Ukufuna Ipharadesi
NJENGOBA ILANDISWA UPASCAL STISI
Kwakusebusuku kakhulu, futhi imigwaqo yedolobha laseBéziers, eningizimu yeFrance, ithule cwáka. Lapho mina nomngane wami sithola udonga lwesitolo sezincwadi zenkolo olwalusanda kupendwa, sabhala ngokumnyama ngezinhlamvu ezinkulukazi amazwi esazi sefilosofi esingumJalimane uNietzsche athi: ‘Onkulunkulu bafile. Yima njalo Superman!’ Nokho, yini eyangiholela kukho konke lokhu?
NGAZALELWA eFrance ngo-1951 emkhayeni wamaKatolika angamaNtaliyane. Lapho ngiseyingane, sasivame ukuya eholidini eningizimu ye-Italy. Lapho, idolobha ngalinye lalinomfanekiso walo weNcasakazi uMariya. Njengoba ngangihamba nomkhulu, ngangilandela le mifanekiso emikhulu egqokisiwe odwendweni olude sinqamula ezintabeni—kodwa ngingenalo neze ukholo. Ngaqedela imfundo eyisisekelo esikoleni senkolo esasiphethwe amaJesuit. Nokho, angikhumbuli ngizwa okuthile okwalwakha ngempela ukholo lwami kuNkulunkulu.
Ngaqala ukucabanga ngenjongo yokuphila lapho ngangibhalise eyunivesithi eMontpellier, ngiyofundela ezokwelapha. Ubaba wayelimele phakathi nempi futhi ehlale enodokotela eduze nombhede wakhe. Bekungeke yini kube ngcono ukuqeda impi kunokuchitha isikhathi esiningi kangaka futhi kwenziwa nemizamo emikhulu kangaka kwelashwa abantu abalimale kuyo? Nokho, iMpi YaseVietnam yayibhidlangile. Ngokwesibonelo, kimina ukuphela kwendlela enengqondo yokwelapha umdlavuza wamaphaphu ukugwema imbangela yawo eyinhloko—ugwayi. Futhi kuthiwani ngezifo ezibangelwa ukungondleki kahle emazweni asathuthuka nalezo ezibangelwa ukudla ngokweqile emazweni anothile? Kwakungeke yini kube ngcono ukuqeda izimbangela kunokuzama ukwelapha imiphumela emibi? Kungani kwakunokuhlupheka okungaka emhlabeni? Ngaba nomuzwa wokuthi kwakunokuthile okwakonakele kakhulu kulo mphakathi ozibhubhisayo, futhi ngasola ohulumeni.
Incwadi engangiyithanda yayibhalwe umvukeli, futhi ngangikopishela imisho ethile yayo ezindongeni. Kancane kancane, nami ngaba umvukeli, ongenakholo noma imithetho yokuziphatha, owayengafuni Nkulunkulu nankosi. Kimi, uNkulunkulu noma inkolo kwakusungulwe abacebile nabanamandla ukuze basibuse futhi basixhaphaze. Kwakubonakala sengathi bathi, ‘Sisebenzeleni kanzima emhlabeni, futhi umvuzo wenu uyoba mkhulu epharadesi ezulwini.’ Kodwa sase siphelile isikhathi sonkulunkulu. Abantu kwakudingeka batshelwe. Ukubhala ezindongeni kwakungenye indlela yokubatshela.
Ngenxa yalokho, izifundo zami zagudluzelwa endaweni yesibili. Phakathi naleso sikhathi ngangibhalisele ukufunda isayensi yokuma komhlaba neyezinto eziphilayo nendawo yazo ezungezile kwenye iyunivesithi yaseMontpellier lapho kwakudlange khona ukuvukela amagunya. Njengoba ngangiqhubeka ngifunda isayensi yezinto eziphilayo nendawo yazo ezungezile, ngaya ngokuya ngicasulwa ukubona ukonakaliswa kweplanethi yethu enhle.
Njalo ngonyaka ngamaholide asehlobo, ngangihamba ngicela ukugitshezwa ezimotweni ngize ngihlanganise izinkulungwane zamakhilomitha ngidabula elaseYurophu. Njengoba ngangihamba futhi ngixoxa namakhulukhulu abashayeli, ngazibonela ngawami ububi nokonakala komphakathi wesintu. Ngesinye isikhathi, lapho ngihamba ngifuna ipharadesi, ngafika ogwini lolwandle olumangalisayo esiqhingini esihle saseCrete futhi ngathola ukuthi lumbozwe uwoyela. Ngadabuka kakhulu. Ingabe yayikhona indawana encane yepharadesi esasele ndawana-thile emhlabeni?
