Ukukhululwa Kowokugcina EmiQulwini YasoLwandle Olufile
NGOSEPTEMBER odlule, isithiyo solwazi esase sithathe amashumi eminyaka sagcina sigudlukile. Impikiswano eshisayo eyayiphakathi kwabafundi bemiQulu YasoLwandle Olufile kwabonakala sengathi iphelile, nakuba kungenzeka ukuthi kuye kwaqala impikiswano entsha.
ImiQulu YasoLwandle Olufile yatholwa emihumeni eseduze noLwandle Olufile ngo-1947 naseminyakeni eyalandela. Yayiwusizo kakhulu ekuboniseni ukunemba okubalulekile kombhalo wemiBhalo YesiHeberu nasekunikezeni ukukhanya ezimweni ezingokwenkolo ePalestina ngenkathi uJesu ayesemhlabeni. (Isaya 40:8) Nakuba eminye imibhalo yesandla yakhishwa ngokushesha ngokusesilinganisweni, ngo-1991 cishe imibhalo yesandla engu-400 yayingakakhishwa futhi izazi eziningi zingakayitholi. Abaningi, njengoProfesa uBen Zion Wacholder, bazizwa “bekhungathekiswe ukuqaphela ukuthi ngenxa yendlela ekhishwa ngayo manje sonke siyobe sesifile lapho zonke izincwadi zemibhalo yasoLwandle Olufile zitholakala ezweni lonke.”
Kodwa lesosimo sashintsha ngoSeptember odlule. Okokuqala, uProfesa Wacholder nomngane wakhe, uMartin Abegg, bamemezela ukuthi babesebenzise icomputer ngokuhlakanipha ukuze bayinyathelise kabusha imibhalo ebikade iqashelisisiwe. Khona-ke, iHuntington Library eSan Marino, eCalifornia, eU.S.A., yamemezela ukuthi yayithathe izithombe zemibhalo yesandla yokuqala futhi yayizokwenza ukuba lemibhalo itholakalele izazi ezidumile ngaphandle kwemithetho evimbelayo. Ngokusobala, amakhophi amaningi ezithombe ezithwetshuliwe zalemiqulu aye enziwa ukuze kuqinisekiswe ukulondolozwa kwayo. Amaqoqo ezithombe ayegcinwe ezindaweni ezihlukene, futhi ekugcineni elinye lagcina liseHuntington Library.
Isazi esithile sabiza lolushintsho ngokuthi ‘isenzakalo esiphathelene nolwazi esifana nokuwa koDonga lwaseBerlin.’ Abahleli abangokomthetho bakubiza ngokuthi ‘ukweba’ ukukhishwa kwalombhalo onyatheliswe ngecomputer kanye nokukhululwa kwalezithombe. Ngokunokwenzeka, impikiswano ephathelene nezimiso zokuhle iyoqhubeka ikhona iminyaka eminingi. Phakathi nalesosikhathi, kubonakala sengathi izazi eziningi ngokwengeziwe ekugcineni ziyokwazi ukufunda wonke umbhalo wemiQulu YasoLwandle Olufile.
[Isithombe ekhasini 32]
Umfanekiso wencwadi ekhulumela uHabakuki, omunye wemiQulu YasoLwandle Olufile