Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 2/1 kk. 5-7
  • Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvumelanisa “Ukuphikisana”
  • Ukufanelekela Ukuba Silethembe
  • Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Ngempela Liyaziphikisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • UNkulunkulu Waliphefumulela Kanjani IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 2/1 kk. 5-7

Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?

“UNKULUNKULU angeqambe amanga,” kusho iBhayibheli. (Heberu 6:18) Ngakho incwadi yakhe ingagcwala kanjani ukungavumelani okusobala nokuziphikisa okukhulu kodwa ibizwe ngokuthi iZwi likaNkulunkulu? Akunakwenzeka. ‘Kungani-ke, kunokuziphikisa?’ uyabuza.

Njengoba bekungalindeleka, encwadini esetshenzwe amakhulu eminyaka ibhalwa ngesandla neyadinga ukuba ihunyushelwe ezilimini ezazivamile ngalolosuku, ukuhlukahluka ekubhalweni kwangena ngokunyenya. Kodwa akukho okukhulu nokungathi sína kangangokuthi kungaletha ukungabaza ekuphefumulelweni nasegunyeni leBhayibheli lilonke. Ngokuhlolisisa ngokunakekela, kungabonakala ukuthi lokho okubonakala kuphikisana kunaso isixazululo sangempela. Ngokuvamile, abantu abathi iBhayibheli liyaziphikisa abazange bona ngokwabo balihlolisise, kodwa bamane bamukela lombono abawuhlohlwa yilabo abangafuni ukukholelwa eBhayibhelini noma babuswe yilo. KuzAga 18:13 iBhayibheli liyaxwayisa: “Obuyisa izwi engakezwa, kungubuwula nehlazo kuye.”

Ngezinye izikhathi, abanye baphikisa ngeqiniso lokuthi abalobi beBhayibheli ababonakali ngaso sonke isikhathi bevumelana ezindabeni eziphathelene nezibalo, ukulandelana kwezehlakalo, ukubhalwa kwamagama ezingcaphuno, nokunye. Kodwa cabanga: Uma wawungacela ofakazi abambalwa bokuzibonela besehlakalo ukuba babhale phansi lokho abakubona, ingabe konke ukulandisa kwakuyofana ngokuphelele ngokubhalwa kwamagama nangemininingwane? Uma kwakungafana, wawungeke yini usole ukuthi lababhali babeye bavumelana ngasese? Ngokufanayo-ke, uNkulunkulu wabavumela abalobi beBhayibheli ukuba basebenzise indlela yabo siqu yokuloba nolimi, kuyilapho eqikelela ukuba imiqondo yakhe namaqiniso afanelekile ayedluliselwa ngokucophelela.

Izingcaphuno ezithathwe emibhalweni yangaphambili zazingase zishintshwe kancane emazwini akuqala ukuze zihlangabezane nezidingo nenjongo yomlobi omusha, kuyilapho zisalondoloze incazelo nomqondo oyisisekelo. Kungashiwo okufanayo ngokuhlanganiswa kwezehlakalo. Omunye umlobi anganamathela ekuzihleleni ngokulandelana kwezikhathi zazo, kanti omunye angazihlela ngokwemiqondo yazo ecishe ifane. Ukushiywa kokunye nakho ngokufanayo kwakuya ngombono womlobi nokufinyeza kwakhe isehlakalo. Ngakho-ke, uMathewu wakhuluma ngamadoda amabili ayizimpumputhe aphulukiswe uJesu, kuyilapho uMarku noLuka bekhuluma ngeyodwa kuphela. (Mathewu 20:29-34; Marku 10:46; Luka 18:35) Ukulandisa kukaMathewu akuphikisani. Umane wagxila ngokukhethekile esibalweni kuyilapho uMarku noLuka bagxila endodeni eyodwa uJesu abhekisa kuyo ingxoxo yakhe.

Futhi kwakunezindlela ezihlukene zokubalwa kwesikhathi. Isizwe samaJuda sasisebenzisa amakhalenda amabili—ikhalenda engcwele nekhalenda yezwe, noma yezolimo—ngayinye iqala ngesikhathi esihlukile sonyaka. Abalobi abashayisanayo ngenyanga noma ngosuku lapho bebhekisela esehlakalweni esifanayo kungase kube ukuthi babesebenzisa amakhalenda ahlukene. Njengoba abalobi baseMpumalanga babeqabukela besebenzisa amaqhezu, izingxenyana zonyaka zazibalwa njengeminyaka ephelele. Zaziqedelwa zibe inombolo ephelele ezisondelene nayo. Ngokwesibonelo, phawula lokhu emibhalweni yohlu lwezizukulwane etholakala kuGenesise isahluko 5.

Ukuvumelanisa “Ukuphikisana”

Kodwa ayikho yini imibhalo eBhayibhelini esho okuphambene neminye imibhalo? Ake sicabangele embalwa eye yacashunwa abahlaziyi abathile beBhayibheli.

KuJohane 3:22 sifunda ukuthi uJesu “wabhapathiza,” kanti uma siqhubeka nje kancane kuJohane 4:2, umbhalo ubonisa ukuthi “uJesu uqobo kabhapathizanga.” Kodwa njengoba wonke lombhalo ubonisa, abafundi bakaJesu abenza ubhapathizo ngokoqobo egameni lakhe nangaphansi kokuqondisa kwakhe. Lokhu kuyefana nendaba kasomabhizinisi nonobhala wakhe bobabili bangasho ukuthi yibona ababhale incwadi ethile.