Ukubuyela Ekulimeni
EFrance izazi zezinto eziphilayo nendawo yazo ezungezile zatusa ukubuyela ekulimeni njengekhambi lezinkinga zomphakathi. Ngangifuna ukusebenza ngezandla zami. Ngakho ngathenga indlu endala eyakhiwe ngamatshe edolobhaneni elincane elisemagqumeni asezansi kweziNtaba zaseCévennes eningizimu yeFrance. Emnyango wayo, ngabhala ukuthi “Manje Sesisepharadesi,” okuyisiqubulo sama-hippie aseMelika. Intombi ethile engumJalimane eyayidlula lapho engangihlala khona yahlalisana nami. Ngangingakufuni ngokuphelele ukushadiswa imeya, ummeleli walesi simiso. Esontweni khona? Phinde!
Kaningi, sasihamba singazigqokile izicathulo, futhi nganginezinwele ezinde nobhebhenene lwentshebe emahlikilili. Ngangikujabulela ukutshala izithelo nemifino. Ehlobo isibhakabhaka sasiluhlaza futhi kukhala izinambuzane okuthiwa izihlonono. Kwakuthaphuka iphunga lezimbali zemithi ebhashile kanti izithelo zaseMediterranean esasizitshalile—amagilebhisi namakhiwane—zazibothozela futhi ziconsisa amathe! Kwakubonakala sengathi sase siyitholile indawo yethu epharadesi.
Ukuqala Ukuba Nokholo KuNkulunkulu
Eyunivesithi, ngangifunde isayensi yamangqamuzana, yemibungu neyokwakheka komzimba, futhi ngahlatshwa umxhwele ubunkimbinkimbi nokuvumelana kwalezi zinto. Manje njengoba ngangingacabanga ngendalo futhi ngiyibuke ngokoqobo nsuku zonke, ubuhle bayo nalokho engakwenza kwangenza ngayazisa. Usuku ngalunye ngangibona incwadi yendalo iya ivuleka. Ngolunye usuku phakathi nohambo olude ngezinyawo emagqumeni nangemva kokucabanga kanzulu ngokuphila, ngafinyelela esiphethweni sokuthi kumelwe kube noMdali. Nganquma enhliziyweni yami ukuba ngikholelwe kuNkulunkulu. Ngaphambili, ngangizizwa ngingenalutho enhliziyweni yami, nginesizungu esingikhathazayo. Ngosuku engaqala ngalo ukukholelwa kuNkulunkulu, ngazitshela ngathi, ‘Pascal, ngeke uphinde ube wedwa.’ Kwakuwumuzwa ongaphezu kovamile.
Ngemva nje kwalokho, mina nalowo engangihlalisene naye saba nentombazane encane—u-Amandine. Yayiyintandokazi yami. Manje njengoba ngase ngikholelwa kuNkulunkulu, ngaqala ukuhlonipha imithetho embalwa yokuziphatha engangiyazi. Ngayeka ukweba nokuqamba amanga, futhi ngokushesha ngaqaphela ukuthi lokhu kwakungisiza ukuba ngigweme izinkinga eziningi engangiba nazo nalabo abaseduze nami. Yebo, sasinazo izinkinga, futhi ipharadesi lami lalingekhona engangethemba ukuthi lizoba yiko. Abatshali bemivini bendawo babesebenzisa izibulala zinambuzane nemithi evimbela ukukhula kwezitshalo okwakonakalisa nezilimo zami. Umbuzo wami ophathelene nembangela yobubi wawungakaphenduleki. Ngaphezu kwalokho, nakuba ngangifunde okuningi ngokuphila komkhaya, lokhu akuzange kuvimbele izimpikiswano ezishubile nalowo engangihlalisene naye. Sasinabangane abambalwa, futhi labo esasinabo kwakungabamanga; abanye baze bazama nokwenza lona enga ngihlalisene naye ukuba angathembeki kimi. Kwakumelwe kube nepharadesi elingcono.
Ukuphendulwa Kwemithandazo Yami
Ngangivame kakhulu ukuthandaza ngendlela yami ngicela uNkulunkulu ukuba angiqondise ekuphileni. Ngolunye usuku, ngeSonto ekuseni kwafika owesifazane onobungane okuthiwa u-Irène Lopez ehamba nomfanyana wakhe. Wayengomunye woFakazi BakaJehova. Ngakulalela lokho ayekusho futhi ngavuma ukuba aphinde abuye. Kwafika amadoda amabili ezongibona. Engxoxweni esaba nayo, ngabamba izinto ezimbili—iPharadesi noMbuso kaNkulunkulu. Ngakugcina ngokucophelela lokho engqondweni yami, futhi ngemva kwezinyanga ezithile, ngaqonda ukuthi ngolunye usuku kwakuzodingeka ngilungise izinto noNkulunkulu uma ngifuna ukuba nonembeza ohlanzekile futhi ngithole injabulo yangempela.
