Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 3/1 k. 30
  • Ukwethembeka Kuyindlela Engcono Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwethembeka Kuyindlela Engcono Kakhulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna KweNkosi Ukuhlakanipha
    I-Phaphama!—2007
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Kusho Ukuthini Ukwethembeka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 3/1 k. 30

Ukwethembeka Kuyindlela Engcono Kakhulu

UKWETHEMBEKA kutuswa kakhulu eBhayibhelini futhi kuyimfuneko kumaKristu eqiniso. (Mathewu 22:39; 2 Korinte 8:21) Ngaphezu kwalokho, ukwethembeka ngempela kuyindlela engcono kakhulu, njengoba kuboniswa ekuphileni kwabaningi namuhla abazingqondo nezinhliziyo zabo kuye kwaguqulwa ulwazi oluqondile lweBhayibheli. Isibonelo salokhu sisithola eLiberia.

Emva kokucabangela kaningi ngomthandazo, umdala othile ongumKristu nomkakhe bavala isitolo sabo sokuthunga izingubo. Kungani? Ngoba sasibadlela isikhathi sabo esiningi futhi siphazamisa imisebenzi yabo yenkonzo nesifundo somuntu siqu. Bavumelana ngokuthi baneliswe iholo elilinganiselwe ababelithola ngokuthengisa odayi bezindwangu. Nokho, ngokushesha ngemva kokuba bethathe lesisinyathelo, amanani odayi ehla emakethe yendawo. Manje iholo labo lalingasakwazi ukusekela umkhaya. Babezokwenzenjani?

Bacela inkampane eyenza udayi ukuba yehlise amanani ayo, ngaleyondlela kubavumela ukuba bathole inzuzo engconywana. Lokhu kwenqatshwa. Nokho, inkampane yathi izothumela amainvoice amabili, enye ibonisa inani langempela futhi enye ibonisa inani elehlisiwe ababezoliveza eHhovisi Lentela ukuze bakhokhe intela encane. Lokhu kwakuyokwenza lomdala ukuba athole inzuzo engemthetho engu-R5 200 njalo lapho ethumela imali.

Umzalwane wenqaba ukuba yingxenye yomsebenzi owawungathembekile futhi owawuzokhohlisa uhulumeni. Izikhulu zenkampane zamangala. Zabhala: “Siyawuhlonipha unembeza wakho,” futhi zamkhetha lomdala ukuba kube nguye yedwa umthengisi womkhiqizo wabo eLiberia. Njengoba izidingo zomkhaya ezibonakalayo manje zase zinakekelwa ngokwanele, lomdala nomkakhe baye bakwazi ukuba amaphayona asizayo, besebenzelana ngokuseduze nabazalwane ukuze bakhe ibandla. Ngempela, ukwethembeka kwabo kwabonakala kuyisibusiso kubo.

UAlfonso, waseSpain, naye wathola ukuthi ukwethembeka kuyindlela engcono kakhulu. Lelibhungu lashiya ikhaya lineminyaka engu-12, futhi ngokushesha lase lidayisa izidakamizwa, futhi ligqekeza izimoto, izindlu, nezitolo. Ngezinye izikhathi laliphanga izitolo ezingaba yishumi ngosuku olulodwa. Lapho lineminyaka engu-21, abane babangane balo balishaya kanzima, bantshontsha zonke izidakamizwa elalinazo, futhi balisongela ngokulibulala uma libabika emaphoyiseni. Njengoba amaphoyisa ayelazi kakhulu, lalesaba ngisho nokuya esibhedlela ukuyokwelashwa.

Lapho eselulama kancane kancane emanxebeni akhe, uAlfonso wacabanga ngokungathi sína ngendlela yakhe yokuphila. Wakhumbula izinto eziphathelene neBhayibheli kanye nezimiso zobuKristu unina ayemtshele zona ngenkathi esengumntwana. Ngalesosikhathi, akawanakanga amazwi akhe, kodwa manje wacela isifundo seBhayibheli koFakazi BakaJehova. Ezinyangeni eziyisithupha wayeseyishintshe ngokuphelele inkambo yakhe nobuntu bakhe futhi wafanelekela ukubhapathizwa.

Nokho, ngosuku olungaphambi kokubhapathizwa kwakhe, wathola incwadi yokuba avele enkantolo ukuze abhekane necala lokuphanga ehlomile. Kwakuwubugebengu ayebenze esikhathini esithile esidlule. Nokho, uAlfonso wasivuma obala lesosenzo sobubi futhi wavalelwa kusalindwe ukuthethwa kwecala. Ummeli wakhe wamnxusa ukuba athi akebanga lutho nokuthi wayengasiphethe isibhamu. Kodwa uAlfonso waphikelela ekukhulumeni iqiniso. Ngenxa yalelicala nerekhodi lakhe elibi emaphoyiseni, umshushisi wathi kumelwe agwetshwe iminyaka engu-13. Kodwa ngenxa yenkambo yakhe enhle nesimo sokwethembeka, wagwetshwa izinyanga eziyisithupha, okwakuyisikhathi ayesesidonsile kakade lapho esalinde ukuthethwa kwecala.

Manje uAlfonso nomkakhe bakhonza uJehova ngokwethembeka, bejabula ngokuthi bayitholile injongo yoqobo ekuphileni nokuthi babonakalise ngokuhlangenwe nakho kwabo ukuthi ukwethembeka kuyindlela engcono kakhulu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela