Ukujabula KuJehova Naphezu Kokulingwa
NJENGOBA ILANDISWA NGUGEORGE SCIPIO
Ngo-December 1945, ngangilele egunjini lasesibhedlela, ngikhubazeke ngokuphelele ngaphandle kwezandla nezinyawo. Ngangicabanga ukuthi ngangizoba kulesi simo isikhashana, kodwa abanye babengabaza ukuthi ngangiyophinde ngihambe. Yeka ukuthi lokhu kwakuwukulingwa okunjani kumuntu oneminyaka engu-17 ubudala owayenobungqabavu! Ngenqaba ukukwamukela lokho okwakushiwo ngesimo sami. Nganginokuningi engangikuhlelile, kuhlanganise nokuya eNgilandi nomqashi wami ngonyaka olandelayo.
NGANGIYISISULU sesibhadalala sovendle esahlasela sonke isiqhingi saseSt. Helena esiyikhaya lethu. Sabulala abantu abangu-11 sashiya abaningi bekhubazekile. Njengoba ngangilele embhedeni, nganginesikhathi esiningi sokucabanga ngokuphila kwami okufushane nangekusasa lami. Njengoba ngangenza kanjalo, ngaqala ukuqaphela ukuthi nganginesizathu sokujabula naphezu kokuhlupheka kwami.
Isiqalo Esiphansi
Ngo-1933 lapho ngineminyaka emihlanu ubudala, ubaba, uTom, iphoyisa nomdiyakoni eSontweni LamaBaptist, wathola izincwadi ezithile koFakazi BakaJehova ababili. Babengabashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele, noma amaphayona, ababevakashele kulesi siqhingi isikhashana.
Enye yalezi zincwadi kwakuthiwa i-Harp of God. Ubaba wayisebenzisa ekutadisheni iBhayibheli nomkhaya nabantu abaningana abathakazelayo. Yayinzima, ngakho kwakukuncane kakhulu engangikuqonda kuyo. Kodwa ngiyakhumbula ngiphawula eBhayibhelini lami umbhalo ngamunye esasixoxa ngawo. Ngokushesha ubaba waqaphela ukuthi lokhu esasikutadisha kwakuyiqiniso nokuthi kwakuhlukile kulokhu ayekushumayela eSontweni LamaBaptist. Waqala ukutshela abanye ngako nokushumayela epulpiti ukuthi akekho uZiqu-zintathu, asikho isihogo somlilo futhi awukho umphefumulo ongafi. Lokhu kwadala inxushunxushu esontweni.
Ekugcineni, kwabizwa umhlangano wesonto kuzanywa ukuxazulula le ndaba. Kwabuzwa, “Obani abangakumaBaptist?” Iningi lasabela. Umbuzo olandelayo wawuthi, “Obani abangakuJehova?” Kwasabela abangaba ngu-10 noma 12. Bacelwa ukuba balishiye isonto.
Lesi kwaba isiqalo esiphansi senkolo entsha eSt. Helena. Ubaba wathintana nendlunkulu ye-Watch Tower Society ese-United States wacela umshini okuthiwa i-transcription machine ukuze adlalele umphakathi izinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe. Watshelwa ukuthi lowo mshini wawungenakuthunyelwa eSt. Helena ngoba wawumkhulu kakhulu. Kwathunyelwa igilamafoni encane, futhi kamuva abazalwane ba-oda amanye amabili. Badabula isiqhingi ngezinyawo nangezimbongolo, beyisa isigijimi kubantu.
Njengoba isigijimi sasisakazeka, kwasakazeka nokuphikiswa. Esikoleni engangifunda kuso, izingane zazihlabelela zithi: “Wozani nonke, wozani nonke, nali iqembu likaTommy Scipio legilamafoni!” Lokhu kwakuwukulingwa okunzima kakhulu kimi, umfana wesikole ofuna ukwamukelwa ontanga. Yini eyangisiza ukuba ngikhuthazele?
Umkhaya wakithi omkhulu—onezingane eziyisithupha—wawuba nesifundo somkhaya seBhayibheli njalo. Kanti sasifunda iBhayibheli ndawonye njalo ekuseni ngaphambi kokudla. Akungabazeki ukuthi lokhu kwawusiza umkhaya wakithi ukuba uqhubeke uthembekile eqinisweni kuyo yonke leyo minyaka. Ngalithanda ngisemncane iBhayibheli, futhi kuyo yonke le minyaka edlule, ngiye ngalondoloza umkhuba wokulifunda njalo. (IHubo 1:1-3) Lapho ngishiya esikoleni ngineminyaka engu-14 ubudala, ngangiqinile eqinisweni, futhi ukwesaba uJehova kwakusenhliziyweni yami. Lokhu kwangenza ngajabula kuJehova naphezu kwalokho kulingwa.
Ukulingwa Okwengeziwe Nenjabulo
Njengoba ngangilele kulowo mbhede ngigula, ngicabanga ngaleyo minyaka yangesikhathi ngisemncane nangamathemba ami esikhathi esizayo, ngangazi ngenxa yokutadisha kwami iBhayibheli ukuthi lokhu kugula kwakungekhona ukuvivinywa noma isijeziso esivela kuNkulunkulu. (Jakobe 1:12, 13) Nokho, uvendle lwaluwukulingwa okunzima, futhi ngangiyophila nemiphumela yalo ukuphila kwami konke.
Njengoba ngilulama, kwadingeka ngiphinde ngifunde ukuhamba. Futhi angibange ngisakwazi ukusebenzisa eminye yemisipha yami yezandla. Anginakuzibala izikhathi engangiwa ngazo usuku ngalunye. Nokho, ngomthandazo oqotho nokuqhubeka ngizama, ngo-1947, ngakwazi ukuhamba ngenduku.
Phakathi naleso sikhathi ngathandana nentokazi okuthiwa uDoris, eyayinezinkolelo ezingokwenkolo ezifana nezami. Sasisebancane kakhulu ukuba singacabanga ngomshado, kodwa ngakhuthazeka ukuba ngithuthuke ngokwengeziwe ekuhambeni. Ngayeka nomsebenzi ngenxa yokuthi iholo lalingeke lanele uma sengishadile, ngabe sengizivulela eyami indawo yokucwaninga ngamazinyo, eyasebenza iminyaka emibili eyalandela. Sashada ngo-1950. Ngaleso sikhathi ngase nginemali eyanele yokuthenga imoto encane. Manje ngase ngingakwazi ukuyisa abazalwane emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini.
Intuthuko Engokwasezulwini Esiqhingini
Ngo-1951 iNhlangano yasithumelela ummeleli wokuqala. KwakunguJacobus van Staden, insizwa yaseNingizimu Afrika. Sasisanda kuthuthela endlini enkulu, ngakho sakwazi ukuhlala naye unyaka wonke. Njengoba ngangizisebenza, sasebenza kakhulu ndawonye emsebenzini wokushumayela, futhi ngathola ukuqeqeshwa okuningi okuwusizo kuye.
UJacobus, noma uKoos njengoba sasimbiza kanjalo, wahlela imihlangano yasikhathi sonke yebandla, esasiba khona kuyo sonke ngenjabulo. Sasinenkinga yezinto zokuhamba ngoba sonke esasithakazela sasinezimoto ezimbili kuphela. Indawo imagebhugebhu futhi inamagquma futhi yayimbalwa imigwaqo emihle ngaleso sikhathi. Ngakho, kwakuwumsebenzi ukuyisa wonke umuntu emihlanganweni. Abanye babeqala ukuhamba ngezinyawo ekuseni kakhulu. Ngangithatha abathathu ngemoto yami encane ngibashiye ebangeni elithile endleleni. Babehla baqhubeke nohambo. Bese ngijika, ngiyothatha abanye abathathu ngiyobashiya ebangeni elithile, bese ngijika. Ekugcineni, bonke ngale ndlela babeba khona emhlanganweni. Ngemva komhlangano, sasilandela inqubo efanayo ukuze sibuyisele wonke umuntu ekhaya.
UKoos wasifundisa nendlela yokunikeza izintshumayelo eziphumelelayo ezindlini. Sasiba nokuningi okujabulisayo nokunye-ke okungajabulisi kangako. Kodwa injabulo esasiba nayo enkonzweni yasensimini yayisithibeza konke ukulingwa okwakubangelwa abaphikisi bomsebenzi wethu wokushumayela. Ngolunye usuku ekuseni ngangisebenza noKoos. Lapho sisondela emnyango, sezwa izwi ngaphakathi. Indoda yayifundela phezulu iBhayibheli. Sasiwezwa ngokucacile amazwi esiwejwayele ka-Isaya isahluko 2. Lapho ifika evesini 4, sangqongqoza. Ikhehla elinobungane lasingenisa, futhi sasebenzisa u-Isaya 2:4 ukulichazela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli nalo nakuba lalihlala endaweni efinyeleleka kanzima kakhulu. Kwakudingeka sehle igquma, siwele umfudlana ngamatshe okuwela, sikhuphuke elinye igquma, bese sehlela emzini walo. Kodwa kwakuwufanele umzamo. Leli khehla elithobekile lalamukela iqiniso futhi labhapathizwa. Ukuze liye emihlanganweni, lalihamba ngezinduku ezimbili liye endaweni engangingalithatha kuyo siqedele uhambo ngemoto. Kamuva lashona linguFakazi othembekile.