Ukuze senze ukuphila kwethu kuvumelane neZwi likaNkulunkulu, engangihlalisene naye waqale wathambekela ekubeni sishade. Wabe esejwayelana nabantu ababi ababeklolodela uNkulunkulu nemithetho yakhe. Ngolunye usuku kusihlwa entwasahlobo, ngashaqeka kakhulu lapho ngifika ekhaya. Indlu yethu yayingenalutho. Lona engangihlalisene naye wayesehambile, ehambe nentombazane yethu eneminyaka emithathu ubudala. Ngahlala izinsuku ngilinde ukuba babuye—kodwa abazange babuye. Kunokuba ngisole uNkulunkulu, ngathandazela ukuba angisize.
Ngemva nje kwalokho, ngathatha iBhayibheli, ngahlala ngaphansi kwesihlahla sami somkhiwane, ngaqala ukufunda. Empeleni, ngagxila emazwini alo. Nakuba ngangifunde zonke izinhlobo zezincwadi zabahlaziyi bengqondo nezezazi zokusebenza kwayo, ngangingakaze ngihlangane nokuhlakanipha okunjengalokhu. Kumelwe ukuba le ncwadi yayiphefumulelwe ngokwaphezulu. Imfundiso kaJesu nendlela ayeqonda ngayo umuntu kwangikhexisa. Ngaduduzwa amaHubo futhi ngamangazwa ukuhlakanipha okuwusizo kwezAga. Ngaqaphela ngokushesha ukuthi nakuba ukufunda ngendalo kukahle kakhulu ekudonseleni umuntu kuNkulunkulu, kungembula “amaphethelo nje ezindlela zakhe.”—Jobe 26:14.
OFakazi babengishiyele nencwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade nethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise.a Ukuzifunda kwangivula amehlo. Incwadi ethi IQiniso yangisiza ukuba ngiqonde ukuthi kungani isintu sibhekene nenkinga esakazeke kabanzi yokungcola, yezimpi, yokwanda kodlame nosongo lokubhubhisa kwenuzi. Futhi njengoba nje isibhakabhaka esibomvu engangisibona ngisengadini yami sasibikezela isimo sezulu esihle sangakusasa, lezi zenzakalo zazifakazela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu useduze. Ngokuphathelene nencwadi Ukuphila Komkhaya, ngangifisa sengathi ngangingayibonisa lona engangikade ngihlala naye bese ngimtshela ukuthi singajabula ngokusebenzisa iseluleko seBhayibheli. Kodwa kwakungasenakwenzeka.
Ukuthuthuka Ngokomoya
Ngangifuna ukwazi okwengeziwe, ngakho ngacela uRobert, uFakazi, ukuba angivakashele. Wamangala lapho ngimtshela ukuthi ngangifuna ukubhapathizwa, ngakho kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ngokushesha ngaqala ukukhuluma nabanye ngalokho engangikufunda, ngihambisa nezincwadi engangizithola eHholo LoMbuso.
Ukuze ngikwazi ukuziphilisa, ngafundela ukwakha. Ngiqaphela okuhle iZwi likaNkulunkulu elingamenzela kona umuntu, ngasebenzisa wonke amathuba okushumayela ngokwethukela kwengangifunda nabo nakothisha. Ngokunye ukuhlwa, ngahlangana noSerge ephasishi. Wayephethe omagazini ngesandla. Ngathi kuye: “Ngiyabona ukuthi uyakuthanda ukufunda.” “Yebo, kodwa sengikhathele yilokhu.” Ngambuza: “Ingabe ufuna okuthile okumnandi ngempela kokukufunda?” Saba nengxoxo enhle kakhulu ngoMbuso kaNkulunkulu, okwathi ngemva kwayo wamukela izincwadi zeBhayibheli. Ngesonto elilandelayo, waya nami eHholo LoMbuso, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli.
Ngolunye usuku ngabuza uRobert ukuthi ngangingashumayela yini endlini ngendlu. Waya ekhabetheni lezingubo wangikhiphela isudi. NgeSonto elilandelayo, ngaya naye okokuqala enkonzweni. Ekugcineni, ngo-March 7, 1981, ngakubonakalisa obala ukuzinikezela kwami kuJehova uNkulunkulu ngobhapathizo.