Khona-ke kuGenesise 2:2 kunombhalo obonisa ukuthi uNkulunkulu waphumula “emisebenzini yakhe yonke.” Okuphikisana nalokhu amazwi kaJesu akuJohane 5:17 lapho ethi khona uNkulunkulu “usebenza kuze kube-manje.” Kodwa njengoba umongo ubonisa, umbhalo okuGenesise ukhuluma ngokukhethekile ngemisebenzi kaNkulunkulu yokudala ebonakalayo, kanti uJesu wayebhekisela emisebenzini kaNkulunkulu ephathelene nokuqondisa kwakhe kwaphezulu nokunakekela isintu.

Okunye okubonakala kuphikisana, kutholakala ngokuqhathanisa uEksodusi 34:7 noHezekeli 18:20. Umbhalo wokuqala ubonisa ukuthi uNkulunkulu ‘wayeyohambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana,’ kanti owesibili ubonisa ukuthi “indodana ayiyikuthwala ukona kukayise.” Kungani lemibhalo ibonakala iphikisana? Ngoba iyakhishwa emongweni. Hlola indaba ezungezile nokuhlelwa kwayo. Sekuyakhanya-ke ukuthi lapho uNkulunkulu ekhuluma ngesijeziso esasingezi koyise kuphela kodwa futhi kumadodana nakubazukulu, wayekhuluma ngokwakuyokwehlela amaIsrayeli njengesizwe uma ona kuye futhi ethunjwa. Ngakolunye uhlangothi, lapho ekhuluma ngokuthi indodana yayingayikuthwala ukona kukayise, wayekhuluma ngecala lomuntu siqu.

Ukwahlukana kungatholakala, njengasekulandisweni kokuzalwa kukaJesu okubhalwe kuMathewu 1:18-25 nakuLuka 1:26-38. Kodwa ingabe kubonisa ukuphikisana?

Wake wazifunda yini izindaba ezimbili ngomuntu oyedwa odumile? Uma kunjalo, ingabe uye waqaphela ukuthi lezindaba ziyehluka ngaphandle kokuba zibe eziphikisanayo? Ngokuvamile, kuba ngenxa yalokho okuhlabe umlobi umxhwele noma imithombo ayisebenzisile. Kuxhomeke futhi kulokho umlobi anomuzwa wokuthi kubalulekile ukuba akufake endabeni yakhe, ingxenye afuna ukuyiqhamisa, nokucabanga ngezilaleli indaba ehloselwe zona. Ngakho-ke, ukulandisa okulotshwa kucatshangwa ngabafundi abangabeZizwe kuyokwehluka kulokho okulotshelwe abafundi abangamaJuda, abase bewaqonda kakade amaqiniso athile futhi sebewemukela.

Lezi izibonelo ezimbalwa nje zezingxenye eziseBhayibhelini, okungathi ngaphandle kokuzihlolisisa ngokunakekela, zibonakale ziphikisana. Kodwa uma zihlolwa ngokunakekela, sinombono womlobi engqondweni nomongo, aziphikisani nakancane kodwa kumane kuyizingxenye ezidinga ukucwaninga okwengeziwe. Nokho, abantu abaningi bayehluleka ukwenza lomzamo odingekile, bakuthole kulula kakhulu ukumane bathi: “IBhayibheli liyaziphikisa.”

Ukufanelekela Ukuba Silethembe

Umoya ongcwele kaNkulunkulu wanikeza abalobi beBhayibheli inkululeko enkulu ekubhaleni imibiko yabo. (IzEnzo 3:21) Ngakho, babekwazi ukuveza umbono omuhle noqhamile walokho abakubona. Nokho, ukwahlukahlukana kwabo kubonisa ukwethembeka nobuqiniso, kwenza ukuthi kungabibikho cala lokukhohlisa nelokuvumelana ngasese. (2 Petru 1:16-21) Nakuba abalobi behlukana ngendlela ababebeka ngayo, bonke bakhomba endaweni efanayo futhi benenjongo eyodwa: ukubonisa abantu lokho uJehova uNkulunkulu azokwenza ukuze isintu sijabule nokuthi abantu bona kumelwe benzeni ukuze bathole ukuvunyelwa uNkulunkulu.—IzAga 2:3-6, 9.

IBhayibheli liyincwadi eshukumisa amandla ethu okucabanga. Liyavumelana lonke. Aliziphikisi. Zonke izincwadi ezingama-66, (izahluko eziyi-1 189 noma amavesi ayizi-31 173 ngokweKing James Version) zifanele ukuba sizethembe ngokuphelele. Yebo, ungalethemba iBhayibheli!

[Ibhokisi ekhasini 6]

Uma Uthola “Ukuphikisana” KweBhayibheli, Kungaba Yini Ngenxa Yokuthi:

◆ Awuwaqondi amaqiniso athile angokomlando noma amasiko akudala?

◆ Uye wehluleka ukucabangela umongo?

◆ Uye walahlekelwa umbono womlobi?

◆ Uzama ukuhlanganisa imiqondo eyiphutha yenkolo nalokho iBhayibheli elikushoyo ngempela?

◆ Usebenzisa inguqulo yeBhayibheli engaqondile noma endala kakhulu?

[Izithombe ekhasini 7]

UMathewu wathi mabili amadoda aphulukiswa uJesu. UMarku noLuka bakhuluma ngeyodwa kuphela. Ingabe lokhu kuwukuphikisana?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela