Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 12/15 k. 25
  • Akukephuzi Kakhulu Ukuba Ukhonze UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Akukephuzi Kakhulu Ukuba Ukhonze UNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Abahluphekayo Bayoke Babe Nokuthula?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Latvia Iyasabela Ezindabeni Ezinhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • “Emlonyeni Wezingane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • “Ninesidingo Sokukhuthazela”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 12/15 k. 25

Akukephuzi Kakhulu Ukuba Ukhonze UNkulunkulu

EMálaga eseningizimu yeSpain, umama nendodakazi yakhe eqanjwe ngegama lakhe elithi Ana babhapathizwa ngo-December 19, 2009. Babephakathi kwabantu abangu-2 352 abathatha lesi sinyathelo eSpain ngo-2009. Kodwa kunokuthile okuthakazelisa kakhulu ngalo mama nendodakazi yakhe—iminyaka yabo. Umama wayeneminyaka engu-107 ubudala kanti indodakazi inengu-83!

Yini eyaholela ekubeni babhapathizwe, babonakalise ukuzinikezela kwabo kuJehova? Ekuqaleni kwawo-1970, kwakunomakhelwane onguFakazi owayejwayele ukumemela u-Ana oyindodakazi eSifundweni Sencwadi Sebandla esasiqhutshelwa emzini wakhe. U-Ana wayeba khona ngezikhathi ezithile. Nokho, akazange aqhubeke ethuthuka ngenxa yomsebenzi wakhe wokuziphilisa.

Ngemva kweminyaka eyishumi, abanye babantwana baka-Ana baqala ukufundelwa iBhayibheli futhi ngokuhamba kwesikhathi baba izinceku zikaJehova. Omunye wabo, uMari Carmen, wagcina eluvuselele uthando lukanina ngeqiniso leBhayibheli futhi wamsiza ukuba amukele isifundo seBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, nogogo kaMari Carmen, u-Ana omdala, waqala ukuba nesithakazelo eBhayibhelini. Ekugcineni, amalungu ayishumi alo mndeni athatha isinyathelo sokubhapathizwa.

Ngosuku ababhapathizwa ngalo, bobabili o-Ana, umama nendodakazi, babechichima injabulo. U-Ana oneminyaka engu-107 wathi: “UJehova ube nomusa kakhulu kimi ngokuba angivumele ukuba ngimazi.” Indodakazi yanezela: “Ngifuna ukukhonza uJehova ngenze intando yakhe futhi ngishumayele izindaba ezinhle kakhulu ngangokunokwenzeka lingakafiki iPharadesi.”

Bobabili sebengabafelokazi, kodwa ukuba semihlanganweni kubajabulisa ngokukhethekile. Omunye wabadala ebandleni labo uthi: “Abaphuthi nakowodwa umhlangano. Bahlale bekulungele ukuphendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda.”

Isibonelo sabo sokwethembeka sisikhumbuza umfelokazi okuthiwa u-Ana “owayengakaze aphuthe ethempelini, enikela inkonzo engcwele ubusuku nemini ngokuzila ukudla nangokunxusa.” Lokhu kwamenza wathola ilungelo lokubona usana olunguJesu. (Luka 2:36-38) Nakuba ayeseneminyaka engu-84 ubudala, u-Ana wayengemdala kakhulu ukuba akhonze uJehova, futhi kunjalo nangalab’ o-Ana ababili abangobizo bakhe.

Ingabe unezihlobo ezizimisele ukulalela isigijimi seBhayibheli? Noma ingabe wake wahlangana nomuntu osekhulile onesithakazelo ovumayo ukukulalela lapho ufika kwakhe? Abantu abanjalo bangaba njengalab’ o-Ana, okukhulunywa ngabo kule ndaba, ngoba akukephuzi kakhulu ukuba baqale ukukhonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]

“UJehova ube nomusa kakhulu kimi”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]

“Ngifuna ukukhonza uJehova lingakafiki iPharadesi”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela