Ukukhulekela Kweqiniso Kuhlanganisa Umkhaya
UMARIA wayeneminyaka engu-13 ubudala lapho yena nodadewabo omncane, uLucy, betshelwa yisihlobo sabo ngoJehova. Sabachazela nangethemba lePharadesi elizoba semhlabeni. Benesithakazelo, baya naso eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Yamhlaba umxhwele uMaria imfundo ecacile eyayinikezwa lapho. Kwakuhluke kakhulu kunasesontweni, lapho kwakungenziwa lutho ngaphandle kokuhlabelela! Ngokushesha laba bantwana base befunda iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova.
Umfowabo omdala, uHugo, wayethanda ifilosofi nesayensi yokuziphendukela kwemvelo. Wayethi akakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kodwa ngesikhathi eyisosha, wafunda incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?a Wathola izimpendulo zemibuzo okungekho enye inkolo eyayikwazi ukuyiphendula. Lapho eqeda ebusosheni, waqala ukuqinisa ukholo lwakhe olusha kuNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli nangokuya emihlanganweni nodadewabo. UMaria noLucy babhapathizwa ngo-1992, ngemva kweminyaka emibili bezwe iqiniso, umfowabo yena wabhapathizwa eminyakeni emibili ngemva kwalokho.
Phakathi nalesi sikhathi, abazali babo, ababeshisekela amasiko obuKatolika, babengenasithakazelo eqinisweni. Babethi oFakazi BakaJehova banesicefe, nakuba babeyitusa imikhuba yabo emihle nokugqoka ngesizotha kwentsha engoFakazi izingane zabo ezaziyimemela ekhaya labo. Futhi, ngezikhathi zokudla, babeba nelukuluku lokwazi lapho izingane zabo zikhuluma ngezinto ezizifunde emihlanganweni.
Nokho, bobabili abazali babesebenzisa imimoya. Ubaba wayeyisidakwa esishaya umama. Kwase kusele kancane umkhaya uhlukane. Ubaba wabe eseboshwa amasonto amabili ngenxa yokuba yisixhwanguxhwangu ephuzile. Esejele, waqala ukufunda iBhayibheli. Njengoba efunda, wahlangana namazwi kaJesu aphathelene nophawu lwezinsuku zokugcina. Bedidekile, bobabili ubaba nomama baya eHholo LoMbuso futhi bavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya. Lapho bezwa iqiniso, bazilahla zonke izincwadi zabo zokusebenzisa imimoya bakhululeka nasekuhlaselweni amademoni ngokubiza igama likaJehova. Baqala ukwenza izinguquko ezinkulu ebuntwini babo.
Ungacabanga ukuthi kwabathinta kanjani oMaria noLucy ukubukela abazali babo bebhapathizwa nguHugo komunye wemihlangano yesigodi eBolivia ngo-1999. Sekuyiminyaka engu-9 kusukela uMaria noLucy bezwa ngoJehova nangezithembiso zakhe. Manje basenkonzweni yesikhathi esigcwele kanye noHugo. Abeve bejabula ngokuthi ukukhulekela kweqiniso kuye kwawuhlanganisa umkhaya wakubo!
[Umbhalo waphansi]
a Ikhishwa oFakazi BakaJehova.