Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 2/1 kk. 8-9
  • UJesu Unikeza Isifundo Sokuthobeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Unikeza Isifundo Sokuthobeka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isifundo Sokuthobeka
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isifundo Esibalulekile Ngokuthobeka
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Waba Qotho Lapho Ebhekene Novivinyo
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Ukushisekela Ukukhulekela KukaJehova
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 2/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

UJesu Unikeza Isifundo Sokuthobeka

NGEMVA kokuphulukisa umfana onedemoni esifundeni esiseduze neKesariya Filipi, uJesu ufisa ukubuyela ekhaya eKapernawume. Nokho, ufuna ukuba yedwa nabafundi bakhe ohambweni ukuze aqhubeke ebalungiselela ukufa kwakhe nemithwalo yabo yemfanelo yangemva kwakho. Uyabachazela: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.”

Ngisho nakuba uJesu akhuluma kusengaphambili ngalokhu, futhi abaphostoli abathathu bakubona ngokoqobo ukuphenduka kwakhe esinye isimo lapho kwakuxoxwa khona “ngokumuka” kwakhe, namanje abalandeli bakhe abayiqondi lendaba. Nakuba kungekho phakathi kwabo ophikayo ukuthi uyobulawa, njengoba kwenza uPetru ngaphambili, bayesaba ukuqhubeka bembuza ngakho.

Ekugcineni bafika eKapernawume, efana nekhaya likaJesu phakathi nenkonzo yakhe. Futhi iyindawo uPetru nabanye abafundi abaningana abahlala kuyo. Lapho, amadoda aqoqa intela yasethempelini asondela kuPetru. Mhlawumbe ezama ukuhilela uJesu ngokweqa isiko elamukelwayo, ayabuza: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli [“amadrachma amabili,” NW] na?”

UPetru uyaphendula: “Uyayithela.”

UJesu, okungenzeka ukuthi ufiké endlini ngokushesha ngemva kwalokho, uyakwazi okwenzekile. Ngakho ngisho nangaphambi kokuba uPetru akhulume ngalendaba, uJesu uyabuza: “Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso, kumadodana awo noma kubafo, na?”

UPetru uyaphendula: “Kubafo.”

UJesu uyaphawula: “Ngakho-ke amadodana akhululekile.” Njengoba uYise kaJesu eyiNkosi yendawo yonke, Lowo okhulekelwa ethempelini, eqinisweni akuyona indingeko engokomthetho ukuba iNdodana kaNkulunkulu ithele intela yasethempelini. UJesu uthi: “Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”

Lapho abafundi behlangana ngemva kokubuyela kwabo eKapernawume, mhlawumbe endlini kaPetru, bayabuza: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?” UJesu uyazi ukuthi yini ebashukumisela ukuba babuze, njengoba ayekwazi okwakwenzeka phakathi kwabo njengoba babemlandela ekubuyeni kwabo eKesariya Filipi. Ngakho uyabuza: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?” Bedidekile, abafundi bayathula, ngoba babephikisane ngokuthi ngubani omkhulu.

Cishe ngemva kweminyaka emithathu yokufundisa kukaJesu, ingabe kubonakala kunzima ukukholelwa ukuthi abafundi babengaba nempikiswano enjalo? Nokho, kwembula ithonya elinamandla lokungapheleli kwabantu, kanye nelesizinda esingokwenkolo. Inkolo yamaJuda abafundi ababekhuliselwe kuyo yayigcizelela isikhundla noma ubukhulu kunoma yini abayenzayo. Ngaphezu kwalokho, mhlawumbe uPetru, ngenxa yesithembiso sikaJesu sokwamukela “izihluthulelo” zoMbuso, wazizwa emkhulu. UJakobe noJohane, kungenzeka baba nemiqondo efanayo ngenxa yomusa abawuboniswa ngokuzibonela ngawabo ukuphenduka kukaJesu esinye isimo.

Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, uJesu wenza umboniso oshukumisayo ukuba azame ukulungisa isimo sabo sengqondo. Ubiza umntwana, ummisa phambi kwabo, amgone, abese ethi: “Uma ningaphenduki, nibe-njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalomntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu. Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe-munye ngegama lami uyangamukela mina.”

Yeka indlela emangalisayo yokuqondisa abafundi bakhe! UJesu akabathukutheleli noma ababize ngabazidlayo, abanobugovu, noma abahahayo. Cha, kodwa ufanekisa ukufundisa kwakhe okuqondisayo ngokusebenzisa abantwana abancane, abanesizotha ngokuphawulekayo, abangenaso isifiso sokuhaha, futhi ngokuvamile abangenawo umqondo wokuba nesikhundla phakathi kwabo. Ngalendlela uJesu ubonisa isidingo sokuba abafundi bakhe babe nalezimfanelo ezifanayo ezenza abantwana abathobekile bahluke. Kunjengoba uJesu ephetha: “Omncinyane kini nonke nguye omkhulu.” Mathewu 17:22–27; 18:1-5; Marku 9:30-37; Luka 9:43-48.

◆ Lapho bebuyela eKapernawume, iyiphi imfundiso uJesu ayiphindayo, futhi yamukelwa kanjani?

◆ Kungani uJesu engabophekile ukuba athele intela yethempeli, kodwa kungani ayithela?

◆ Yini mhlawumbe eyaholela empikiswaneni yabafundi, futhi uJesu wabaqondisa kanjani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela