Ukubalungiselela Kusengaphambili Abathandekayo Bethu
INDABA edabukisayo ka-Annie yavela ephephandabeni lamuva lase-Afrika. Umyeni ka-Annie wayengusomabhizinisi. Washona ngo-1995, eshiya izimoto ezingu-15; ama-akhawunti asebhange amaningana; imali ewukheshe engaba ngu-R18 000; isitolo; indawo yokuthengisa utshwala nendlu enamagumbi okulala amathathu. Angazange akushiye kwakuyincwadi yefa.
Umfowabo womyeni ka-Annie kuthiwa wathatha yonke impahla nemali futhi wamkhipha endlini yena nezingane zakhe eziyisithupha. Beswele, yena nezingane zakhe manje bahlala nomfowabo. Izingane zakhe ezine kwadingeka ziyeke esikoleni, ngoba yayingekho imali yokuzikhokhela noma yokuzithengela iyunifomu yesikole.
U-Annie wamangala enkantolo ephakeme, eyanquma ukuthi kufanele abuyiselwe enye impahla, kuhlanganise nemoto. Kodwa akukho okwabuyiswa. Kumelwe abuyele enkantolo ayocela incwadi eyala ukuba umfowabo womyeni wakhe enze ngokuvumelana nesinqumo senkantolo ephakeme.
Kungani Kufanele Ucabange Ngokufa?
Indaba ka-Annie ibonisa lokho okungase kwenzeke lapho inhloko yomkhaya ingahleli okuyokwenziwa uma kwenzeka ifa. Ekufeni, bonke abantu ‘imfuyo yabo bayishiyela abanye.’ (IHubo 49:10) Ngaphezu kwalokho, abafileyo abakwazi ukulawula okwenziwayo ngezinto zabo. (UmShumayeli 9:5, 10) Ukuze umuntu abe nezwi kokwenziwa ngezinto zakhe, kumelwe ahlele izinto ngaphambi kokuba afe.
Nakuba sonke sazi ukuthi singase sife ngokungalindelekile, abantu abaningi bayahluleka ukwenzela abathandekayo babo abazosala amalungiselelo kusengaphambili. Nakuba ingxoxo yethu izodonsela ukunakekela emaqenjini athile angokwesiko ase-Afrika, izinkinga ezifanayo zikhona nakwezinye izingxenye zomhlaba.
Kuyindaba yakho siqu ukuthi uyazithatha yini izinyathelo ngokuphathelene nendlela yokwabiwa kwempahla yakho uma kwenzeka ufa. (Galathiya 6:5) Nokho, omunye angase abuze, ‘Kungani indoda ingazisa futhi inakekele umkayo nezingane lapho isaphila kodwa ingenzi malungiselelo enhlalakahle yabo uma kwenzeka ifa?’ Isizathu esiyinhloko siwukuthi iningi lethu alithandi ukucabanga ukuthi kungenzeka life, ingasaphathwa-ke eyokuhlelela ukufa. Eqinisweni, asilwazi kusengaphambili usuku esiyofa ngalo, njengoba iBhayibheli lisho: “Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa. Ngoba niyinkungu ebonakala isikhathi esincane bese inyamalala.”—Jakobe 4:14.
Kuyasiza ukuhlelela ukufa. Kubonisa nokubakhathalela ngothando labo abazosala. Uma singazihleli izindaba zethu, abanye bayozihlela. Mhlawumbe abantu esingakaze sibabone bayokwenza izinqumo ngokuphathelene nempahla yethu namalungiselelo omngcwabo. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, kwamanye amazwe kunquma uHulumeni ukuthi izotholwa ubani imali nempahla yethu. Kwezinye izindawo, kunquma izihlobo, futhi izinqumo ezinjalo ngokuvamile zihambisana nezingxabano ezibangela inzondo emkhayeni. Ngaphezu kwalokho, okunqunywayo kungase kuhluke kakhulu kulokho ebesingakufisa.
Ukwephucwa Impahla
Umfelokazi uhlupheka kakhulu lapho umyeni wakhe eshona. Ngaphezu kosizi lokulahlekelwa umngane wakhe, ngokuvamile uba isisulu sokwephucwa impahla. Lokhu kuchazwe esethulweni endabeni ka-Annie. Ingxenye yesizathu sokwephucwa impahla yindlela okungenzeka amakhosikazi abhekwa ngayo. Kwamanye amasiko inkosikazi yomuntu ayibhekwa njengengxenye yomkhaya walowo muntu. Ngomqondo othile ingumuntu wangaphandle ongase abuyele kubo nganoma isiphi isikhathi noma aphinde aganele komunye umkhaya. Ngokuphambene, kucatshangwa ukuthi abafowabo, odadewabo nabazali bendoda ngeke bayishiye. Uma ifa, umkhaya wakubo ukholelwa ukuthi lokho obekungokwayo sekungokwawo, akukhona okomkayo nezingane.
