Obani Abakholelwa Emimoyeni Emibi?
INGABE uyakholelwa ukuthi imimoya engabonakali ingathonya ukuphila kwakho? Abaningi bebengaphendula ngocha ogcizelelayo. Nakuba bevuma ukuthi uNkulunkulu ukhona, bawuhleka usulu umqondo wokuthi kukhona izisebenzi zokubi ezinamandla angaphezu kwawomuntu.
Ukungakholelwa emimoyeni okusakazeke kabanzi ezweni laseNtshonalanga ngokwengxenye kubangelwa yithonya leLobukholwa, lelo emakhulwini amaningi eminyaka eliye lafundisa ukuthi umhlaba umaphakathi endaweni yonke, uphakathi kwamazulu nesihogo somlilo esingaphansi. Ngokwalemfundiso, izingelosi zazijabulela intokozo enkulu yamazulu kuyilapho amademoni eqondisa izindaba zesihogo.
Njengoba okwakutholwa ezesayensi kwakubangela abantu ukuba benqabe imibono enganembile ngesimo sokwakheka kwendawo yonke, ukukholelwa ezidalweni zomoya kwaba yisidala. I-New Encyclopædia Britannica ithi: “Ngokomphumela wenguquko kaCopernicus yekhulu le-16 leminyaka (esekelwe ezinkolelweni-mbono zesazi sezinkanyezi sasePoland uCopernicus), . . . uMhlaba wawungasabhekwa njengendawo ephakathi yendawo yonke kodwa kunalokho, njengeplanethi nje yesimiso sonozungezilanga eyingxenye encane kakhulu yomunye umthala embulungeni ebonakala inkulu ngokungenamkhawulo—umqondo wokuthi kukhona izingelosi namademoni awubange usabonakala njengofanelekile.”
Nakuba abaningi bengakholelwa emimoyeni emibi, kunezigidi ezikholelwa kuyo. Izingelosi ezona zifeza ingxenye ebalulekile ezinkolweni eziningi, ezangesikhathi esidlule nezamanje. Ngaphandle kwendima yazo yokuba abonakalisi bengokomoya, lezizingelosi ezimbi zibhekwa njengababangeli bezinhlekelele, ezinjengempi, indlala, ukuzamazama komhlaba, ukugula, ukuphazamiseka kwengqondo, nokufa.
USathane uDeveli, umoya omubi oyinhloko ebuKristwini nasebuJudeni, ubizwa amaSulumane ngokuthi u-Iblis. Enkolweni yasePheresiya lasendulo yobu-Zoroastrian, waziwa njengo-Angra Mainyu. Enkolweni yobu-Gnostic, eyachuma ekhulwini lesibili nelesithathu leminyaka C.E., kwakucatshangwa ukuthi ungu-Demiurge, okuyigama unkulunkulu onomona nophansi aqanjwa lona, nalowo iningi lesintu elalimkhulekela ngokungazi.
Imimoya emibi elawulwa uSathane ifeza ingxenye ebalulekile ezinkolweni zaseMpumalanga. AmaHindu akholelwa ukuthi ama-asura (amademoni) amelene nama-deva (onkulunkulu). Okwesatshwa kakhulu phakathi kwama-asura ama-rakshasa, abantu abasabekayo abavakasha njalo emathuneni.
AmaBuddha acabanga ukuthi amademoni angamandla angabantu avimbela umuntu ekutholeni i-Nirvana, ukuqedwa kwenkanuko. Umlingi omkhulu phakathi kwabo uMara, namadodakazi akhe amathathu uRati (iNkanuko), uRaga (iNjabulo), noTanha (Ukuyaluza).
Abakhulekeli bamaShayina basebenzisa izimbuthuma zomlilo, izibani, neziqhumane zomlilo ukuze bazivikele kuma-kuei, noma amademoni emvelo. Izinkolo zaseJapane nazo zikholelwa ukuthi kunamademoni amaningi, kuhlanganise nama-tengu asabekayo, imimoya engena kubantu kuze kube yilapho ikhishwa umpristi.
Phakathi kwezinkolo zabantu abangafundile zase-Asia, e-Afrika, e-Oceania, nasemaZwekazini aseMelika, kukholelwa ukuthi izidalwa zomoya ziwusizo noma ziyalimaza kuye ngokwezimo kanye nesimo sazo esiphikelelayo. Abantu bayayihlonipha lemimoya ukuze bavimbele inhlekelele futhi bathole umusa.
Ngaphezu kwalokhu kukhona isithakazelo esisakazekile emlingweni nasemimoyeni, futhi kusobala ukuthi ukukholelwa emimoyeni emibi kunomlando omude nosakazeke kuyo yonke indawo. Kodwa ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi izidalwa ezinjalo zikhona? IBhayibheli lithi zikhona. Nokho, uma zikhona, kungani uNkulunkulu ezivumela ukuba zithonye umuntu kube ukulimala kwakhe?