Isiqhingi Esiqhelile Futhi Esincane
ELITHI “esiqhelile” nelithi “esincane” yiziphawulo ezivame kakhulu ukusetshenziswa lapho kuchazwa isiqhingi saseSt. Helena. Ziyafaneleka, ngoba lesi siqhingi, esingamakhilomitha angu-17 ubude namakhilomitha angu-10 ububanzi, siqhele ngebanga elingamakhilomitha angu-1 950 ukusuka ezweni eliseduze, ogwini lwaseningizimu-ntshonalanga ye-Afrika. Yilapha lapho uNapoléon Bonaparte athunyelwa khona ngo-1815 ukuba ayochitha iminyaka yakhe yokugcina njengomdingiswa onqotshiwe.
Uma usolwandle, lesi siqhingi sibukeka njengenqaba eyesabekayo. Empeleni siyintaba-mlilo engasaqhumi ephakeme kakhulu ukusuka e-Atlantic enamawa ephakeme ngamamitha afinyelela ku-500 kuya ku-700. Enkabeni yaso, kuneMt. Actaeon, engamamitha angu-818, engevelele kulesi siqhingi. Ngenxa yomoya opholile waseSouth Atlantic nomsinga wolwandle, lesi siqhingi ngokuvamile sinesimo sezulu esipholile nesijabulisayo. Kodwa ukusuka ogwini olungezansi kuya endaweni ephakathi enezintaba, kunesimo sezulu nezimila okuhlukahlukene.
ISt. Helena yaba ngaphansi kweBrithani kusukela ekupheleni kwekhulu le-17. Abantu abangu-5 000 abahlala kulesi siqhingi baxubile, kukhona abeLungu, abantu base-Asia nabase-Afrika. Kukhulunywa isiNgisi kuso sonke isiqhingi, kodwa siphinyiselwa ngendlela ehlukile. Asikho isikhumulo sezindiza lapha; ukuphela kwendlela yokuxhumana nezwe langaphandle kungomkhumbi, ngokuvamile oya eNingizimu Afrika naseNgilandi. Eqinisweni, ukusakaza ngethelevishini kwaqala ukuba khona phakathi nawo-1990, ngenxa yokuxhumana ngesiphuphutheki.
Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zaqala ukufika kulolu gu ekuqaleni kwawo-1930. (Mathewu 24:14) Phakathi kwayo yonke le minyaka, abantu abaningi bakulesi siqhingi baye bazithathela le ngcebo eyenza ingcebo yezinto ezibonakalayo ibe yize. (Mathewu 6:19, 20) Namuhla, iSt. Helena ingevelele ngoba uFakazi oyedwa kufanele ashumayele kubantu abangu-31, okuyisilinganiso esihle kunazo zonke emhlabeni!
[Amabalazwe ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
St. Helena
JAMESTOWN
Levelwood
AFRICA
ATLANTIC OCEAN
St. Helena