Ukhomishane wamaphoyisa wamelana nomsebenzi wethu futhi wasongela ngokuphindaphindiwe ngokuxosha uKoos. Kanye ngenyanga wayebiza uKoos eyomphenya ngemibuzo. Ukunikeza kukaKoos izimpendulo eziqondile njalo ezisekelwe eBhayibhelini kwakumthukuthelisa nakakhulu. Isikhathi ngasinye wayexwayisa uKoos ngokuthi kumelwe ayeke ukushumayela, kodwa njalo wayethola ubufakazi. Waqhubeka ephikisa umsebenzi ngisho nangemva kokuba uKoos esehambile eSt. Helena. Khona-ke, lo khomishane, owayemkhulu, eyisidlakela, wagula kungazelelwe futhi wazaca kakhulu. Odokotela abakwazanga ukuthola ukuthi wayephethwe yini. Ngenxa yalokho, wahamba esiqhingini.
Ubhapathizo Nokwanda Okuqhubekayo
Ngemva kokuba uKoos esenezinyanga ezintathu esesiqhingini, waba nomuzwa wokuthi kwakufaneleka ukuba kube nenkonzo yobhapathizo. Kwaba nzima ukuthola ichibi elifanelekayo. Sanquma ukumba umgodi, siwukhonke bese sikhelela amanzi siwugcwalise. Ngobusuku bangaphambi kobhapathizo, lana, futhi ngosuku olulandelayo ekuseni sajabula ukuthola ukuthi umgodi wawugcwele uphuphuma.
Ngalelo Sonto ekuseni uKoos wanikeza inkulumo yobhapathizo. Lapho ecela ukuba abazobhapathizwa basukume, sasukuma singu-26 ukuze siphendule imibuzo evamile. Saba nelungelo lokuba oFakazi bokuqala ababhapathizwa kulesi siqhingi. Kwakuwusuku olujabulisa kunazo zonke ekuphileni kwami ngoba ngangihlale ngikhathazwa ukuthi i-Armagedoni yayizofika ngingakabhapathizwa.
Ekugcineni kwamiswa amabandla amabili, elinye eLevelwood nelinye eJamestown. Isonto ngalinye sasihamba amakhilomitha angu-13 sibathathu noma sibane siye kwelinye ibandla siyoqhuba iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo ngoMgqibelo kusihlwa. Ngemva kwenkonzo yasensimini ngeSonto ekuseni, sasibuya sifike sibe nomhlangano ofanayo kanye neSifundo Se-Nqabayokulinda ebandleni lethu ntambama nakusihlwa. Ngakho izimpelasonto zethu zazigcwele imisebenzi ejabulisayo engokwasezulwini. Ngangifisa ukwenza umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele, kodwa nganginomkhaya okwakudingeka ngiwondle. Ngakho ngo-1952, ngaphindela emsebenzini kahulumeni ngaba udokotela wamazinyo wesikhathi esigcwele.
Ngo-1955 abameleli abajikelezayo beNhlangano, ababonisi besifunda, baqala ukuhambela lesi siqhingi njalo ngonyaka, futhi babehlala kwami ingxenye yokuhambela kwabo. Baba yithonya elihle emkhayeni wami. Cishe ngaleso sikhathi, ngaba nelungelo lokuhlanganyela nasekuboniseni amafilimu amathathu eNhlangano kuso sonke isiqhingi.
