Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 47 k. 114-k. 115 isig. 3
  • UJehova Waqinisa U-Eliya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Waqinisa U-Eliya
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?
    Fundisa Izingane Zakho
  • Ingabe Uyothembeka Njengo-Eliya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 47 k. 114-k. 115 isig. 3
U-Eliya umi phambi kweNtaba iHorebe ulalele ingelosi kaNkulunkulu

ISIFUNDO 47

UJehova Uqinisa U-Eliya

UJezebeli wezwa ukuthi kwakwenzekeni kubaprofethi bakaBhali, futhi wayethukuthele egane unwabu! Wathumela umyalezo ku-Eliya ethi: ‘Kusasa, uzofa njengabaprofethi bakaBhali.’ U-Eliya wethuka kakhulu wabalekela ogwadule. Wathandaza: ‘Jehova, sekungaphezu kwamandla. Kungcono ngife.’ Ekhathele, u-Eliya walala ngaphansi kwesihlahla.

Ingelosi yamvusa yathi kuye ngezwi eliphansi: ‘Vuka udle.’ U-Eliya wabona isinkwa esiyindilinga phezu kwamatshe ashisayo nojeke wamanzi. Wadla waphuza wabe eselala. Ingelosi yaphinde yamvusa yathi: ‘Idla. Udinga amandla njengoba uzohamba.’ Ngakho u-Eliya waphinde wadla. Wabe esehamba izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40 waze wafika eNtabeni iHorebe. U-Eliya wangena emgedeni lapho walala. Nokho uJehova wakhuluma naye. Wathi: ‘Eliya, wenzani lapha?’ U-Eliya wathi: ‘Ama-Israyeli asephulile isithembiso asenza nawe. Aphihlize wonke ama-altare abulala nabaprofethi. Manje nami asefuna ukungibulala.’

UJehova wathi kuye: ‘Hamba uye entabeni ufike ume khona.’ Kwaqale kwadlula umoya omkhulu emgedeni. Kwabe sekundindizela umhlaba kwaba nomlilo. Ekugcineni u-Eliya wezwa izwi elizolile. Wamboza ubuso bakhe ngejazi ayeligqokile wabe esema ngaphandle komgede. UJehova wambuza ukuthi kungani ebaleka. U-Eliya wathi: ‘Sekuyimina kuphela osele.’ Nokho uJehova wathi kuye: ‘Akuwena wedwa osele. Kunama-Israyeli angu-7 000 asangikhonza. Hamba ufike ugcobe u-Elisha ozoba umprofethi emva kwakho.’ Ngokushesha u-Eliya wahamba wayokwenza lokho uJehova ayekushilo. Ucabanga ukuthi nawe uJehova angakusiza lapho wenza lokho akufunayo? Impela angakusiza. Ake sizwe ukuthi yini eyenzeka ngesikhathi kunesomiso.

“Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6

Imibuzo: Kungani u-Eliya abaleka kangaka? UJehova wathini ku-Eliya?

1 AmaKhosi 19:1-18; Roma 11:2-4

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela