Yima Uphelele, Unokuqiniseka Okuqinile
“Umsebenzi Wobuciko”
KUSUKELA ekuqaleni komlando wabo wanamuhla, oFakazi BakaJehova bebelokhu benesithakazelo esikhulu kwesinye seziprofetho zikaJesu Kristu: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Lapho kusondela u-1914—ukuqala ‘kwezinsuku zokugcina’—ngokuqiniseka okuqinile, abaFundi BeBhayibheli abaqotho baqala umkhankaso wokufundisa emhlabeni wonke, osekelwe emiBhalweni Engcwele.—2 Thimothewu 3:1.
Ukuze zifeze umgomo wazo wokumemezela izindaba ezinhle emhlabeni wonke, lezi zinceku zikaJehova zasebenzisa indlela eyayiyintsha, idinga isibindi futhi ikhanga. Ukuze sithole okwengeziwe ngayo, ake sibukeze okwenzeka.
Indlela Entsha Yokumemezela Izindaba Ezinhle
Ngu-January ka-1914. Zicabange uhlezi nabanye abantu abangu-5 000 ehholo elimnyama eNew York City. Phambi kwenu kunodonga lwezithombe ezinyakazayo. Kuvela indoda enezinwele ezimhlophe efake umjiva. Usuke wawabona amabhayisikobho angenamsindo, kodwa le ndoda iyakhuluma futhi uyayizwa. Usembukisweni wokuqala wento entsha shá kwezobuchwepheshe, futhi umyalezo wayo uhlukile. Isikhulumi nguCharles Taze Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Society, futhi lo mbukiso yi-“Photo-Drama of Creation.”
UC. T. Russell waqaphela ukuthi umbukiso wezithombe ezinyakazayo wawungafinyelela inqwaba yabantu. Ngakho, ngo-1912 waqala ukwenza i-“Photo-Drama of Creation.” Ekugcineni, yaba umbukiso wamahora angu-8 wezithombe zama-slide nezinyakazayo, onemibala nomsindo.
Njengoba yayenzelwe ukuba iboniswe ngezigaba ezine, i-“Photo-Drama” yayibonisa umlando wabantu kusukela endalweni kuya emvuthwandaba wenjongo kaJehova uNkulunkulu ngomhlaba nesintu ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Kwakusazodlula iminyaka eminingi ngaphambi kokuba ukusetshenziswa kwalobo buchwepheshe kuphumelele kwezentengiselwano. Nokho, izigidi zayibukela mahhala i-“Photo-Drama of Creation”!
Kwalungiselelwa izingoma zekhethelo kanye nezinkulumo ezingu-96 ezikumarekhodi egilamafoni ze-“Photo-Drama.” Kwenziwa ama-slide akhethekile (e-stereopticon) ngemifanekiso ephambili ebonisa umlando womhlaba. Kwadingeka futhi ukuba kudwetshwe amakhulu emifanekiso emisha. Amanye ama-slide namafilimu anombala adwetshwa ngesandla ngesineke. Futhi lokhu kwenziwa ngokuphindaphindiwe, ngoba kwagcina kwenziwé amasethi angu-20 anezingxenye ezine iyinye. Lokhu kwakwenza kwenzeka ukubonisa ingxenye ye-“Photo-Drama” emadolobheni ahlukene angu-80 ngosuku olulodwa!
Ekusithekeni
Kwakwenzekani ekusithekeni phakathi nemibukiso ye-“Photo-Drama”? “I-Drama yayiqala ngebhayisikobho yoMfoweth’ uRussell,” kusho umFundi WeBhayibheli u-Alice Hoffman. “Wayethi angavela emfanekisweni futhi izindebe zakhe ziqale ukunyakaza, bese kudlalwa igilamafoni . . . sijabulele ukulalela izwi lakhe.”
Ebhekisela ebucikweni bokwenza imifanekiso esheshisa izinto ngokungavamile, uZola Hoffman wakhumbula: “Ngahlala lapho ngikhexile njengoba sibuka umfanekiso wezinsuku zendalo. Kwakuneminduze eyayithombuluka kancane kancane sibheké ngawo womabili.”
