Isisekelo Esiqinile Sombono Wekusasa Eliqhakazile Namuhla
UH. G. WELLS, oyisazi-mlando nesazi sezokuhlalisana kwabantu, owazalwa ngo-1866, wayithonya kakhulu indlela yokucabanga yekhulu lama-20. Ngezincwadi azibhala, wachaza inkolelo yakhe yokuthi ukufika kwenkathi yenjabulo kwakuyohambisana nentuthuko yesayensi. Ngakho, i-Collier’s Encyclopedia ikhumbula ‘umbono ongenakulinganiswa kaWells wekusasa eliqhakazile’ lapho esebenza ngokungayeki ukuze athuthukise inhloso yakhe. Kodwa iphawula nokuthi umbono wakhe wekusasa eliqhakazile washabalala lapho kugqashuka iMpi Yezwe II.
Lapho uWells eqaphela ukuthi “isayensi yayingafeza okubi kanye nokuhle, ithemba ayenalo lashabalala, futhi waba nombono wekusasa elifiphele,” kusho i-Chambers’s Biographical Dictionary. Kungani kwenzeka lokho?
Ukholo nombono wekusasa eliqhakazile kukaWells kwakusekelwe ngokuyinhloko kulokho umuntu angakufinyelela. Lapho eqaphela ukuthi isintu sasingenakulifinyelela iZwe Lasemaphusheni akhe, kwakungekho lapho ayengaphendukela khona. Ekhungathekile, ngokushesha waba nombono wekusasa elifiphele.
Namuhla, abantu abaningi baye babhekana nesimo esifanayo ngenxa yesizathu esifanayo. Baba nombono wekusasa eliqhakazile lapho besebasha kodwa lapho bekhula bashintshe babe nombono wekusasa elifiphele. Kukhona ngisho nentsha ekudelayo lokho okuthiwa ukuphila okuvamile bese ihileleka ekusebenziseni kabi izidakamizwa, ekuziphatheni okuxekethile nakwezinye izindlela zokuphila ezonakalisayo. Liyini ikhambi? Cabangela izibonelo ezilandelayo zangezikhathi zeBhayibheli ubone ukuthi isiphi isisekelo esikhona sokuba nombono wekusasa eliqhakazile—ngesikhathi esidlule, manje nangesikhathi esizayo.
Ukuba Nombono Wekusasa Eliqhakazile Kuka-Abrahama Kwavuzwa
Ngonyaka ka-1943 B.C.E., u-Abrahama wasuka eHarana, wawela uMfula i-Ewufrathe, futhi wangena ezweni laseKhanani. U-Abrahama uye wachazwa ‘njengoyise wabo bonke abanokholo,’ futhi yeka isibonelo esihle asibeka!—Roma 4:11.
U-Abrahama wahamba noLoti, indodana yomfowabo eyayiyintandane kanye nomkhaya kaLoti. Kamuva, lapho izwe lihlaselwa indlala, lemikhaya emibili yathuthela eGibithe, futhi ngokuhamba kwesikhathi yabuya futhi yahlala ndawonye. Ngaleso sikhathi bobabili u-Abrahama noLoti base beqongelele ingcebo eningi kanye nemfuyo. Lapho kuphakama ingxabano phakathi kwabelusi bemihlambi yabo, kwaqala u-Abrahama wathi: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane. Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawahlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”—Genesise 13:8, 9.
U-Abrahama, njengoba ayemdala, wayengaqondisa izinto ngendlela eyayizozuzisa yena, futhi uLoti, ngenxa yenhlonipho ngomfowabo kayise, kwakufanele avumele u-Abrahama ukuba akhethe kuqala. Kunalokho, “uLoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba-seSowari. ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani.” Ngokwalokho kukhetha, uLoti wayenazo zonke izizathu zokuba nombono wekusasa eliqhakazile. Kodwa kuthiwani ngo-Abrahama?—Genesise 13:10, 11.
Ingabe u-Abrahama wayengacabangi, efaka inhlalakahle yomkhaya wakhe engozini? Cha. Isimo sengqondo esihle sika-Abrahama nomoya wokupha kwamlethela umvuzo ocebile. UJehova wathi ku-Abrahama: “Phakamisa manje amehlo akho, ubuke usendaweni lapho umi khona ngasenyakatho naseningizimu nasempumalanga nasentshonalanga, ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube-phakade.”—Genesise 13:14, 15.
Umbono ka-Abrahama wekusasa eliqhakazile wawunesisekelo esiqinile. Wawusekelwe esithembisweni sikaNkulunkulu sokwenza u-Abrahama abe isizwe esikhulu ukuze “imindeni yonke yomhlaba [ibusiswe ngenxa ka-Abrahama].” (Genesise 12:2-4, 7) Nathi sinesizathu sokuba nethemba, njengoba sazi ukuthi “uNkulunkulu wenza yonke imisebenzi yakhe ibambisane ngokwenzuzo yalabo abathanda uNkulunkulu.”—Roma 8:28.
Izinhloli Ezimbili Ezazinombono Wekusasa Eliqhakazile
Eminyakeni engaphezu kwengu-400 kamuva, isizwe sakwa-Israyeli sase silungele ukungena eKhanani, “izwe elichichima ubisi nezinyosi.” (Eksodusi 3:8; Duteronomi 6:3) UMose wathuma izikhulu ezingu-12 ukuba ‘ziyohlola izwe, zibuyisele izwi ngendlela isizwe okwakumelwe sikhuphuke ngayo, nangemizi esiyakufika kuyo.’ (Duteronomi 1:22; Numeri 13:2) Zonke izinhloli ezingu-12 zakuchaza ngazwi-linye ukuchuma kwezwe, kodwa eziyishumi kuzo zanika umbiko obonisa umbono ofiphele ngekusasa owafaka ukwesaba ezinhliziyweni zabantu.—Numeri 13:31-33.
Ngakolunye uhlangothi, uJoshuwa noKalebi banikeza abantu umyalezo onombono wekusasa eliqhakazile futhi benza konke ababengakwenza ukuze badambise ukwesaba kwabo. Isimo sabo sengqondo nombiko wabo kwabonisa ukuthembela ngokugcwele ekhonweni likaJehova lokugcwalisa izwi lakhe lokubabuyisela eZweni Lesithembiso—kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Kunalokho, “inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe.”—Numeri 13:30; 14:6-10.
UMose wanxusa abantu ukuba bethembele kuJehova, kodwa benqaba ukulalela. Ngenxa yokuthi baphikelela nesimo sabo sengqondo sokuba nombono wekusasa elifiphele, sonke isizwe kwadingeka sizulazule ehlane iminyaka engu-40. Ezinhlolini ezingu-12, kwaba uJoshuwa noKalebi kuphela abathola umvuzo wokuba nombono wekusasa eliqhakazile. Yayiyini inkinga eyinhloko? Ukuntula ukholo, njengoba abantu bathembela ekuhlakanipheni kwabo.—Numeri 14:26-30; Heberu 3:7-12.
Ukunqikaza KukaJona
UJona waphila ekhulwini lesi-9 B.C.E. IBhayibheli libonisa ukuthi wayengumprofethi kaJehova othembekile ezizweni eziyishumi zombuso ka-Israyeli, ngesikhathi esithile phakathi nokubusa kukaJerobowamu II. Nokho, wenqaba lapho ethunywa eNineve ukuba ayoxwayisa abantu. Isazi-mlando uJosephus sithi kunalokho uJona “wabona kungcono ukuba aphambuke” aye eJopha. Lapho, wagibela umkhumbi oya eTharishishi, ngokunokwenzeka okuyiSpain yanamuhla. (Jona 1:1-3) Ukuthi kungani uJona aba nombono onjalo wekusasa elifiphele ngesabelo sakhe kuchazwa kuJona 4:2.
Ekugcineni uJona wavuma ukufeza ukuthunywa kwakhe, kodwa wathukuthela lapho abantu baseNineve bephenduka. Ngakho uJehova wamfundisa isifundo esihle sesihawu ngokubangela ukuba umhlakuva uJona ayekhosele phansi kwawo ubune futhi ufe. (Jona 4:1-8) Kunokuba adabuke ngokufa kwaleso sitshalo, uJona kwakufanele adabukele abantu abangu-120 000 baseNineve ‘ababengakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo.’—Jona 4:11.
Singafundani kulokho uJona abhekana nakho? Akumelwe sibe nombono wekusasa elifiphele lapho sisenkonzweni engcwele. Uma sisiqaphela isiqondiso sikaJehova futhi senza ngokuvumelana naso ngokuqiniseka okuphelele, siyophumelela.—IzAga 3:5, 6.
Ukuba Nombono Wekusasa Eliqhakazile Osizini
INkosi uDavide yathi: “Ungazikhathazi ngababi, ungabi-namhawu ngabenza okungalungile.” (IHubo 37:1) Leso iseluleko esihlakaniphe ngempela, njengoba namuhla sizungezwe ukungabi nabulungisa nokonakala.—UmShumayeli 8:11.
Nokho, ngisho noma singenamhawu ngabangalungile, kulula ukuzizwa sikhungathekile lapho sibona abantu abangenacala behlushwa ababi noma thina ngokwethu siphathwa ngokungenabulungisa. Izinto ezinjalo esibhekana nazo zingasenza nokuba sidangale noma sibe nesimo sengqondo sombono wekusasa elifiphele. Yini okufanele siyenze lapho sizizwa ngaleyo ndlela? Okokuqala, kumelwe sikhumbule ukuthi abantu ababi ngeke bamane bacabange ngokukhululeka nje ukuthi impindiselo ngeke ifike. IHubo 37 liyaqhubeka lisiqinisekisa evesini lesibili: “[Ababi] bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.”
Ngaphezu kwalokho, singaqhubeka senza okulungile, sibe nombono wekusasa eliqhakazile futhi silindele uJehova. Umhubi waqhubeka wathi: “Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube-phakade. Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe.”—IHubo 37:27, 28.
Isizathu Sangempela Sombono Wekusasa Eliqhakazile!
Khona-ke, kuthiwani ngekusasa lethu? Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo isitshela “izinto okumelwe zenzeke maduzane.” Phakathi kwazo, umgibeli wehhashi elinombala onjengomlilo, elifanekisela impi, wembulwa ‘njengosusa ukuthula emhlabeni.’—IsAmbulo 1:1; 6:4.
Umbono owawandile—nowekusasa eliqhakazile—eBrithani phakathi neMpi Yezwe I wawuwukuthi yayizoba impi yokugcina enkulu. Ngo-1916, isikhulu sikahulumeni waseBrithani uDavid Lloyd George sabhekana namaqiniso. Sathi: “Lempi, njengempi ezolandela, iyimpi yokuqeda impi.” (Omalukeke sizenzele.) Sasiqinisile. IMpi Yezwe II yamane yadlondlobalisa ukusungulwa kwezindlela ezinonya zokucekela phansi okukhulu. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-50, akukabi nalutho olubonisa ukuthi impi izophela.
Encwadini efanayo yesAmbulo, sifunda ngabanye abagibeli bamahhashi—abafanekisela indlala, izifo eziwumshayabhuqe nokufa. (IsAmbulo 6:5-8) Kungezinye izici zesibonakaliso salezi zikhathi.—Mathewu 24:3-8.
Ingabe lokhu kuyisizathu sokuba nombono wekusasa elifiphele? Akunjalo neze, ngoba lombono uchaza ‘nehhashi elimhlophe; futhi lowo ohlezi phezu kwalo wayenomnsalo; futhi wanikwa umqhele, waphuma enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.’ (IsAmbulo 6:2) Lapha, sibona uJesu Kristu njengeNkosi yasezulwini esusa bonke ububi, ephokophele phambili ukuze amise ukuthula nokuzwana emhlabeni wonke.a
NjengeNkosi Emisiwe, uJesu Kristu lapho esemhlabeni wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandazele lowo Mbuso. Mhlawumbe nawe uye wafundiswa ukusho “UBaba Wethu,” noma uMthandazo WeNkosi. Kuwo sithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike, ukuze intando yakhe ifezeke lapha emhlabeni njengasezulwini.—Mathewu 6:9-13.
Kunokuba azame ukuchibiyela lesi simiso sezinto samanje, uJehova, esebenzisa iNkosi yakhe yobuMesiya, uKristu Jesu, uyosisusa ngokuphelele. Esikhundleni saso, uJehova uthi, “ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.” Ngaphansi kukahulumeni woMbuso wasezulwini, umhlaba uyoba ikhaya lesintu elinokuthula nenjabulo, lapho ukuphila nomsebenzi kuyojabulisa njalo. “Jabulani, nethabe kuze kube-phakade ngengikudalayo,” kusho uJehova. ‘Umsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.’ (Isaya 65:17-22) Uma usekela ithemba lakho lekusasa kuleso sithembiso esingenakuhluleka, uyoba nazo zonke izizathu zokuba nombono wekusasa eliqhakazile—manje naphakade!
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe yalombono, siza ubheke isahluko 16 sencwadi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 4]
UH. G. Wells
[Umthombo]
Corbis-Bettmann