Umhlangano Ovusa Amadlingozi Wentando Yaphezulu
Ngo-1958, ukuze ngiye eMhlanganweni Wezizwe Wentando Yaphezulu eNew York, ngaphinde ngawuyeka umsebenzi kahulumeni. Lowo mhlangano waba isenzakalo esiyingqopha-mlando ekuphileni kwami—ithuba elanginika isizathu esikhulu sokujabula kuJehova. Ngenxa yokuntuleka kwezinto zokuhamba eziza njalo kulesi siqhingi, sahamba izinyanga ezinhlanu nengxenye. Umhlangano wathatha izinsuku ezingu-8, futhi isimiso sasiqala ngo-9 ekuseni kuze kube ngu-9 ebusuku. Kodwa angizange ngikhathale, futhi ngangibheka phambili osukwini ngalunye. Ngaba nelungelo lokumelela iSt. Helena imizuzu emibili esimisweni. Ukukhuluma nezihlwele ezinkulu eYankee Stadium nasePolo Grounds kwakuyisenzakalo esesabisa kakhulu.
Lowo mhlangano waqinisa isinqumo sami sokuphayona. Inkulumo yeningi ethi, “UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa—Ingabe Isiphelo Sezwe Siseduze?,” yayikhuthaza ngokukhethekile. Ngemva komhlangano, savakashela indlunkulu yeNhlangano eBrooklyn futhi sabuka nefektri. Ngaxoxa noMfoweth’ uKnorr, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi, ngentuthuko yomsebenzi eSt. Helena. Wathi angathanda ukuvakashela lesi siqhingi ngolunye usuku. Sabuya namakhasethi aqoshiwe azo zonke izinkulumo kanye nezithombe ezinyakazayo eziningi zomhlangano ukuze sikuhlanganyele nomkhaya nabangane.
Ukufinyelela Umgomo Wenkonzo Yesikhathi Esigcwele
Lapho ngibuya, ngabuzwa ukuthi ngingathanda yini ukubuyela emsebenzini engangiwenza, njengoba ayengekho udokotela wamazinyo esiqhingini. Nokho, ngachaza ukuthi ngangihlela ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngemva kokuxoxisana kakhulu kwavunywa ukuthi ngingasebenza izinsuku ezintathu ngesonto, kodwa ngikhokhelwe iholo eliphezulu kunalelo engangilihola ngisasebenza izinsuku eziyisithupha. Amazwi kaJesu abonakala eyiqiniso: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:33) Ukuhamba endaweni enamagquma yakulesi siqhingi ngezinyawo zami ezibuthakathaka kwakungelula ngaso sonke isikhathi. Noma kunjalo, ngaphayona iminyaka engu-14 futhi ngakwazi ukusiza abantu abaningi engiphila nabo kulesi siqhingi ukuba bafunde iqiniso—ngokuqinisekile okuyisizathu sokujabula kakhulu.
Ngo-1961 uhulumeni wawufuna ukungithumela eziQhingini zaseFiji ezifundweni zeminyaka emibili zamahhala ukuze ngibe udokotela wamazinyo oqeqeshwe ngokuphelele. Bathembisa ngisho nokungihambisa nomkhaya wami. Lokhu kwakulinga, kodwa ngemva kokukucabangela kanzulu ngakwenqaba. Ngangingafuni ukushiya abazalwane isikhathi eside kangako futhi ngidele ilungelo enganginalo lokukhonza kanye nabo. Isikhulu sezokwelapha esasihlele lolo hambo sasithukuthele kakhulu. Sathi: “Uma ucabanga ukuthi ukuphela kuseduze kangako, usengayisebenzisa imali ozoyihola okwamanje.” Kodwa ngama ngiqinile.
Ngonyaka olandelayo ngamenyelwa eNingizimu Afrika ukuba ngibe seSikoleni Senkonzo SoMbuso, isifundo senyanga eyodwa sababonisi bamabandla. Sanikezwa imfundo ewusizo eyasisiza ukuba sizinakekele ngokuphumelela ngokwengeziwe izabelo zethu zebandla. Ngemva kwesikole, ngaqeqeshwa ngokwengeziwe ngokusebenza nombonisi ojikelezayo. Ngabe sengikhonza amabandla amabili aseSt. Helena iminyaka engaphezu kweyishumi ngibambele umbonisi ojikelezayo. Ngokuhamba kwesikhathi, kwaba nabanye abazalwane abafanelekayo, futhi kwasetshenziswa isimiso sokushintshana.