Umthandi womculo uKarl F. Klein weNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova uyanezela: “Ngesikhathi esifanayo njengoba kuboniswa le mifanekiso, kwakudlala nomculo wekhethelo, njengeNarcissus neHumoreske.”
Kwakunezinye futhi izenzakalo ezingalibaleki. “Ngezinye izikhathi kwakwenzeka amaphutha ahlekisayo,” kukhumbula uClayton J. Woodworth, Jr. “Ngesinye isikhathi kwathi irekhodi lidlala ingoma ethi ‘Balekela Entabeni Yenu Njengenyoni,’ kwavela umfanekiso we-gigantosaurus, isilwane sangaphambi kukaZamcolo esikhulukazi”!
Ngaphezu kwe-“Photo-Drama of Creation” evamile, ngokushesha kwaba namasethi e-“Eureka Drama.” (Bheka ibhokisi.) Enye yayinezinkulumo eziqoshiwe nomculo. Enye yayinakho kokubili amarekhodi nama-slide. Nakuba i-“Eureka Drama” yayingenayo imifanekiso enyakazayo, yayiphumelela kakhulu lapho iboniswa ezindaweni ezinabantu abambalwa.
Ithuluzi Lokufakaza Elinamandla
Lapho kuphela u-1914, i-“Photo-Drama” yayisiboniswe izethameli eziyingqikithi engaphezu kuka-9 000 000 eNyakatho Melika, eYurophu nase-Australia. Nakuba babembalwa ngenani, abaFundi BeBhayibheli babenokuqiniseka okunamandla okwakudingeka ukuze kumenyezelwe izindaba ezinhle ngale ndlela entsha. Banikela ngokuzithandela ngezimali ezazidingeka ukuze kuqashwe izindawo ezifanelekayo zokudlala le mibukiso. Yawenza kanjalo-ke i-“Photo-Drama of Creation” umsebenzi omkhulu wokwenza izethameli zazi iZwi nezinjongo zikaNkulunkulu.
Encwadini ayeyibhalele uC. T. Russell, omunye umuntu wathi: “Lapho ngiqala ukuyobona i-Drama yenu ukuphila kwami kwashintsha; noma, mangithi ulwazi lwami lweBhayibheli lwashintsha.” Omunye wathi: “Bese ngiyongena obishini lokungakholwa futhi nginomuzwa wokuthi ngisindiswe yi-‘Photo-Drama of Creation’ edlalwe lapha ngehlobo elidlule . . . . Manje nginalokho kuthula izwe elingenakukunikeza futhi okungekho ngcebo yezwe engangenza ngikulahle.”
UDemetrius Papageorge, osenesikhathi eside eyilungu lomkhaya wasendlunkulu yeNhlangano, wathi: “I-‘Photo-Drama’ yayiwumsebenzi wobuciko uma sicabanga ngokuthi abaFundi BeBhayibheli babembalwa kanjani futhi izimali ezazitholakala zizincane kangakanani. Yayisekelwa umoya kaJehova ngempela!”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 8, 9]
I-“Eureka Drama”
Ngemva kwezinyanga ezingu-8 kudlalwé i-“Photo-Drama” ngokokuqala ngqá, iNhlangano yabona isidingo sokwenza olunye uhlelo lwayo olubizwa ngokuthi i-“Eureka Drama.” Nakuba i-“Photo-Drama” ephelele yaqhubeka idlalwa emadolobheni amakhulu, amasethi e-“Eureka” ayenikeza umyalezo oyisisekelo ofanayo emadolobheni amancane nasemaphandleni. Uma kuchazwa olunye uhlelo lwe-“Eureka Drama” kwathiwa lunikeza “odade ithuba elingavamile” lokushumayela. Ngani? Ngoba ipotimende layo lamarekhodi egilamafoni linesisindo esingamakhilogremu angu-14 kuphela. Yebo, ukuze kwenziwe umbukiso, kwakuyodingeka kuphathwe negilamafoni.