Usizo Lapho Ngisekucindezelekeni
Phakathi naleso sikhathi ngase ngitholile ukuthi u-Amandine nonina babehlala phesheya. Nokho, ngokudabukisayo unina—ngokomthetho, ngokwemithetho yezwe ayehlala kulo—wangenqabela ukuba ngibone indodakazi yami. Ngakhungatheka. Unina ka-Amandine washada, futhi ngadangala nakakhulu lapho ngithola isaziso esingokomthetho sokuthi umyeni wakhe wayamukele indodakazi yami njengendodakazi yakhe—ngaphandle kwemvume yami. Ngangingasenalo nelincane ilungelo endodakazini yami. Naphezu kwezinyathelo ezingokomthetho, ngahluleka ukuthola imvume yokuyivakashela. Indlela engangizwa ngayo ubuhlungu, ngangizizwa sengathi ngibelethe umthwalo onzima emhlane.
Kodwa iZwi likaJehova langilonda ngezindlela eziningi. Ngolunye usuku lapho ngangicindezeleke kakhulu, ngaphindaphinda amazwi ezAga 24:10 athi: “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.” Leli vesi langisiza ukuba ngingawi. Ngesinye isikhathi, ngemva kokuhluleka emzamweni wami wokubona indodakazi yami, ngaya enkonzweni futhi ngasibamba ngasiqinisa ngamandla ngangokunokwenzeka isikhwama sami sezincwadi. Phakathi nezikhathi ezinjalo ezinzima, ngakwazi ukubona ubuqiniso bamazwi eHubo 126:6, athi: “Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.” Isifundo esibalulekile engasifunda siwukuthi lapho ubhekene nokulingwa okukhulu, ngemva kokuba sewenze konke ongakwenza ukukuxazulula, kudingeka ukhohlwe yiko uqhubeke ngokuzimisela enkonzweni kaJehova. Lena ukuphela kwendlela yokuzigcina ujabule.
Ukufinyelela Okuthile Okungcono
Lapho abazali bami abathandekayo bebona ushintsho engase ngilwenzile, bathi bangangisiza ngiqhubeke nezifundo zami eyunivesithi. Ngababonga, kodwa ngase nginomunye umgomo. Iqiniso lase lingikhululile kuyifilosofi yabantu, ezinkolelweni ezingenasisekelo nasekufundeni izinkanyezi. Manje ngase nginabangane bangempela abangeke nanini babulalane empini. Futhi ekugcineni, ngase nginezimpendulo zemibuzo yami yokuthi kungani kwakunokuhlupheka okungaka emhlabeni. Ngenxa yokubonga enganginakho ngangifuna ukukhonza uNkulunkulu ngawo wonke amandla ami. UJesu wayezinikele ngokuphelele enkonzweni yakhe, ngakho ngangifuna ukulandela isibonelo sakhe.
Ngo-1983, ngaliyeka ibhizinisi lami lokwakha ukuze ngibe isikhonzi sesikhathi esigcwele. Lapho imithandazo yami iphendulwa, ngathola itoho epaki ukuze ngizisekele. Yeka injabulo okwakuyiyo ukuya esikoleni samaphayona noSerge, insizwa engafakaza kuyo esikoleni sokwakha! Ngemva kweminyaka emithathu ngiyiphayona elivamile, ngaba nesifiso sokwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Ngakho, ngo-1986, ngamiswa njengephayona elikhethekile edolobheni elikhangayo laseProvins, elingekude neParis. Ngokuvamile, lapho ngibuyela ekhaya kusihlwa, ngangiguqa ngithandaze ngibonge uJehova ngosuku olumnandi engibe nalo ngikhuluma nabanye ngaye. Eqinisweni, izinto ezimbili engizijabulela kunazo zonke ekuphileni ukukhuluma noNkulunkulu nokukhuluma ngoNkulunkulu.
Okunye okwangijabulisa kakhulu kwaba ukubhapathizwa kukamama ongizalayo owayeneminyaka engu-68 ubudala ehlala eCébazan, edolobhaneni eliseningizimu yeFrance. Lapho umama eqala ukufunda iBhayibheli, ngamthumelela isikhokhelo se-Nqabayokulinda nese-Phaphama! Wayengumuntu ocabangayo, ngakho washeshe waliqaphela iqiniso kulokhu ayekufunda.
IBethel—IPharadesi Elingokomoya Eliphawulekayo
Lapho i-Watch Tower Society inquma ukunciphisa inani lamaphayona akhethekile, ngafaka isicelo sokuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo nesaseBethel, okuyihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eFrance. Ngangifuna ukukushiyela kuJehova ukuba anqume ukuthi iyiphi indlela engangingamkhonza ngayo kangcono kakhulu. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngo-December 1989, ngamenyelwa eBethel eLouviers, enyakatho-ntshonalanga yeFrance. Lokhu kwaba kuhle, ngoba leyo ndawo yenza ngakwazi ukusiza umfowethu nomkakhe ekunakekeleni abazali bami lapho base begula kakhulu. Ngangingeke ngikwazi ukukwenza lokhu ukube ngangisenkonzweni yezithunywa zevangeli endaweni eqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha.
Umama wangivakashela izikhathi eziningana eBethel. Nakuba kwakuwukuzidela ngaye ukuhlala kude nami, wayevame ukuthi kimi: “Uhlale eBethel, ndodana. Ngiyajabula ukuthi ukhonza uJehova ngale ndlela.” Ngokudabukisayo, bobabili abazali bami sebashona. Yeka indlela engibheke phambili ngayo ukubabona emhlabeni oshintshwe waba ipharadesi elingokoqobo!
Ngikholelwa kakhulu ukuthi uma ikhona indlu eyifanelayo incazelo ethi “Manje Sesisepharadesi,” leyo iBethel—“iNdlu KaNkulunkulu”—ngoba ipharadesi langempela, ngaphezu kwakho konke, lingokomoya, futhi eBethel kubusa izinto ezingokomoya. Sinethuba lokuhlakulela izithelo zomoya. (Galathiya 5:22, 23) Ukudla okungokomoya okucebile esikuthola engxoxweni yansuku zonke yetekisi leBhayibheli nesifundo somkhaya se-Nqabayokulinda kuyasiza ekungiqiniseleni inkonzo yaseBethel. Ngaphezu kwalokho, ukukwazi ukuba nobudlelwane nabazalwane nodade abanomqondo ongokomoya abaye bakhonza uJehova ngokwethembeka amashumi eminyaka kwenza iBethel ibe indawo eyingqayizivele umuntu angakhula kuyo ngokomoya. Nakuba sengineminyaka engu-17 ngahlukaniswe nendodakazi yami, ngiye ngathola intsha eningi eshisekayo eBethel, engiyibheka njengezingane zami, nengikujabulelayo ukuyibona ithuthuka ngokomoya. Phakathi neminyaka engu-8 edlule, ngiye ngathola izabelo ezingu-7 ezihlukahlukene. Nakuba lolu shintsho lungazange lube lula ngaso sonke isikhathi, ukuqeqeshwa okunjalo kuyazuzisa ngemva kwesikhathi.
Ngangivame ukutshala uhlobo oluthile lukabhontshisi olwaluthela ngokuphindwe kayikhulu. Ngokufanayo, ngiye ngabona ukuthi lapho utshala okubi, uvuna okubi ngokuphindwe kayikhulu—futhi ungavuni kanye nje. Ukubhekana ngokuqondile nesenzakalo kuyisikole esinezifundo ezibiza kakhulu. Ngifisa sengathi ngabe angizange ngibhalise kuleso sikole, kunalokho, ngifisa sengathi ngabe ngakhuliswa ngezindlela zikaJehova. Yeka ilungelo enalo intsha eyakhuliswa abazali abangamaKristu! Akungabazeki ukuthi kungcono ukuhlwanyela okuhle enkonzweni kaJehova bese uvuna ukuthula nokwaneliseka ngokuphindwe kayikhulu.—Galathiya 6:7, 8.
Lapho ngiseyiphayona, ngezinye izikhathi ngangidlula ngasesitolo sezincwadi zenkolo engabhala odongeni lwaso isiqubulo sokuvukela. Ngake ngangena ngisho nangaphakathi ngakhuluma nomniniso ngoNkulunkulu ophilayo nangenjongo yakhe. Yebo, uNkulunkulu uyaphila! Ngaphezu kwalokho, uJehova, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, unguBaba othembekile, ongalokothi abalahle abantwana bakhe. (IsAmbulo 15:4) Kwangathi izixuku ezengeziwe ezivela kuzo zonke izizwe zingathola ipharadesi elingokomoya manje—nePharadesi elibuyiselwe elizayo—ngokukhonza nokudumisa uNkulunkulu ophilayo, uJehova!
[Umbhalo waphansi]
a Zinyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Izithombe ekhasini 26]
Ngishukunyiswa izimangaliso zendalo, nganquma enhliziyweni yami ukukholelwa kuNkulunkulu. (Ngakwesokudla) Ngisenkonzweni yaseBethel namuhla