I-video Ehloselwe Ukuthinta Izinhliziyo Zentsha
UKUBUKA i-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? kwakhuthaza intsha eningi ukuba ihlolisise ukuziphatha kwayo.a Le video iqukethe iseluleko esihlakaniphile esisekelwe emiBhalweni, okushiwo intsha engamaKristu iveza imizwa yayo, kanye nedrama yesimanje ethinta inhliziyo esekelwe endabeni eseBhayibhelini kaDina. (UGenesise, isahluko 34) Nakhu okwashiwo ngale video eMexico:
UMartha uthi: “Le video yayithinta ngokujulile inhliziyo yami. Ungathi yayenzelwe mina nje. Ngangicabanga ukuthi kwanele ukuthi othisha bami nezingane engifunda nazo bayazi ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova. Angizange ngikufakazele lokho ngokubashumayeza. Ngiyabonga ngakho konke ukwaziswa esikunikezwa uJehova, ikakhulu uma kusithinta ngokujulile njengoba kwenza le video.”
UJuan Carlos uthi: “Le video ikwenza ucabange ngempela. Njengoba ngiseyinsizwa nje, ngiye ngenza amaphutha athile futhi ngakwazi ukuqonda isimo sabanye abalingiswa kule drama. Eminyakeni ethile edlule ngangiphila ukuphila okumbaxa-mbili, kodwa ngabona ukuthi leyo ndlela yokuphila ingadala izinkinga. Ngemva kokubuka le video, ngazimisela ukwethembeka kuJehova.”
USulem uyavuma: “Ngesikhathi ngibuka le video, ngathinteka kakhulu. Ngase ngiyekile ukufunda iBhayibheli, futhi ngangingathandazi kangako kuJehova. Lapho ngilalele okwakushiwo intsha kule video, ngashukumiseleka ukuba ngiphinde ngiqale ukutadisha iBhayibheli futhi ngithandaze kuJehova.”
Intsha ibhekene nezinselele eziningi namuhla, futhi abangane ebakhethayo bangayithonya kakhulu indlela ephila ngayo. (IHubo 26:4; IzAga 13:20) I-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? isiza abaningi bakwazi ukwenza izinqumo ezinhle kulesi sici.
[Umbhalo waphansi]
a Ikhishwa oFakazi BakaJehova.