Phakathi naleso sikhathi, sathutha eJamestown saya eLevelwood, lapho indingeko yayinkulu khona, futhi sahlala lapho iminyaka eyishumi. Ngaleso sikhathi ngangenza okuningi ngesikhathi esisodwa—ngiphayona, ngisebenzela uhulumeni izinsuku ezintathu ngesonto futhi nginesitodlwana. Ngaphezu kwalokho, nganginakekela izindaba zebandla, futhi mina nomkami sinakekela umkhaya wezingane ezine ezazisakhula. Ukuze ngikwazi ukubhekana nezimo, ngayeka umsebenzi wami wezinsuku ezintathu, ngathengisa isitolo futhi ngathatha wonke umkhaya saya eKapa, eNingizimu Afrika, sayophumula izinyanga ezintathu. Sabe sesithuthela e-Ascension Island futhi sahlala lapho unyaka. Phakathi naleso sikhathi, sakwazi ukusiza abaningi ukuba bazuze ulwazi olunembile lweqiniso leBhayibheli.
Lapho sibuyela eSt. Helena, sathutha saphindela eJamestown. Savuselela indlu eyayixhumene neHholo LoMbuso. Ukuze sizinakekele ngokwezinto ezibonakalayo, mina nendodana yami uJohn sakha inqola ka-ice-cream ngeloli lakwa-Ford, sabe sesithengisa u-ice cream iminyaka emihlanu eyalandela. Ngemva nje kokuqala lelo bhizinisi, ngahileleka engozini ngaleyo nqola. Yaphenduka futhi yangicindezela imilenze. Ngenxa yalokho izinzwa zami zesingezansi kwamadolo zafa, futhi kwangithatha izinyanga ezintathu ukuba ngilulame.
Izibusiso Ezicebile Zangesikhathi Esidlule Nesizayo
Phakathi nayo yonke iminyaka edlule, siye saba nezibusiso eziningi—okuyizizathu ezengeziwe zokujabula. Esinye sazo kwaba uhambo lwethu lokuya eNingizimu Afrika emhlanganweni wakulelo lizwe ngo-1985 nokuvakashela ikhaya elisha laseBethel, elalisakhiwa. Esinye kwaba esokuba nengxenye encane, mina nendodana yami uJohn, ekwakheni iHholo LoMhlangano elihle eduze naseJamestown. Sijabulela nokuthi amathathu emadodaneni ethu akhonza njengabadala, futhi umzukulu oyedwa ukhonza eBethel yaseNingizimu Afrika. Futhi ngokuqinisekile siye savuna injabulo enkulu nokwaneliseka ekusizeni abaningi ukuba bathole ulwazi olunembile lweBhayibheli.
Insimu esishumayela kuyo ilinganiselwe, njengoba inabantu abangaba ngu-5 000 kuphela. Nokho, ukusebenza ensimini efanayo ngokuphindaphindiwe kuye kwaba nemiphumela emihle. Bambalwa abantu abasiphatha kabi. ISt. Helena yaziwa ngokuba nobungane, futhi uyobingelelwa nomaphi lapho uhamba khona—uhamba emgwaqweni noma ushayela imoto yakho. Engiye ngakufunda ukuthi lapho ubazi kangcono abantu, kuba lula nakakhulu ukufakaza kubo. Manje sinabamemezeli abangu-150, nakuba abaningi beye bathuthela phesheya.
Njengoba zonke izingane zethu sezikhulile zasishiya, mina nomkami sesiphinde saba sodwa, ngemva kweminyaka engu-47 sishadile. Uthando lwakhe lokwethembeka nokusekela kwakhe kuyo yonke le minyaka kuye kwangisiza ukuba ngiqhubeke ngikhonza uJehova ngenjabulo naphezu kokulingwa. Amandla ethu angokwenyama aseyaphela, kodwa ngokomoya siya siqina usuku ngalunye. (2 Korinte 4:16) Mina, nomkhaya wami nabangane, sibheke phambili esikhathini esizayo esimangalisayo lapho umzimba wami uyobuyiselwa esimweni esingcono kunaleso owawukuso lapho ngineminyaka engu-17 ubudala. Isifiso sami esikhulu siwukuba ngijabulele ukuphelela ngazo zonke izindlela, ngaphezu kwakho konke, ngikhonze uNkulunkulu wethu onothando nonakekelayo, uJehova, neNkosi yakhe ebusayo, uJesu Kristu, phakade.—Nehemiya 8:10.
[Isithombe ekhasini 26]
UGeorge Scipio namadodana akhe amathathu, akhonza njengabadala
[Isithombe ekhasini 29]
UGeorge Scipio nomkakhe, uDoris