa hamba uye kubafowethu uthi kubo, ‘Nginyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.’”—Johane 20:16, 17.

UMariya uyagijima aye endaweni okubuthanele kuyo abaphostoli kanye nabanye abafundi. Uyabatshela: “Ngiyibonile iNkosi!” enezela kulokho asebekuzwile kwabanye abesifazane. (Johane 20:18) Kodwa le mibiko ‘izwakala njengembudane kubo.’—Luka 24:11.

  • Kwenzekani kuMariya Magdalena nakwabanye abesifazane lapho bethola ithuna lingenamuntu?

  • Yini abayenzayo uPetru noJohane lapho bethola kukhala ibhungane ethuneni?

  • Bahlangana nobani abesifazane lapho beya kubafundi, futhi kwenzekani kuMariya Magdalena lapho ephindela ethuneni?

  • Basabela kanjani abafundi ngemibiko abayitholayo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela