Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Latvia Iyasabela Ezindabeni Ezinhle
IBHAYIBHELI libonisa ngokucacile ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Labo asebeneminyaka eminingi bencishiwe ithuba lokuzwa izindaba ezinhle bayazizwa manje! ELatvia, njengakwezinye izingxenye zomhlaba, abantu babo bonke ubudala nezizinda ezihlukahlukene bayasabela esigijimini, njengoba kubonisa izenzakalo ezilandelayo.
• ERēzekne, idolobhana elisempumalanga yeLatvia, umama nendodakazi yakhe eyevile eshumini nambili bacela owesifazane othile emgwaqweni ukuba ababonise indlela. Ngemva kokubabonisa, lona wesifazane, ongomunye woFakazi BakaJehova, wabe esebamemela emihlanganweni yoFakazi.
Njengoba lo mama nendodakazi yakhe bobabili bengabantu abayithandayo inkolo, banquma ukuya emhlanganweni. Endleleni, bavumelana ngokuthi uma beke bathola noma yini engashayi khona, bazophuma bahambe ngaso leso sikhathi. Nokho, umhlangano wathakazelisa kangangokuthi abalokothanga bacabange ukuhamba. Bavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi baqala ukuba khona njalo emihlanganweni. Ngemva kwezinyanga ezintathu nje, bathi bafisa ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela futhi babebheke phambili ekubhapathizweni.
• Edolobheni elisentshonalanga yeLatvia, uFakazi othile wahlangana no-Anna oneminyaka engu-85 ubudala, owabonisa isithakazelo sangempela futhi wamukela isifundo seBhayibheli. Indodakazi yakhe namanye amalungu omndeni bamphikisa kakhulu. Kodwa u-Anna akakuvumelanga lokho noma ukukhula kwakhe nempilo engeyinhle ukuba kumvimbe ekuqhubekeni nesifundo sakhe seBhayibheli.
Ngolunye usuku, u-Anna watshela indodakazi yakhe ukuthi uzobhapathizwa. Indodakazi yakhe yaphendula ngokuthi: “Uma uke wabhapathizwa, ngizokuyisa ekhaya lezalukazi namakhehla.” Nokho, lolu songo alumkhinyabezanga u-Anna. Ngenxa yesimo sakhe esingokomzimba, wabhapathizelwa kwakhe.
Yasabela kanjani indodakazi ka-Anna kulokhu? Inhliziyo yayo yashintsha, futhi yalungiselela unina isidlo esikhethekile ngemva kobhapathizo. Yabe isimbuza unina, “Njengoba usubhapathiziwe nje manje, uzizwa kanjani?” Wathini u-Anna? “Njengosana olusanda kuzalwa!”
• Ngo-December 1998, oFakazi ababili bahlangana nesikhulu sempi saseSoviet Union esesathatha umhlalaphansi. Njengoba sasikholelwa kuMdali, sasamukela isifundo seBhayibheli, nomkaso wangenela kamuva. Bathuthuka ngokushesha futhi kungakabiphi base bengabamemezeli abangabhapathiziwe. Kwathi kuqambe kufika ihlobo elilandelayo, lesi sikhulu sase sibhapathiziwe. Uthando olukhulu lwalo mbhangqwana ngezinto ezingokomoya luye lwaba yisikhuthazo kubo bonke ebandleni. Ngaphezu kwalokho, bazikhandla emsebenzini wokushintsha isakhiwo sokuhlala esithile endaweni saba yiHholo LoMbuso elihle.