Amadoda angathululeli omkawo izifuba zawo akhuthaza lendlela yokucabanga. UMike wayexoxa nabafowabo kuphela ngezindaba zebhizinisi. Babezazi izinto zakhe, kodwa umkakhe azi okuncane kakhulu. Lapho eshona, abafowabo beza kumkakhe futhi bafuna ngenkani imali umyeni wakhe ayeyilindele. Wayengazi nakwazi ngayo. Ngemva kwalokho, bathatha imishini yokukopisha neyokubhala ayeyithengelwe umyeni wakhe. Ekugcineni, abafowabo bomyeni wakhe bathatha indlu nakho konke okwakukuyo. Lomfelokazi nendodakazi yakhe encane baphoqelelwa ukuba bahambe, behamba nezingubo zabo zokugqoka kuphela.
“Laba Ababili Bayoba Nyamanye”
Amadoda angamaKristu ayabathanda omkawo futhi ababheka njengabakufanelekelayo ukwethenjwa. Amadoda anjalo alalela iseluleko esingokomBhalo, esithi: “Amadoda kufanele abe athanda omkawo njengemizimba yawo siqu.” Futhi lamadoda avumelana namazwi aphefumulelwe ngokwaphezulu, athi: “Indoda iyoshiya uyise nonina futhi iyonamathela kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye.”—Efesu 5:28, 31.
Amadoda ahlonipha uNkulunkulu aphinde avumelane nomphostoli uPawulu ongumKristu, owabhala: “Ngokuqinisekile uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) Ngokuvumelana nalesi simiso, uma indoda engumKristu ihlela ukuthatha uhambo olude, iyoqiniseka ukuthi umkhaya wayo unakekelwa kahle lapho isahambile. Ngokufanayo, bekungenakuba nengqondo yini ukuba yenzele umkayo nezingane amalungiselelo uma kwenzeka ifa? Ukulungiselela inhlekelele engalindelekile akulona usizo kuphela kodwa futhi kubonisa uthando.
Amasiko Omngcwabo
Kukhona esinye isici salendaba okufanele amadoda angamaKristu asicabangele. Inezela osizini lomfelokazi lokulahlekelwa umngane wakhe, impahla, futhi mhlawumbe ngisho nezingane, eminye imiphakathi imphoqelela ukuba agcine amasiko okuzila. Iphephandaba laseNigeria i-Guardian likhala ngokuthi kwezinye izindawo, ngokwesiko kudingeka umfelokazi alale egunjini elimnyama elinesidumbu somyeni wakhe. Kwezinye izindawo, abafelokazi abavunyelwe ukuba baphume emizini yabo phakathi nesikhathi sokuzila esiyizinyanga ezicishe zibe isithupha. Phakathi naleso sikhathi, akumelwe bageze umzimba, futhi banqatshelwe ngisho nokugeza izandla zabo ngaphambi nangemva kokudla.
Amasiko anjalo adala izinkinga, ikakhulukazi kubafelokazi abangamaKristu. Isifiso sabo sokujabulisa uNkulunkulu sibashukumisela ukuba bagweme amasiko angavumelani nezimfundiso zeBhayibheli. (2 Korinte 6:14, 17) Nokho, umfelokazi angase ashushiswe ngenxa yokungenzi ngokuvumelana nalamasiko. Kungase kudingeke nokuba abaleke ukuze asindise ukuphila kwakhe.
Ukuthatha Izinyathelo Ezingokomthetho
Ngokuhlakanipha iBhayibheli lithi: “Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni.” (IzAga 21:5) Imaphi amalungiselelo inhloko yomkhaya engawenza? Emiphakathini eminingi kungenzeka ukuba umuntu abhale incwadi yefa noma incwadi eshoyo ukuthi impahla yakhe kumelwe yabiwe kanjani uma kwenzeka efa. Ingase ihlanganise nemininingwane yamalungiselelo omngcwabo. Leyo ncwadi ingase isho ukuthi yini umngane womshado okumelwe ayenze (noma okungamelwe ayenze) ngokuphathelene namasiko omngcwabo nokuzila.
Owesifazane okuthiwa uLeah washonelwa umyeni wakhe ngo-1992. Uthi: “Nginezingane ezinhlanu—amantombazane amane nomfana oyedwa. Umyeni wami wagula isikhathi eside ngaphambi kokuba ashone. Kodwa ngisho nangaphambi kokuba agule, wabhala incwadi ethi wayefuna zonke izinto anazo zibe ngezami nezingane zethu. Lokhu kwakuhlanganisa imali yomshuwalense, ipulazi, imfuyo kanye nendlu. Wayisayina lencwadi yefa futhi wanginika yona. . . . Ngemva kokushona komyeni wami, izihlobo zafuna ingxenye ethile yefa. Ngazitshela ukuthi umyeni wami wayelithenge ngemali yakhe ipulazi nokuthi zazingenalo ilungelo lokufuna noma yini. Lapho zibona incwadi yefa ebhaliwe, zayamukela.”
Ukuxoxa Nomkhaya
Kungase kube nezinkinga uma umuntu engakhulumi nomkhaya wakhe ngezinkolelo nezifiso zakhe. Cabangela indaba yendoda ethile izihlobo zayo ezaphoqelela ukuba ingcwatshelwe emzaneni ababakhe kuwo ngokuvumelana nesiko lendawo. Lapho ukuphila kwabo kusongelwa, umfelokazi nezingane baphoqeleka ukuba bashiye isidumbu nomndeni. Ebalisa wathi: “Ukube nje umyeni wami wayetshele okungenani oyedwa womalume noma abazala bakhe indlela afuna ukungcwatshwa ngayo, ngabe izihlobo azizange ziphoqelele ukuba kwenziwe imikhuba yazo yokungcwaba engokwesiko.”
Kweminye imiphakathi isivumelwano esenziwe ngomlomo sibopha njengencwadi ebhaliwe. Kunjalo ezingxenyeni ezithile zaseSwazini, lapho abaningi benezinkolelo ezikhuthaza izinqubo zemingcwabo nokuzila okungokwesiko. Ikwazi lokhu, indoda engumKristu okuthiwa u-Isaac yaba nomhlangano nezihlobo zayo, ezazingebona oFakazi BakaJehova, futhi yaxoxa ngalokho eyayifuna ukuba kwenziwe ngemva kokufa kwayo. Yazitshela ukuthi ubani okwakufanele athole izinto ezithile ezibonakalayo, futhi yachaza ngokucacile indlela umngcwabo wayo okwakumelwe uqhutshwe ngayo. Ngemva kokufa kwayo, izinto zenzeka ngokwezifiso zayo. U-Isaac wangcwatshwa ngendlela yobuKristu, futhi umkakhe wanakekelwa kahle.
Vikela Umkhaya Wakho
Ukuthi yini oyoyenza ukuze uvikele umkhaya wakho uma kwenzeka ufa kuyindaba yakho siqu, kodwa umKristu okuthiwa u-Edward uthi: “Nginomshuwalense oyozuzisa amalungu angu-8 omkhaya wami lapho kwenzeka ngishona. Umkami unelungelo lokukhipha imali kuyi-akhawunti yami yasebhange. Ngakho uma ngifa, angakhipha imali kuyo. . . . Nginencwadi yefa eyozuzisa umkhaya wami. Uma ngifa, noma yini engiyishiyayo iyoba eyomkami nezingane zami. Incwadi yefa ngayibhala eminyakeni emihlanu edlule. Yenziwa ummeli, futhi umkami nendodana yami banekhophi. Encwadini yefa, ngasho ukuthi izihlobo zami akufanele zihileleke emngcwabeni wami. Ngiyilungu lenhlangano kaJehova. Ngakho ngisho noma kungaba noFakazi oyedwa noma ababili abazoqhuba umngcwabo wami, kuyobe kwanele. Ngiye ngaxoxa ngalokhu nezihlobo zami.”
Ngomqondo othile, ukwenza amalungiselelo anjalo yisipho osinika umkhaya wakho. Yiqiniso, ukuhlelela ukufa akufani nesipho sikashokoledi noma isithungu sezimbali. Nokho, kubonisa uthando lwakho. Kufakazela ukuthi ufuna ‘ukondla labo abangamalungu endlu yakho’ ngisho nalapho ungasekho phakathi kwabo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 21]
UJesu Wenzela Unina Amalungiselelo
“Nokho, ngasesigxotsheni sokuhlushwa sikaJesu, kwakumi unina nodadewabo kanina; uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Ngakho-ke uJesu ebona unina nomfundi ayemthanda emi lapho, wathi kunina: ‘Sifazane, bheka! Indodana yakho!’ Ngokulandelayo wathi kulomfundi: ‘Bheka! Unyoko!’ Futhi kusukela kulelohora kuqhubeke lomfundi [uJohane] wamthatha wamyisa ekhaya lakhe siqu.”—Johane 19:25-27.
[Isithombe ekhasini 22]
AmaKristu amaningi ngokunengqondo athatha izinyathelo ezingokomthetho ukuze avikele imikhaya yawo